Ungasishintsha Yini Isimiso Sakho?
1. Kungani kufanele sishintshe isimiso sethu sokushumayela?
1 NjengamaKristu eqiniso, siye samukela isimemo sokuba “abadobi babantu.” (Math. 4:19) Njengabadobi bangempela, cishe siyothola imiphumela emihle emsebenzini wokudoba abantu uma sihlela ukushumayela ngesikhathi abatholakala ngaso. Ngezikhathi zantambama noma kusihlwa, abantu abaningi basuke sebekhona emakhaya. Ngokuvamile, basuke bephumule futhi bekulungele kangcono ukwamukela izivakashi. Ungasishintsha yini isimiso sakho ukuze ukwazi ukushumayela ngalezo zikhathi?—1 Kor. 9:23.
2. Yiziphi ezinye izindlela esingafinyelela ngazo abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle?
2 Ukushumayela Kusihlwa: Ukuhlela kusengaphambili ukushumayela ngezikhathi zakusihlwa kungase kusenze sikwazi ukufinyelela abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle. (IzAga 21:5) Intsha ingase ikwazi ukushumayela uma isibuyile esikoleni. Abanye bangase bakwazi ukwenza kanjalo lapho sebeshayisile emsebenzini. Amanye amaqembu esifundo sencwadi angase ahlele ukuba ashumayele ihora elilodwa ngaphambi kwesifundo samasonto onke.
3. Ensimini yakini, ungashumayela ngaziphi izindlela ngezikhathi zantambama nakusihlwa?
3 Ukushumayela endlini ngendlu ngezikhathi zantambama noma kusihlwa kungase kuphumele ekubeni sixoxe nalabo esivame ukungabatholi emakhaya. Ezindaweni eziningi esishumayela kuzo, umsebenzi kamagazini nezinye izindlela zokushumayela kungase kwenziwe kusihlwa. Kanti abaningi bathola ukuthi isikhathi sakusihlwa singesingcono kunazo zonke sokubuyela kwabanesithakazelo nokuqala izifundo zeBhayibheli.
4. Kungani kubalulekile ukuba sizibonakalise njengabantu abanokuqonda nabacabangela abanye lapho sisenkonzweni yokushumayela kusihlwa?
4 Kudingeka Ukuqonda: Kudingeka ukwahlulela okuhle lapho sihlanganyela emsebenzini wokushumayela kusihlwa. Ngokuvamile, kungcono kakhulu ukushumayela lapho kusanda kuhwalala, kunokufika ngesikhathi lapho abaninikhaya sebelungela ukuyolala. (Fil. 4:5) Uma ningqongqoza emnyango, yimani lapho ningase nibonakale khona, futhi nizichaze ngokucacile ukuthi ningobani. Chazani ngokushesha ukuthi iyini injongo yenu yokubahambela. Uma nifike ngesikhathi esibi, njengalapho umkhaya udla, kumelwe nicele ukubuya ngesinye isikhathi. Bonisani ukucabangela ngaso sonke isikhathi.—Math. 7:12.
5. Singazigwema kanjani izingozi ezingase zisehlele ngesikhathi sisashumayela?
5 Kumelwe siqaphele nezingozi ezingase zisehlele. Uma nishumayela kusihlwa noma sekuhwalele, kuwukuhlakanipha ukuhamba ngababili noma ngamaqembu. Sebenzisani imigwaqo enezibani, futhi enabantu. Shumayelani ezindaweni enizizwa nilondekile kuzo kuphela. Gwemani lezo ezingase zibe yingozi kusihlwa.—IzAga 22:3.
6. Iyiphi enye inzuzo engatholakala ngokushumayela ntambama nakusihlwa?
6 Ukushumayela ntambama nakusihlwa kungase kusinike ithuba lokusebenza namaphayona asizayo navamile. (Roma 1:12) Ungasishintsha yini isimiso sakho ukuze ukwazi ukuhlanganyela kulesi sici senkonzo?