Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 24, 2006. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-March 6 kuya ku-April 24, 2006. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Lapho sifundisa, kungani kufanele sihlabe ikhefu njalo lapho sishintsha umqondo, kodwa yini engase isenze singakwenzi lokho? [be-ZU k. 98 izig. 3-4]
2. Kungani kubalulekile ukuhlaba ikhefu lapho sishumayela? [be-ZU k. 100 izig. 1-5]
3. Kungani kubalulekile ukugcizelela umqondo lapho sinikeza inkulumo, futhi singakwazi kanjani ukuwugcizelela kahle? [be-ZU k. 101 izig. 1-5, ibhokisi]
4. Lapho sifundela iningi, singaqikelela kanjani ukuthi imiqondo eyinhloko endabeni yethu iyagcizeleleka? [be-ZU k. 105 izig. 1-6]
5. Kungani izwi elifanele libalulekile lapho sifundisa, futhi singathola kanjani ukuthi lingakanani izwi okufanele silisebenzise? [be-ZU kk. 107-8]
ISABELO NO. 1
6. Isimo samaKristu namuhla sifana kanjani nesika-Esteri noMoridekayi, futhi singasilingisa kanjani isibonelo sabo? [si-ZU k. 94 isig. 17]
7. USolomoni wayebhekiselephi lapho ethi “konke kwakuyize nokulwela ukufica umoya”? (UmSh. 2:11) [w04-ZU 10/15 k. 4 izig. 3-4]
8. Singaluhlakulela kanjani uthando ngoNkulunkulu? (Marku 12:30) [w04-ZU 3/1 kk. 19-21]
9. Imuphi umehluko okhona phakathi kwezindinganiso ezingokomoya nokuthanda izinto ezibonakalayo? [w04-ZU 10/15 kk. 5-7]
10. Yini engasisiza ukuba silalele singaphazamiseki emihlanganweni emincane nemikhulu? [be-ZU kk. 15-16]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Kungani ubuso bukaHamani bambozwa? (Est. 7:8)
12. Yisidalwa somoya esinjani esathonya ukucabanga kuka-Elifazi? (Jobe 4:15, 16) [w05-ZU 9/15 k. 26 isig. 2]
13. Ingabe amazwi kaJobe akuJobe 7:9, 10 nakuJobe 10:21 abonisa ukuthi wayengakholelwa ovukweni?
14. Yini okungenzeka uJobe wayeyiqondile lapho ethi “ngiphunyuka ngesikhumba samazinyo ami”? (Jobe 19:20)
15. Wayesho ukuthini uJobe lapho ethi, “ngeke ngiziphuce ubuqotho bami,” futhi yini esingayifunda kulokhu? (Jobe 27:5)