Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/05 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-August 8
  • Isonto Eliqala Ngo-August 15
  • Isonto Eliqala Ngo-August 22
  • Isonto Eliqala Ngo-August 29
  • Isonto Eliqala Ngo-September 5
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 8/05 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-August 8

INgoma 125

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khumbuza abamemezeli ngezinsuku zomhlangano wesifunda nokhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2006 uma senizazi. Yenza umboniso owodwa noma emibili wezintshumayelo zokwenza izimpindelo kulabo abamukela izincwajana, ezisikiselwe esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2005.

10 imiz: “Ungakhonza Yini Lapho Kunendingeko Enkulu Khona?” Inkulumo enikezwa ngomdlandla umdala othanda inkonzo, ekhuthaza izilaleli ukuba zihlole izimo zazo ngobuqotho ukuze zibone ukuthi zingasamukela yini lesi simemo. Bukeza namaphuzu asencwadini Ukuhlelelwa, amakhasi 111-12.

25 imiz: “Manje Isikhathi Sokushumayela!”a Hlela kusengaphambili ukuba iphayona elivamile elilodwa noma amabili alandise ngoshintsho alwenza ukuze aphayone nezibusiso azithola ngenxa yalokho.

INgoma 197 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-August 15

INgoma 11

10 imiz: Izaziso zebandla. Sebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 (uma kufaneleka ensimini yenu) ukuze ubonise indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-August 15 ne-Phaphama! ka-September 8. Hlela ukuba umdala nommemezeli ogulayo benze umboniso wokushumayela ngocingo.

15 imiz: Ingabe Uyakhumbula? Ingxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 2005, ekhasini 30. Cela izilaleli ukuba ziphendule umbuzo ngamunye. Qokomisa ukuba usizo kwalokhu kwaziswa. Bakhuthaze bonke ukuba bawufunde ngokucophelela umagazini ngamunye INqabayokulinda ne-Phaphama!

20 imiz: “Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli Simi Emnyango Noma Ngocingo.”b Hlanganisa nomboniso omfushane, obonisa indlela esingaqala ngayo isifundo seBhayibheli nomuntu esiqala ngqa ukukhuluma naye, sisebenzisa isigaba esisodwa noma ezimbili encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Landisa kafushane okuhlangenwe nakho okokudwa noma okubili okukhuthazayo ngokuqala izifundo ngocingo.

INgoma 30 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-August 22

INgoma 161

10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Kulo nyaka amabandla engeziwe anengxenye emkhankasweni wensimu engabelwe. Nikeza umbiko ngentuthuko eyenziwa ensimini engabelwe. Yazisa ibandla ngamalungiselelo ka-September. Xoxa noyedwa noma ababili abaye bathola impumelelo kuze kube manje.

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: “Ukushumayela NgoMbuso—Kuyilungelo Eliyigugu.”c Lapho senixoxa ngesigaba 4, bukeza ilungiselelo elikhethekile lokuba labo abangasakwazi ukwenza okwengeziwe ensimini ngenxa yokuguga noma ngenxa yezinkinga zempilo babike isikhathi senkonzo yasensimini esisukela emizuzwini engu-15.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2002, k. 12, isig. 6.

INgoma 204 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-August 29

INgoma 45

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-August ngokushesha. Singathanda ukufinyelela elinye inani elisha eliphakeme labamemezeli ngo-August. Bonke ababonisi bezifundo zencwadi kufanele bacele imibiko kubo bonke emaqenjini abo ukuze ibe isihlanganisiwe ngo-September 6. Kufanele baqiniseke nangokuthi noma imiphi imibiko esilele kulo nyaka wenkonzo inikezwa unobhala. Kungaba usizo uma unobhala engabhala uhlu lwayo yonke imibiko esilele kusenesikhathi abese elunika umbonisi ngamunye wesifundo sencwadi. Sebenzisa ukusikisela okusekhasini 8 (uma kufaneleka ensimini yenu), ubonise indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-September 1 ne-Phaphama! ka-September 8. Komunye wale miboniso emibili, ummemezeli makabonise indlela yokwenza impindelo emzileni kamagazini.

15 imiz: “Ukufakaza Ngaphandle Kwamazwi.”d Khetha abamemezeli abathile bese ubacela ukuba balandise ukuthi ukubona inkambo enhle yokuziphatha kwabantu bakaNkulunkulu kwabasiza kanjani ukuba babe izinceku zikaJehova.

20 imiz: Qokomisa IBhayibheli Lapho Uqala Ukukhuluma Nomuntu. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Bukeza ukusikisela kwe-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2004, ikhasi 4, isigaba 2, maqondana nokusiza abantu esiqala ngqa ukuxoxa nabo ukuba banake iZwi likaNkulunkulu. Yenza umboniso wendlela esingasebenzisa ngayo intshumayelo eyodwa noma ezimbili ezasikiselwa kuleyo Nkonzo Yethu YoMbuso lapho sihambisa isipho sika-September. Uma isikhathi sivuma, ningase nixoxe nangezintshumayelo zokuhambisa incwadi ezasikiselwa esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, nenze nomboniso.

INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 5

INgoma 98

10 imiz: Izaziso zebandla.

15 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo—Ingxenye 12.”e Hlela kusengaphambili ukuba ummemezeli oyedwa noma ababili balandise ukuthi yini eyabasiza bathuthuka endabeni yokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli.

20 imiz: Ukuhlela Ukuba Kusizwe Asebekhulile. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1993, amakhasi 28-9, esihlokwaneni esithi “Ukuhlela Kubalulekile.” Yisho amalungiselelo enziwe ebandleni okusiza abagulayo nasebekhulile.

INgoma 164 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela