IZaziso
◼ Ngo-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Njengoba u-July enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, uzoba inyanga ekahle kakhulu yokukhonza njengephayona elisizayo.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma kune-akhawunti yasebhange eseceleni, njengeyokulungisa noma yokwakha ihholo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okubala nezimali ezikuleyo akhawunti. Uma sekuphelile ukubala, kufanele kwaziswe ibandla kuhlanganiswe nombiko wezimali olandelayo. Sicela amabandla acelé ukubhaliswa njengeziNhlangano Ezizuzisa Umphakathi (ama-PBO) ukuba athumele amarekhodi awo ezimali zebandla ka-March, April no-May ehhovisi legatsha ngemva kokubalwa kwezimali. Lapho niwathumela, bhalani emvilophini ukuthi Accounting Office.
◼ Sihlela ukuba kube nomhlangano wesifunda wolimi lwezandla e-Eikenhof Assembly Hall ngo-August 26, 27 2006. Lona kuzoba umhlangano wesifunda wokuqala ngqa ozoba ngolimi lwezandla kuphela. Bonke labo abangazuza kulesi simiso bamenywa ngokufudumele ukuba babe khona. Nakuba ukuba khona kulo mhlangano kungase kube izindleko ezinkulu, uzonikeza labo abayizithulu ensimini yaseNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane ithuba lokuba basondelane.
◼ Ama-Compact Disc Amasha Atholakalayo:
A Satisfying Life—How to Attain It—ngesiNgisi
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?—ngesiNgisi