Ingabe Uyawacela Amagama Abanye Abantu Ongaya Kubo?
Uma kunesifundo seBhayibheli osiqhubayo njengamanje, kungani ungabuzi umfundi ukuthi bakhona yini abanye abangane, izihlobo, noma abantu ajwayelene nabo abangathanda ukuzwa lokho iBhayibheli elikufundisayo? Ngokuvamile ungase uthole amagama amaningana. Uma umfundi evuma, ungabatshela labo bantu ukuthi uwatholephi amagama abo lapho ubahambele ukuze usikisele isifundo seBhayibheli. Ungase uthi, “U-[Igama lomfundi] ubelokhu ekujabulela ukufunda iBhayibheli, futhi ucabanga ukuthi nawe ungase ukujabulele ukuzuza ohlelweni lwethu lwezifundo zeBhayibheli zamahhala.” Yibe usubonisa kafushane ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani, usebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
Uma ufunda nomuntu othuthuka kahle, ungase umkhuthaze ukuba achazele abangane namalungu omkhaya anesithakazelo ngelungiselelo lesifundo. Angase abameme ukuba babe khona lapho nifunda. Noma uma izimo zingakuvumeli lokho, angase ahlele ukuba uhlangane nabo ubabonise ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani. Ukwenza kanjalo kungakhuthaza umfundi ukuba aqale ukutshela abanye ngolwazi lwakhe lweBhayibheli.
Abantu ophindela kubo njalo nabo bangase bakunike amanye amagama, nakuba bona bengakasamukeli isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Uma ubahambisela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, ungase ubuze, “Ukhona yini omunye umuntu omaziyo ongakujabulela ukuba nale ncwadi?”
Ngenxa yokuphuthuma kwezikhathi, sifuna ukusebenzisa wonke amathuba avelayo ukuze sisize abantu bezwe futhi bamukele izindaba ezinhle. Ingabe uyawacela amagama abanye abantu ongaya kubo?