Inkonzo Yethu—Umsebenzi Obonisa Ububele
1 UJesu waqaphela ukuthi izixuku ezazilalela isigijimi sakhe “zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Math. 9:36) Ngomusa nangothando, wazifundisa izindlela zikaJehova, waziduduza futhi wanakekela izidingo zazo ezingokomoya ngobubele. Njengoba sizindla ngezindlela zikaJesu, sifunda ukucabanga nokuzizwa njengaye, futhi le mfanelo yobubele iba sobala enkonzweni yethu.
2 Ake uzinike ithuba lokucabanga ngendlela uJesu asabela ngayo lapho abantu ababedinga usizo beza kuye. (Luka 5:12, 13; 8:43-48) Wayebacabangela labo ababenezimo ezikhethekile. (Marku 7:31-35) Wayeyiqaphela indlela abanye abazizwa ngayo futhi ebonisa ukukhathalela. Wayengabheki ukubonakala kwangaphandle nje kuphela. (Luka 7:36-40) Yebo, uJesu wabubonisa ngokuphelele ububele bukaNkulunkulu.
3 “Waba Nesihawu”: UJesu akazange afeze inkonzo yakhe ngenxa nje yomuzwa wokugcina icala. ‘Wayenesihawu’ ngabantu. (Marku 6:34) Nathi namuhla asihambisi nje isigijimi kodwa sizama ukusindisa ukuphila kwabantu okuyigugu. Zama ukuqonda ukuthi kungani abantu besabela ngendlela abasabela ngayo. Kungani bekhathazekile? Ingabe abelusi benkolo yamanga ababanaki futhi bayabaphuphuthekisa? Ukuba nesithakazelo esiqotho kwabanye kungase kubashukumisele ukuba balalele izindaba ezinhle.—2 Kor. 6:4, 6.
4 Ububele buthinta izinhliziyo. Ngokwesibonelo: Owesifazane othile waba lusizi kakhulu lapho eshonelwa indodakazi yakhe enezinyanga ezintathu. Lapho kufika oFakazi ababili kwakhe, wabangenisa ngenjongo yokubaphikisa endabeni yokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Nokho, kamuva lona wesifazane wathi: “Bangilalela bebonisa ububele obukhulu, futhi lapho sebehamba, ngase ngizizwa ngingcono kakhulu ngaze ngavuma ukuba baphinde bangivakashele.” Ingabe uzama ukubonisa ububele kubo bonke ohlangana nabo ensimini?
5 Ukuhlakulela ububele kuyosisiza ukuba sibaduduze ngempela abanye. Ngokwenza kanjalo, sikhazimulisa “uYise wesihe,” uJehova.—2 Kor. 1:3.