Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/04 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 12/04 k. 7

IZaziso

◼ Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1990 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi esitokweni, sicela nibuze amabandla aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezisele ezindala eningazisebenzisa. Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Izimemo ZeSikhumbuzo sango-2005 e-odeni lawo lezincwadi lika-January. Lezi zimemo zizotholakala ngesiBhunu, ngesiFulentshi, ngesiNgisi, ngesiPedi, ngesiPutukezi, ngesiShona, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiXhosa nangesiZulu. Kufanele zi-odwe ngamaqoqo ekhulu ulimi ngalunye. Sicela ni-ode ngobuhlakani ngoba izimemo zenzelwe abantu abathakazelayo kuphela, hhayi ukusakazwa emphakathini.

◼ Uchungechunge lwezihloko olukhuluma ngokuqonda odokotela olukuyi-Phaphama! ka-February 8, 2005 luklanyelwe ukusiza abantu babaqonde kangcono odokotela babo. Nokho, asingabazi ukuthi lezi zihloko ziyobathakazelisa nodokotela, njengoba zikhuluma ngezizathu ezenze abanye odokotela bakhangwa isigijimi seBhayibheli sethemba. Ungase uthande uku-oda omagazini abengeziwe futhi wenze umzamo okhethekile wokunikeza udokotela wakho owodwa kanye nabanye ochwepheshe bezokwelapha. Amabandla kufanele asheshe alazise igatsha uma ezolandisa i-oda lalo magazini.

◼ Sicela niphawule ukuthi iSikhumbuzo sonyaka ka-2006 siyoba ngoLwesithathu, April 12, ngemva kokushona kwelanga. Lesi saziso senziwa kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukufaka izicelo zokubekisa amahholo atholakalayo ngalolu suku uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa futhi kudingeka ukuba kutholakale ezinye izindawo. Ezimweni ezinjalo, abadala kufanele benze isivumelwano nabaphathi, esiqinisekisa ukuthi azikho ezinye izinto eziphazamisayo ezizokwenziwa kuleso sakhiwo ukuze umkhosi weSikhumbuzo uqhutshwe ngokuthula nokuhleleka.

◼ Ngenxa yokubaluleka kwalesi senzakalo, lapho yabela isikhulumi esizonikeza inkulumo yeSikhumbuzo, indikimba yabadala kufanele ikhethe omunye wabazalwane abafaneleka kangcono kunokuba bashintshane noma basebenzise isikhulumi esisodwa unyaka nonyaka. Uma ekhona umdala ongomunye wabagcotshiweyo ongase akwazi ukuyinikeza le nkulumo kufanele kukhethwe yena.

◼ Kusukela ngesonto lika-June 27, 2005, sizofunda incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli eSifundweni Sencwadi Sebandla.

◼ Amabandla asengaqala manje ukufaka ama-oda e-Watchtower Library—2003 Edition. Le CD izotholakala ngesiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiNtaliyane nangesiPutukezi. Sicela nikhumbule ukuthi le CD i-odwa ngokulinganisela. Akuyona eyokusakazwa emphakathini, ukufakwa emitatsheni yezincwadi yesikole, noma eyokunikwa abantu abamane nje bebonisa isithakazelo koFakazi BakaJehova. I-Watchtower Library ilungiselelwe amalungu ebandla futhi itholakala ngebandla kuphela.

◼ Ama-Compact Disc Amasha Atholakalayo:

Appreciating Our Spiritual Heritage—ngesiNgisi

Doing God’s Will With Zeal—ngesiNgisi

Doing What Is Right in Jehovah’s Eyes—ngesiNgisi

Marked for Survival—ngesiNgisi

Preserving Life in Time of Famine—ngesiNgisi

Why Respect Theocratic Arrangements?—ngesiNgisi

◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:

Spirits of the Dead—Can They Help You or Harm You? Do They Really Exist?—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela