Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 27, 2005. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-May 2 kuya ku-June 27, 2005. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kungani ukusebenzisa iziqhathaniso nezingathekiso kuyizindlela ezinamandla zokufundisa? (Gen. 22:17; IHu. 1:3; Jak. 3:6) [be-ZU k. 240 izig. 2-4, ibhokisi]
2. Singazitholaphi izibonelo ezifundisa izifundo eziwusizo, kodwa yini okufanele siyiqaphele maqondana nalokhu? [be-ZU k. 242 izig. 2-3]
3. Yini okufanele siyikhumbule lapho sikhetha imifanekiso eyozuzisa kakhulu? [be-ZU k. 244 izig. 1-2]
4. Kungani kufanele sisebenzise izinsiza-kufundisa lapho sifundisa, futhi uJehova wazisebenzisa kanjani? [be-ZU k. 247 izig. 1-2, ibhokisi]
5. Singazisebenzisa kanjani izinsiza-kufundisa enkonzweni yasensimini? [be-ZU k. 248 isig. 1–k. 249 isig. 2]
ISABELO NO. 1
6. Isiphi isiqondiso esiseZwini likaNkulunkulu ngokuqondene nokufundisa abantwana? [w03-ZU 3/15 k. 12 isig. 2; k. 14 isig. 4]
7. UJehova wasibonisa kanjani isithakazelo kuDavide ngesikhathi esemncane, futhi uDavide wabonisa kanjani uyamthanda uJehova? [w03-ZU 4/15 k. 29 isig. 3; k. 30 isig. 3]
8. Kungani umhlatshelo ka-Abela wamjabulisa uJehova, futhi lokhu kusiqinisekisa ngani? (Gen. 4:4) [w03-ZU 5/1 k. 28 isig. 4–k. 29 isig. 1]
9. Yisiphi “isiyalo sikaJehova” incwadi yezAga 3:11 esiyala ukuba singasenqabi? [w03-ZU 10/1 k. 20 izig. 2-4]
10. Kusho ukuthini ‘ukwaneliswa’ njengoba kukhulunywa ngakho kweyoku-1 Thimothewu 6:6-8? [w03-ZU 6/1 k. 9 izig. 1-2; k. 10 isig. 1]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Sasifanekiselani isibopho sothando esasiphakathi kukaJonathani noDavide? (2 Sam. 1:26) [w89-ZU 1/1 k. 26 isig. 13]
12. Yini esingayifunda ngomzamo kaDavide wokuqala wokuletha umphongolo wesivumelwano eJerusalema? (2 Sam. 6:2-9)
13. Ngemva kokuba uDavide noBhati-sheba bonile, kungani kwadingeka indodana yabo ife, njengoba incwadi kaDuteronomi 24:16 nekaHezekeli 18:20 zithi indodana ngeke ife ngesono sikayise? (2 Sam. 12:14; 22:31)
14. Sazi kanjani ukuthi okwashiwo uZiba ngoMefibhosheti kwakungamanga? (2 Sam. 16:1-4)
15. Kungani indlela uMefibhosheti asingatha ngayo indaba kaZiba iyisibonelo esihle kithi? (2 Sam. 19:24-30)