Izindaba Ezingokwasezulwini
◼ Siyajabula ukunazisa ukuthi kunamanye amaHholo OMbuso angu-8 anikezelwe ala mabandla: iBronkhorstspruit North, iMandela Park (eKapa), iLusikisiki East, iFort Beaufort Central, iFolweni West, iWhittlesea, neColenso. AmaKomiti Okwakha Esifunda enza umsebenzi omuhle kakhulu ekusingatheni ukwakhiwa nokunakekelwa kwamaHholo OMbuso ethu. Siyanibonga ngokusekela kwenu la makomiti emsebenzini wawo.
◼ Umkhankaso wensimu engabelwe eNingizimu Afrika wango-August kuya ku-October waba impumelelo enkulu. UJehova wayibusisa imizamo yabamemezeli abangu-10 040 ababa nengxenye emkhankasweni wango-2004. Bahambisela abantu abathakazelayo izincwadi ezingu-4 149, izincwajana ezingu-38 179, nomagazini abangu-58 490. Basebenza amahora angu-84 331, benza izimpindelo ezingu-7 388, baqhuba nezifundo zeBhayibheli ezingu-74.
Amaphayona akhethekile esikhashana angu-26, ásebenza ensimini engabelwe ngaleyo nkathi, aba nesikhathi esimnandi. Asebenza amahora angu-10 693, ahambisa izincwadi ezingu-661, izincwajana ezingu-2 688, omagazini abangu-3 508, enza izimpindelo ezingu-3 793, aqhuba nezifundo zeBhayibheli ezingu-553. Siyababonga bonke abahlanganyela kulo mkhankaso futhi siyawazisa umoya wenu wokuzidela.