Ukufakaza Ngaphandle Kwamazwi
1 Ngaphandle kwezwi, indalo kaJehova ebonakalayo isitshela lukhulu ngezimfanelo zakhe ezingabonakali. (IHu. 19:1-3; Roma 1:20) Ngendlela efanayo, inkambo yethu enhle yokuziphatha, izimfanelo zethu zobuKristu nokubukeka kwethu okunesizotha kunikeza ubufakazi ngaphandle kwamazwi. (1 Pet. 2:12; 3:1-4) Ngamunye wethu kufanele abe nesifiso ‘sokuhlobisa imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke’ ngendlela esiziphatha ngayo.—Thithu 2:10.
2 Abantu abangaphelele bangabunezela kanjani ubuhle ezimfundisweni zeBhayibheli? Bangakwenza ngesiqondiso seZwi likaNkulunkulu nangamandla omoya ongcwele kuphela. (IHu. 119:105; 143:10) Izwi likaNkulunkulu “liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili.” (Heb. 4:12) Lingena lijule kithi bese liyasisiza ukuba sigqoke ubuntu obusha. (Kol. 3:9, 10) Umoya ongcwele uveza izimfanelo ezinhle kithi, ezinjengomusa, ubuhle, ubumnene nokuzithiba. (Gal. 5:22, 23) Thina ngabanye, siyalivumela yini izwi likaNkulunkulu kanye nomoya wakhe ukuba kusebenze ekuphileni kwethu?—Efe. 4:30; 1 Thes. 2:13.
3 Abanye Bayaqaphela: Lapho siphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova futhi sizikhandla ekubonakaliseni izimfanelo zakhe, abanye abantu bayaqaphela. Ngokwesibonelo, ake ucabange ngendoda ethile eyayigconwa abantu esebenza nabo ngenxa yokuthi yayimfushane. Kodwa udade owayesebenza ehhovisi elifanayo wayeyiphatha ngenhlonipho ngaso sonke isikhathi. Lokhu kwayishukumisela ukuba ibuze lo dade ukuthi kungani yena ayehluke kangaka. Udade wachaza ukuthi ukubonisa kwakhe inhlonipho kwakuwumphumela wokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakhe. Wabuye wayixoxela ngethemba elimangalisayo loMbuso. Le ndoda yaqala ukufunda iBhayibheli futhi yathuthuka kancane kancane yaze yabhapathizwa. Lapho isibuyela emuva ekhaya, izihlobo zayo zahlatshwa umxhwele inkambo yayo enhle yokuziphatha futhi eziningana zazo zamukela iqiniso.
4 Inkambo enhle yokuziphatha kanye nokushumayela kwethu kungashukumisela abanye ukuba banikeze uNkulunkulu inkazimulo, kungakhathaliseki ukuthi sisemsebenzini, esikoleni, noma lapho sisebenzelana nezihlobo nomakhelwane.—Math. 5:16.