Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 26, 2006. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-May 1 kuya ku-June 26, 2006. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kuyini ukushintshashintsha kwezwi, futhi kungani kubalulekile? [be-ZU k. 111, amabhokisi]
2. Singalishintshashintsha kanjani ijubane lapho sinikeza inkulumo? [be-ZU k. 112 isig. 3–k. 113 isig. 1, ibhokisi]
3. Singayibonisa kanjani intshiseko ngenkulumo yethu, futhi kungani lokhu kubalulekile? [be-ZU k. 115 isig. 1–k. 116 isig. 2, amabhokisi]
4. Lapho sifundisa abanye, kungani imfudumalo ibalulekile, futhi yini engasisiza ukuba siyibonise? [be-ZU k. 118 isig. 2–k. 119 isig. 5]
5. Chaza ukubaluleka kokushukuma komzimba nesimo sobuso lapho kuxoxwa. (Math. 12:48, 49) [be-ZU k. 121, amabhokisi] ISABELO NO. 1
6. Incwadi kaJobe imdumisa kanjani uJehova futhi izigcizelela kanjani izindinganiso zakhe zokulunga okufanele siphile ngazo? [si-ZU k. 100 izig. 39, 41]
7. Yini efakazela ukuba yiqiniso kwencwadi yamaHubo? [si-ZU k. 102 izig. 10-11]
8. Lisho ukuthini igama elithi ‘ukuqonda’ elivela encwadini yezAga 13:16? [w04-ZU 7/15 k. 28 izig. 2-3]
9. Umoya ongcwele usebenza kanjani njengomsizi, futhi ukwazi lokhu kufanele kusikhuthaze ukuba senzeni? (Joh. 14:25, 26) [be-ZU k. 19 izig. 2-3]
10. Ngokuvamile ukuza noma ukufika kukaJesu kunamuphi umqondo, futhi wayebhekisela kukuphi ‘ukuza’ njengoba kulotshwe kuMathewu 16:28? [w04-ZU 3/1 k. 16 ibhokisi]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Yini esingayifunda endleleni uJobe aphendula ngayo uJehova njengoba kuboniswe kuJobe 42:1-6?
12. Iyini “into eyize” izizwe ezilokhu ziyivungazela? (IHu. 2:1, 2)
13. Iziphi izisekelo ezidilizwayo? (IHu. 11:3)
14. Umuntu ozidlayo ‘uvuzwa’ kanjani “ngokudlulele”? (IHu. 31:23)
15. Iyiphi induduzo esingayithola kumaHubo 40 engasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nokungapheleli kwenyama yethu enesono nezinhlekelele ezihlukahlukene zalesi simiso sezinto? (IHu. 40:1, 2, 5, 12)