Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuba Nomusa
1 Ekhumbula mhla eqala ukuhlangana nomunye woFakazi BakaJehova, owesifazane othile owayengabathandi oFakazi wathi: “Angisakhumbuli ukuthi saxoxa ngani, kodwa engikukhumbulayo yindlela ayenomusa ngayo kimi, nendlela ayenobungane futhi ethobeke ngayo. Ngazizwa ngimthanda ngempela.” La mazwi aqokomisa ukubaluleka kokubonisa isithakazelo esiqotho kulabo esishumayela kubo.—Fil. 2:4.
2 Uthando Lunomusa: Enye indlela esingabonisa ngayo uthando kwabanye ukuba nomusa. (1 Kor. 13:4) Umuntu onomusa uyikhathalela ngobuqotho inhlalakahle yabanye, afune ukubenzela izinto eziwusizo. Wona kanye umsebenzi wokushumayela uyisenzo somusa. Kodwa uma sibakhathalela ngempela abantu lokhu kuyobonakala ngokungagcini nje ngokushumayela kubo. Zonke izindlela esisebenzelana ngazo nabantu—ukuba nobungane, ukuba nesimilo, indlela esilalela ngayo, izinto esizishoyo nendlela esizisho ngayo, ngisho nendlela esibabheka ngayo abanye—ziyobonisa ukuthi siyabakhathalela ngempela.—Math. 8:2, 3.
3 Ukubakhathalela ngothando abantu kuyosishukumisela nokuba sifune ukubasiza ngezindlela ezingokoqobo. Lapho eshumayela endlini ngendlu, omunye umzalwane oyiphayona wakhakhabiswa kabi umfelokazi osekhulile lapho ezwa ukuthi unguFakazi. Wamtshela ukuthi ubeseladini ekhishini ezama ukushintsha isibani njengoba lo mzalwane engqongqoza. Lo mzalwane wathi: “Kuyingozi ukwenza lokho uwedwa.” Umfelokazi wamngenisa endlini. Umzalwane wamshintshela isibani maqede wavalelisa. Lapho indodana yalo mfelokazi ifika ngemva nje kwalokho izombona, wayitshela okwenzekile. Yahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuba yamfuna lo mzalwane ukuze imbonge. Lokhu kwaholela engxoxweni emnandi, futhi le ndodana yamukela isifundo seBhayibheli.
4 Ngokuba nomusa, silingisa indlela uJehova abathanda ngayo abantu futhi sihlobisa isigijimi soMbuso. Ngakho-ke, kwangathi njalo ‘singazitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokuba nomusa.’—2 Kor. 6:4, 6.