Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/04 kk. 4-7
  • Umsebenzi Osekelwa NguNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsebenzi Osekelwa NguNkulunkulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Unikeza Amandla Angaphezu Kwavamile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Lazise Ilungelo Lakho Lenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Inzuzo Ezedlula Zonke Yemfundo Yaphezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indlela Yokuba Yizikhonzi Eziphumelelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 12/04 kk. 4-7

Umsebenzi Osekelwa NguNkulunkulu

1 Phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu namuhla, zimbalwa ezifunde kakhulu, ezicebe kakhulu, noma eziyizilomo kulesi simiso samanje sezinto. Ngenxa yalokho, abanye abantu bayibukela phansi inkonzo yethu. (Isaya 53:3) Nokho, umsebenzi esiwenzayo wokufundisa iBhayibheli uye walethela izigidi zabantu emhlabeni wonke induduzo nethemba. Abantu abavamile baye bayithola kanjani imiphumela emihle kanjalo? Ngenxa yokusekelwa uNkulunkulu kuphela. (Math. 28:19, 20; IzE. 1:8) Umphostoli uPawulu wachaza: “UNkulunkulu wakhetha izinto ezibuthakathaka zezwe, ukuze ahlazise izinto ezinamandla.”—1 Kor. 1:26-29.

2 Iningi labaphostoli namanye amaKristu ekhulu lokuqala ‘lalingafundile’ futhi lingabantu ‘abavamile.’ (IzE. 4:13) Noma kunjalo, bawenza ngesibindi umsebenzi wabo wokushumayela izindaba ezinhle, futhi uJehova wayibusisa imizamo yabo. Naphezu kwezingqinamba zokuphikiswa, “izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba ngendlela enamandla.” Akukho okwakungavimba lo msebenzi ngoba wawusekelwa uNkulunkulu. (IzE. 5:38, 39; 19:20) Kunjalo nanamuhla. Ngisho nokuphikisa okunonya kwababusi abanamandla kuye kwahluleka ukunqanda izindaba ezinhle ukuba zingandi futhi zinqobe.—Isaya 54:17.

3 Lonke Udumo Luya KuNkulunkulu: Kufanele yini sizishaye izifuba ngelungelo elikhethekile esinalo lokuba izikhonzi zikaNkulunkulu? Lutho neze. Ekhuluma ngenkonzo yamaKristu, uPawulu wabhala: “Sinale ngcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu angabi ngavela kithi.” (2 Kor. 4:7) UPawulu wakuqaphela ukuthi wakwazi ukufeza inkonzo yakhe kuphela ngamandla awanikwa uNkulunkulu.—Efe. 6:19, 20; Fil. 4:13.

4 Nathi siyaqaphela ukuthi umsebenzi wokushumayela siwenza kuphela ngenxa yokuthi siye ‘sathola usizo oluvela kuNkulunkulu.’ (IzE. 26:22) Ngalokhu kushumayela emhlabeni wonke, uJehova usisebenzisa ngendlela ephawulekayo ukuba sizamazamise izizwe zonke—okuyisixwayiso sembhubhiso yokwahlulela esisemnyango. (Hag. 2:7) Yeka ukuthi sinelungelo elingakanani lokuba ‘yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu’ ekuvuneni okukhulu okungokomoya!—1 Kor. 3:6-9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela