Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-February 28, 2005. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-January 3 kuya ku-February 28, 2005. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Singayenza kanjani inkulumo yethu iqondakale ngokwengeziwe? [be-ZU k. 226 isig. 1–k. 227 isig. 1]
2. Yimaphi amagama okungadingeka achazwe? [be-ZU k. 227 isig. 2–k. 228 isig. 1]
3. Iyiphi indlela engasisiza ukuba sethule indaba ngendlela efundisa ngempela ezilalelini zethu? [be-ZU k. 231 izig. 1-3]
4. Singawufunda kanjani umBhalo ojwayelekile ngendlela efundisayo ezilalelini zethu? [be-ZU k. 231 izig. 4-5]
5. Ungaba yini umphumela wokukhuthaza izilaleli zethu ukuba zigxile emininingwaneni ethile ekulandiseni kweBhayibheli ezikujwayele? [be-ZU k. 232 izig. 2-4]
ISABELO NO. 1
6. Kuhlanganisani ukufundisa abantu ukuba ‘besabe uNkulunkulu weqiniso bagcine imiyalo yakhe’? (UmSh. 12:13) [be-ZU k. 272 isig. 3–k. 273 isig. 1]
7. Singenza kanjani ukuba singagcini nje ngokugcizelela igama likaJehova kodwa sigcizelele nohlobo lomuntu ayilo? (Joweli 2:32) [be-ZU k. 274 izig. 3-5]
8. Kubaluleke kangakanani ukungenisa ulwazi ngoJesu nokufakaza ngaye? (Joh. 17:3) [be-ZU k. 276 isig. 1]
9. Ubuhlobo obamukelekayo noNkulunkulu kanye nokuqonda iBhayibheli kuhlobene kanjani ngokuqondile nokuqonda indima kaJesu? [be-ZU k. 276 isig. 2]
10. Singakubonisa kanjani ukuthi siyakholelwa ngempela ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi? [be-ZU k. 277 isig. 4]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Ingabe ubaba ka-Abrahama, uThera, wayengumkhulekeli wezithombe? (Josh. 24:2)]
12. Ingabe uGideyoni wayentula isibindi sokufeza isabelo ayesinikwe uJehova? Kungani uphendula kanjalo? (AbaHl. 6:25-27)
13. Yini esingayifunda endleleni uGideyoni akhuluma ngayo nesizwe sakwa-Efrayimi? (AbaHl. 8:1-3)
14. Isimo sabantu baseGibheya sokungafuni ukungenisa izihambi sasibonisani? (AbaHl. 19:14, 15)
15. Uma ‘lowo nalowo ayenza lokho okulungile emehlweni akhe,’ ingabe lokhu kwakukhuthaza isiyaluyalu? (AbaHl. 21:25)