IBhokisi Lemibuzo
◼ Kufanele sizinakekele kanjani izabelo zebandla?
Ukubambisana ngobunye kwenza ibandla labantu bakaJehova lisebenze ngokuhlelekile. (1 Kor. 14:33, 40) Cabanga ngalokho okuhilelekile emhlanganweni webandla owodwa nje. Ngaphandle kwesimiso uqobo lwaso, kunomsebenzi omningi owenziwa ngaphambi nangemva komhlangano njengoba abazalwane nodade benakekela izabelo ezihlukahlukene. Nemisebenzi eyenziwa kungabonakali obala ibalulekile nayo. Ngamunye wethu angalisekela kanjani leli lungiselelo?
Zenze utholakale. Labo abanomoya ovumayo bayothola okuningi abangakwenza. (IHu. 110:3) Bonisa ukuthi uyabakhathalela abagulayo nasebekhulile. Siza ekuhlanzeni iHholo LoMbuso. Miningi imisebenzi ewusizo esingayenza singacelwanga ngokukhethekile. Kudingeka nje sibe nesifiso sokusiza.
Khonza ngesizotha. Abantu abanesizotha bayakujabulela ukukhonza abanye. (Luka 9:48) Isizotha siyosenza singamukeli imithwalo yemfanelo engaphezu kwamandla ethu. Ngaphezu kwalokho, isizotha siyosenza singenzi izinto esingagunyaziwe ukuzenza.—IzAga 11:2.
Yiba onokwethenjelwa. UMose wakhuthazwa ukuba akhethe “amadoda athembekile” ayezoba sezikhundleni zomthwalo wemfanelo kwa-Israyeli wasendulo. (Eks. 18:21) Le mfanelo isadingeka nanamuhla. Isabelo ngasinye ositholayo senze ngobuqotho. (Luka 16:10) Uma ungeke ukwazi ukwenza isabelo, qikelela ukuthi kwenziwa amalungiselelo afanelekayo okuba omunye akwenzele sona lapho ungekho.
Yenza konke ongakwenza. AmaKristu anxuswa ukuba asebenze ngomphefumulo wonke ngisho nalapho enza imisebenzi engeyona eyokukhulekela. (Kol. 3:22-24) Sikhulu nakakhulu isizathu sokwenza kanjalo lapho sisebenzela ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Ngisho noma umsebenzi ubonakala uphansi noma ungabalulekile, kuyisibusiso ebandleni lapho wenziwa kahle.
Isabelo ngasinye sisinika ithuba lokubonisa uthando lwethu ngoJehova nangabafowethu. (Math. 22:37-39) Kwangathi singayinakekela ngokwethembeka noma imiphi imisebenzi esiyiphathiswayo.