IZaziso
Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
◼ Njengoba u-October enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, uyoba inyanga ekahle kakhulu yokukhonza njengamaphayona asizayo.
◼ Esinye sezenezelo zale Nkonzo Yethu YoMbuso “ISimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2006,” ngakho kufanele nisigcine kahle ukuze nisisebenzise phakathi nawo wonke unyaka ka-2006.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Izimemo ZeSikhumbuzo sika-2006 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Lezi zimemo ziyotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, iSipedi, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Kumelwe zi-odwe ngamaqoqo ekhulu ulimi ngalunye. Sicela nisebenzise ubuhlakani lapho ni-oda ngoba izimemo zenzelwe abantu abanesithakazelo kuphela, hhayi ukusakazwa emphakathini.
◼ Ngezikhathi ezithile abantu baye bashayele igatsha ucingo bebuza ngokunikela esikhwameni esikhethekile sezinhlekelele, njengaleyo esanda kwenzeka ye-tsunami eNingizimu-mpumalanga Asia. Esikhathini esizayo, yonke iminikelo yokusiza ezinhlekeleleni noma kokunye, kufanele ifakwe emnikelweni womsebenzi womhlaba wonke ebandleni, noma ithunyelwe ngokuqondile ehhovisi legatsha. Izindleko zokusiza lapho kunezinhlekelele khona zikhokhelwa ngeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke.
◼ Sicela nibhale igama, inombolo yebandla kanye nenombolo yedepho noma ikheli lenu kuzo zonke izincwadi enizibhalela ihhovisi legatsha. Lokhu kuyosisiza kakhulu sikwazi ukubona umnyango okufanele zithunyelwe kuwo ngokushesha. Abantu ngabanye ababhala izincwadi kufanele babhale igama nekheli labo ngokucacile ngaphambili emvilophini, phezulu kwesobunxele.