ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 12
INgoma 218
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezisebenzayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 15 ne-Phaphama! ka-June. Komunye wale miboniso, makuhanjiswe umagazini ngokwethukela.
20 imiz: “Inkonzo Yethu—Umsebenzi Obonisa Ububele.”a Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imibhalo ekhonjiwe.
15 imiz: Ukwethemba “Inceku Ethembekileyo Neqondayo.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe esahlukweni 3 sencwadi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.
INgoma 47 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 19
INgoma 21
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz: Yeka Ukuthi Lihle Kanjani Izwi Ngesikhathi Salo Esifanele! Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 2006, amakhasi 16-19. Esethulweni, qokomisa izinzuzo ezine zokuncoma abanye ezichazwe ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ubuhle Bokuncoma.” Yibe usucela izilaleli ukuba ziphendule imibuzo elandelayo: Ubani okufanelekela kakhulu ukuba simdumise? Kungani kufaneleka ukuba sibancome abakhulekeli esikanye nabo? Yimaphi amathuba esinawo okuncoma abanye ebandleni? Kungani kuzuzisa ukuncoma amalungu omkhaya, futhi singakwenza kanjani lokho? Ukunconywa kuye kwakukhuthaza noma kwakuqinisa kanjani?
15 imiz: “Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuncoma.”b Hlanganisa nomboniso omfushane wommemezeli olalelisisa umninikhaya, amncome ngobuqotho, abese akhela kulokho umninikhaya akushoyo ngokumfundela umbhalo ofanelekayo.
INgoma 96 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 26
INgoma 63
15 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July. Ngemva komboniso ngamunye, ummemezeli ubuza umbuzo oshukumisa ingqondo ongase uphendulwe ekuhambeleni okulandelayo kusetshenziswa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
15 imiz: Ukuhlanganyela Nebandla Elikhuluma Olunye Ulimi. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2006, amakhasi 17-20. Hlanganisa nalokho okushiwo encwadini Ukuhlelelwa, ikhasi 112, isigaba 2. Yenza indaba isebenze ebandleni. Ungase uhlanganise nengxoxo noyedwa noma ababili abafuna ukwandisa inkonzo yabo ngokufunda olunye ulimi. (Uma kufaneleka kangcono endaweni yakini, esikhundleni sale nkulumo ningase ninikeze inkulumo ethi “UJehova Akasoze Akushiya,” esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 2005, amakhasi 8-11. Le ngxenye kufanele isingathwe njengenkulumo.)
15 imiz: Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngo-July. Iziphi izihloko ezithakazelisa abantu abaningi ensimini yenu? Xoxa kafushane nommemezeli oyedwa noma ababili abaye bayisebenzisa ngokuphumelelayo incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli futhi mhlawumbe baqala isifundo seBhayibheli. Yibe sewenza umboniso wendlu ngendlu wentshumayelo yokuhambisa incwadi, usebenzisa intshumayelo eye yaphumelela ensimini yebandla.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, ik. 8, isig. 5.
INgoma 208 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 3
INgoma 111
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-June uma bengakakwenzi lokho.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Indlela Yokufinyelela Imigomo Yakho Engokomoya.”c Cela intsha ebandleni ukuba isho imigomo yayo engokomoya nokuthi yini eyenzayo ukuze iyifinyelele. Ungase uhlele kusengaphambili ukuxoxa noyedwa noma ababili.
INgoma 30 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.