INgxenye 3: Ukusebenzisa ImiBhalo Ngokuphumelelayo
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1. Kungani kufanele sigcizelele imiBhalo lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli?
1 Injongo yethu ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli ‘ukwenza abafundi’ ngokusiza abantu baqonde futhi bamukele izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu futhi bazisebenzise ekuphileni kwabo. (Math. 28:19, 20; 1 Thes. 2:13) Ngakho, isifundo kufanele sigxile emiBhalweni. Ekuqaleni, kungase kusize ukubonisa abafundi indlela yokuthola amavesi athile emaBhayibhelini abo. Kodwa singayisebenzisa kanjani imiBhalo ukusiza abanjalo bathuthuke ngokomoya?
2. Sinquma kanjani ukuthi imiphi imiBhalo yeBhayibheli okufanele siyifunde futhi sixoxe ngayo?
2 Khetha amavesi enizowafunda: Lapho ulungiselela, thola ukuthi umBhalo ngamunye okhonjiwe uhlobana kanjani nephuzu elikhulunyelwayo, bese unquma ukuthi imiphi enizoyifunda futhi nixoxe ngayo phakathi nesifundo. Ngokuvamile kuhle ukufunda imiBhalo ebonisa ukuthi zisekelwephi izinkolelo zethu. Kungase kungadingeki ukufunda imiBhalo echaza isizinda sendaba. Cabangela izidingo nezimo zomfundi ngamunye.
3. Kuzuzisa ngani ukusebenzisa imibuzo, futhi singakwenza kanjani lokho?
3 Sebenzisa imibuzo: Kunokuchazela umfundi amavesi eBhayibheli, mcele kube nguye okuchazela wona. Ungamshukumisela ukuba enze lokhu ngokusebenzisa imibuzo ngekhono. Uma kusobala ukuthi usebenza kanjani umBhalo, ungase nje ubuze ukuthi lowo mBhalo ukusekela kanjani lokho okushiwo esigabeni. Kwezinye izimo, kungase kudingeke ubuze umbuzo noma imibuzo eminingana eqondile ukuze uholele umfundi esiphethweni esifanele. Uma kudingeka ulichaze ngokwengeziwe lelo phuzu, lokho ungakwenza ngemva kokuba umfundi ephendulile.
4. Kufanele siyichaze kangakanani imiBhalo esiyifundayo?
4 Sigcine silula: Ngokuvamile, umcibi onekhono kudingeka akucibe kanye nje lokho akuqondile. Ngokufanayo, umfundisi onekhono akadingi indathane yamagama ukuze agcizelele iphuzu elithile. Angakhulumela iphuzu kalula, ngokucacile, nangokunembile. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke ucwaninge ezincwadini zobuKristu ukuze uqonde umBhalo futhi uwuchaze ngokunembile. (2 Thim. 2:15) Kodwa kugweme ukuzama ukuchaza konke okushiwo umBhalo ngamunye esifundweni. Yisho kuphela lokho okudingekayo ukuze ucacise iphuzu enifunda ngalo.
5, 6. Singabasiza kanjani abantu abafundelwayo ukuba basebenzise iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwabo, kodwa yini okufanele siyigweme?
5 Bonisa ukuthi isebenza kanjani: Lapho kufaneleka, siza umfundi abone indlela imiBhalo yeBhayibheli esebenza ngayo kuye ngokwakhe. Ngokwesibonelo, lapho ufunda amaHebheru 10:24, 25 nomfundi ongakaqali ukuya emihlanganweni yobuKristu, ungase umchazele ngomunye wemihlangano futhi ummeme ukuba eze kuwo. Kodwa kugweme ukumphoqa. Vumela iZwi likaNkulunkulu limshukumisele ekuthatheni isinyathelo esidingekayo ukuze ajabulise uJehova.—Heb. 4:12.
6 Njengoba sifeza ukuthunywa kwethu kokwenza abafundi, kwangathi ‘singakhuthaza ukulalela ngokholo’ ngokuyisebenzisa ngokuphumelelayo imiBhalo.—Roma 16:26.