Sebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha
1 Isifiso sethu sokujabulisa uJehova sisishukumisela ukuba sigxilise ukuphila kwethu ezintweni ezingokomoya. IZwi lakhe lisiyala ukuba ‘siqhubeke sifuna umbuso kuqala’ futhi ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Math. 6:33; Fil. 1:10) Singasithengisisa kanjani isikhathi sezinto eziphathelene noMbuso futhi sigcine izinto ezingabalulekile kangako zisendaweni efanele?—Efe. 5:15-17.
2 Beka Izinto ZoMbuso Kuqala: Hlela isikhathi sakho ukuze singadliwa izinto ezingabalulekile. Ekuqaleni kwenyanga ngayinye, abanye babhala ekhalendeni izinsuku eziqondile abazoya ngazo enkonzweni yasensimini bese beqiniseka ukuthi abavumeli ezinye izinto zibaphazamise kulokho abakuhlelile. Kungenziwa okufanayo nangokuthengisisa isikhathi semihlangano yebandla, isifundo somuntu siqu nesemihlangano emikhulu. Abaningi banesimiso sansuku zonke esiqala noma siphethe ngokufundwa kweBhayibheli. Bekela eceleni isikhathi esiqondile somsebenzi ngamunye obalulekile, futhi ungavumeli ezinye izinto ziphazamise ngokungenasidingo.—UmSh. 3:1; 1 Kor. 14:40.
3 Sebenzisa Izwe Ngokusesilinganisweni: Kwamanye amazwe, imidlalo, ezokuzijabulisa, ezokuzilibazisa neminye iminako yokuphila kutholakala kalula. Abaningi bachitha isikhathi esiningi bebukela ithelevishini noma besebenzisa ama-computer. Nokho, ukuba matasa kakhulu ngezinto zokuzijabulisa nezintwana eziwubuchwepheshe ezintsha zaleli zwe kuyokubangela ukuba udumale. (1 Joh. 2:15-17) Ngakho, imiBhalo isinxusa ukuba singalisebenzisi izwe ngokugcwele. (1 Kor. 7:31) Ngokulalela leso seluleko esihlakaniphile, ungabonisa uJehova ukuthi ukumkhulekela kuza kuqala ekuphileni kwakho.—Math. 6:19-21.
4 Isikhathi esisalele lesi simiso sezinto sesiyaphela. Labo ababeka izithakazelo zoMbuso kuqala bazojabula futhi bazothola umusa kaNkulunkulu. (IzAga 8:32-35; Jak. 1:25) Ngakho, kwangathi singayisebenzisa ngokuhlakanipha le mpahla eyigugu, isikhathi sethu.