IZaziso
◼ Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma ibandla linenye i-akhawunti yamasheke, njengeyokunakekela noma yokwakha iHholo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba izimali ezikuleyo akhawunti nazo zibalwe. Uma lokhu sekwenziwe, kufanele ibandla laziswe ngalokhu embikweni wezimali olandelayo.
◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma kukhona akuthola kunzima ukufinyelela amahora afunekayo, abadala kufanele bahlele ukuba asizwe. Sicela nibukeze incwadi ephuma minyaka yonke i-S-201 ukuze nithole ukusikisela.
◼ Isihloko senkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-2005 sizothi “Kungani UJesu Ahlupheka Futhi Wafa?” Bhekani isaziso esihlobene nalesi kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2004.
◼ Sicela nibe khona nonke eMhlanganweni Weningi ngeSonto, March 20, lapho kwenziwa isimemezelo esikhethekile maqondana nokuthile okuyonikezwa abamemezeli.
◼ Ihhovisi legatsha alibathumeleli abamemezeli ngabanye ama-oda ezincwadi. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba kuthunyelwe ehhovisi legatsha i-oda lebandla lezincwadi lazinyanga zonke ukuze bonke abafisa ukuzitholela izincwadi ezithile batshele umzalwane ophatha izincwadi. Sicela nikhumbule njalo ukuthi iziphi izincwadi ezi-odwa ngokukhethekile.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! (Ebhalwe Ngokugqamile)—ngesiNgisi, ngesiPutukezi nangesiShayina Esilula (Pinyin)
INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele (enkulu)—ngesi- Shayina Esilula (Pinyin)
◼ Ama-video Amasha Atholakalayo:
Sing Praises to Jehovah—On Videocassette, Volume 3—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo: Sing Praises to Jehovah—On DVD, Volume 3—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika