Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/05 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 4/05 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Apr. 15

“Namuhla kutholakala indathane yokwaziswa, akunjalo? [Lindela impendulo.] Nokho, akukho ukwaziswa okubaluleke ngaphezu kwalokho okuchazwe kuleli vesi. [Funda uJohane 17:3.] Lo magazini uchaza ukuthi isho ukuthini inkulumo ethi ‘ukuphila okuphakade’ nokuthi singaluthola kanjani ulwazi oluholela kukho.”

INqabayokulinda May 1

“Lapho sishonelwa umuntu esimthandayo, ngokwemvelo siye sifise ukumbona futhi, akunjalo? [Lindela impendulo.] Isithembiso seBhayibheli sovuko siye sabaduduza abaningi. [Funda uJohane 5:28, 29.] Lo magazini uchaza ukuthi luyokwenzeka nini uvuko nokuthi obani ngempela abayozuza kulo.”

Phaphama! May 8

“Nakuba kungenzeka ukuthi uJesu Kristu waziwa kangcono kunanoma imuphi umuntu owake waphila, abantu abaningi bayazibuza ukuthi ungubani ngempela. Uthi bewazi nje ukuthi nabaphostoli bakaJesu uqobo babezibuza lo mbuzo? [Lindela impendulo, bese ufunda uMarku 4:41.] Lo magazini uhlola lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuthi ungubani ngempela uJesu.”

“Abazali abaningi bayakukhetha lokho abavumela izingane zabo ukuba zikubuke. Ingabe bekulokhu kuyinselele ukuthola amabhayisikobho afanelekayo angabukwa umkhaya wakho? [Lindela impendulo, bese ufunda eyabase-Efesu 4:17.] Lo magazini ubonisa indlela abazali abangasiza ngayo izingane zabo zikhethe izinto zokuzijabulisa ezakhayo.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela