IZaziso
◼ Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenzani umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: Hlalani Nilindile!, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo kanye nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi.
◼ Onobhala bamabandla kufanele babe namafomu anele e-Sicelo Senkonzo Yobuphayona Obuvamile (S-205) nawe-Sicelo Senkonzo Yobuphayona Obusizayo (S-205b). La mafomu angase a-odwe nge-Literature Request Form (S-14). Okungenani yibani nesitokwe sonyaka wonke. Ngaphambi kokuba nithumele amafomu ezicelo zamaphayona avamile ehhovisi legatsha, qinisekani ukuthi agcwaliswe kahle.
◼ Unobhala kufanele aqiniseke ukuthi iKomiti Yokwakha Yesifunda ihlala inolwazi ngesimo sabo bonke abamemezeli ababhapathiziwe abaye bagcwalisa amafomu athi Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82). Uma kunoshintsho oluthile esimweni sevolontiya, njengalapho lithutha noma lituswa njengenceku ekhonzayo noma umdala, kufanele kugcwaliswe ifomu elisha lithunyelwe ngokushesha ekomitini. Uma ikheli levolontiya noma inombolo yocingo ishintsha noma uma lingasenakho ukuma okuhle nebandla, abadala kufanele bazise iKomiti Yokwakha Yesifunda ngencwadi. Amafomu i-S-82 agcwalisiwe asemafayilini ebandla kufanele anikezwe umbonisi ojikelezayo ukuze awahlole lapho ehambele ibandla.
◼ Ngaphambi kokuba kuqalwe umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso—kungaba owokwakha ihholo elisha noma ukulivuselela—abadala kufanele baxhumane neKomiti Yokwakha Yesifunda eyabelwe kuleso sifunda. Amakomiti esifunda anolwazi olungaba usizo emabandleni ukuze enze izinqumo ezihlakaniphile maqondana nokuthenga indawo nempahla yokwakha kanye nezinye izinto. Kuwukuhlakanipha ukucabangela okusikiselwa ikomiti yesifunda ngaphambi kokuthenga indawo ngisho nezinto ezinjengezihlalo, iphepha lokuhlobisa udonga, ukhaphethi nezinto zokufudumeza isakhiwo kanye neziphephetha-moya.
◼ Kubalulekile ukuba ihhovisi legatsha libe namakheli nezinombolo zocingo ezisebenzayo zabo bonke ababonisi abengamele nonobhala. Noma nini lapho kuba noshintsho, iKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele igcwalise, isayine, futhi ithumele ifomu elithi Ushintsho Lwekheli Lombonisi Owengamele/Likanobhala (S-29) ehhovisi legatsha ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa nanoma iluphi ushintsho kuma-code endawo ocingo.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ka-2005. Le miqulu iyotholakala ngesiJalimane, isiNgisi nangesiPutukezi. Kuze kube yilapho isitholakala futhi ithunyelwa, kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” ezinhlwini zezincwadi ezithunyelwe ebandleni. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokukhethekile.
◼ Kusukela ngo-March kuqhubeke, amaBhayibheli anoqwembe oluthambile asenga-odwa ngesiNgisi nesiPutukezi: Ngaphandle kwe-Nguqulo Yezwe Elisha evamile enoqwembe oluqinile, sekutholakala neyenguqulo evamile enoqwembe oluthambile. Nakuba leli Bhayibheli elinoqwembe oluthambile lihloselwe ngokuyinhloko ukuhanjiswa ensimini, abamemezeli bangase bathande ukuzitholela lona. Uma iBhayibheli elinoqwembe oluthambile selitholakala ebandleni lenu, iBhayibheli elinoqwembe oluqinile akufanele lihanjiswe ensimini. Nokho, abamemezeli basazoqhubeka bethola iBhayibheli elinoqwembe oluqinile. Amabandla kufanele agcine isitokwe samakhophi ambalwa kuphela eBhayibheli elinoqwembe oluqinile, ngoba lizosetshenziswa kuphela abamemezeli noma labo ababa khona njalo emihlanganweni. Sizani niphawule ukuthi ngaphambi koku-oda iBhayibheli elinoqwembe othambile ngesiNgisi nesiPutukezi, kufanele niqhubeke nisebenzisa amaBhayibheli anoqwembe oluqinile kuze kube yilapho esenciphile esitokweni sebandla. Ngemva kwalokho, ningabe seni-oda amaBhayibheli anoqwembe oluthambile egatsheni. (Sizani nibheke incwadi ka-September 15, 2005 eyabhalelwa wonke amabandla ukuze nithole ukwaziswa okwengeziwe.)
◼ Baxhumanisi babaphathi bezincwadi, sicela niphawule: Uma ni-oda noma yimaphi amaBhayibheli avamile anoqwembe oluthambile, sebenzisani unombolo 5116 kanye nophawu oluthi bi12. (Phawulani ukuthi amaBhayibheli ezilimi zabansundu atholakala ngoqwembe oluthambile kuphela.) Uma ni-oda amaBhayibheli avamile anoqwembe oluqinile ngesiNgisi nesiPutukezi, nisebenzise unombolo 5112 nophawu oluthi Hbi12.
◼ Ihhovisi legatsha alibathumeleli abamemezeli ngabanye ama-oda ezincwadi. Abamemezeli kufanele ba-ode izincwadi zabo ngebandla. Umbonisi owengamele ukufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba kuthunyelwe egatsheni i-oda lebandla lezincwadi lazinyanga zonke ukuze bonke abafisa ukuzitholela izincwadi ezithile batshele umzalwane ophatha izincwadi. Sicela nikhumbule njalo ukuthi yiziphi izincwadi ezi-odwa ngokukhethekile. Kufanele zi-odwe yibandla lapho kunabathile abazicelile kuphela. Ifomu i-Literature Request Form (S-14) kufanele lithunyelwe ngokushesha inyanga ngayinye.
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
The Good News According to Matthew—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
What Does the Bible Really Teach?—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
When Someone You Love Dies—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
Worship the Only True God—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
I-albhamu ye-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki (engenalutho) yoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Ama-video Amasha Atholakalayo:
What Does the Bible Really Teach?—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Izincwadi Ezintsha Ze-Braille Ezitholakalayo:
Organized to Do Jehovah’s Will—ngesiNgisi sika-Grade 2