Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-December 27, 2004. Umqhubi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-November 1 kuya ku-December 27, 2004. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi Isikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Iyiphi enye yezindlela ezingcono kakhulu yokuvusa isithakazelo sezilaleli endabeni? [be-ZU k. 218 isig. 3]
2. Yisho izici ezinhlanu zesiphetho esiphumelelayo. [be-ZU k. 220 isig. 4–k. 221 isig. 4]
3. Singaqiniseka kanjani ukuthi esikushoyo kunembile? [be-ZU k. 224 ibhokisi]
4. Singaqiniseka kanjani ukuthi esikukhulumayo emihlanganweni kubonisa ukuthi siyihlonipha kakhulu indima yebandla yokuba ‘insika nozime lweqiniso’? (1 Thim. 3:15) [be-ZU k. 224 izig. 1-4]
5. Uma kuziwa ezindabeni ezisematheni, izingcaphuno nokuhlangenwe nakho, singazisebenzisa kanjani izAga 14:15? [be-ZU k. 225 isig. 1]
ISABELO NO. 1
6. Singabalwa kanjani isikhathi esisukela kuZamcolo siye ekudalweni kuka-Adamu? [si-ZU k. 286 isig. 12]
7. Lungatholakala kanjani usuku lokuqala kwenkonzo kaJesu, futhi isekelwephi inkolelo yokuthi yathatha iminyaka emithathu nengxenye kuphela? [si-ZU k. 287 isig. 16]
8. (a) Laphuma nini ‘izwi lokuba kubuyiselwe futhi kwakhiwe kabusha iJerusalema’? (b) Kwakuzodlula iminyaka emingaki kusukela ngaleso sikhathi kuze kube ilapho uJesu efika njengoMesiya? (Dan. 9:24-27) [si-ZU k. 291 izig. 18-19]
9. Yini ehilelekile ekuxoliseni okuqotho ‘okwakha ukuthula nomfowenu’? (Math. 5:23, 24) [w02-ZU 11/1 k. 6 izig. 1, 5]
10. Eyesi-2 AmaKhosi 13:18, 19 isifundisani maqondana nokufeza imisebenzi uNkulunkulu asabele yona? [w02-ZU 12/1 k. 31 izig. 1-2]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Kungani ama-Israyeli ayenganika umfokazi noma athengisele owesinye isizwe isilwane esifile esingophiswanga leso wona ayengeke asidle? (Dut. 14:21)
12. Sifundani kuDuteronomi 20:5-7?
13. Kungani ukuthatha “itshe lokugaya noma imbokodo yalo njengesibambiso” kwakufaniswa nokuthatha ‘ukuphila’? (Dut. 24:6)
14. Njengoba ama-Israyeli ayenqatshelwe ukudla noma imaphi amanoni, kwakusho ukuthini-ke ukudla kwawo “amafutha [amanoni] ezinqama”? (Dut. 32:13, 14)
15. Ingabe ukhona umfuziselo wanamuhla wenkambo ka-Akhani yokona? (Josh. 7:1-26) [w86-ZU 12/15 k. 20 isig. 20]