Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2005
Iziyalezo
Ngo-2005 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sizoqhutshwa ngendlela elandelayo.
IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele [bi12-ZU], INqabayokulinda [w-ZU], Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini [be-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU], nethi Ukubonisana NgemiBhalo (Uhlelo luka-1992) [rs-ZU].
Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo namazwi okwamukela izilaleli bese siqhubeka ngendlela elandelayo:
IMFANELO YOKUKHULUMA: 5 imizuzu. Umbonisi wesikole, umeluleki ongumsizi, noma omunye umdala ofanelekayo uyodingida imfanelo yokukhuluma esekelwe encwadini ye-Sikole Senkonzo. (Emabandleni anabadala abambalwa, kungase kusetshenziswe inceku ekhonzayo efanelekayo.) Ngaphandle kwalapho kuboniswe khona, amabhokisi avela emakhasini ahlanganisiwe engxenyeni eyabelwe kufanele ahlanganiswe engxoxweni. Izivivinyo kufanele zeqiwe. Ngokuyinhloko zihlelelwe ukuba umuntu ngamunye azenzele zona eyedwa, nokunikeza iseluleko ngasese.
ISABELO NO. 1: 10 imizuzu. Le nkulumo kufanele isingathwe umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo, futhi iyosekelwa kuyi-Nqabayokulinda, kwethi Zuza Emfundweni Yesikole Senkonzo Esingokwasezulwini, noma kwethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Kumelwe inikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi engenakho ukubukeza. Injongo akufanele kube ukuhlanganisa indaba nje kuphela, kodwa kufanele ugxile enzuzweni yangempela yendaba edingidwayo, uqokomise lokho okuyoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esisesimisweni. Kulindeleke ukuba abazalwane ababelwe le nkulumo baqikelele ukuba bangeqi esikhathini esabiwe. Bangase banikezwe iseluleko sangasese uma kudingekile.
AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: 10 imizuzu. Ngemizuzu yokuqala eyisithupha, umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo kufanele abonise indlela indaba esebenza ngayo ebandleni. Angakhulumela noma iyiphi ingxenye yokufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto. Lokhu akufanele kube nje ukubukeza ingxenye eyabiwe. Injongo eyinhloko ukusiza izilaleli ziqonde ukuthi indaba iwusizo ngani futhi kanjani. Isikhulumi kufanele siqaphele ukuthi aseqeli ngalé kwemizuzu eyisithupha eyabelwe ingxenye yokuvula. Kufanele siqiniseke ukuthi kunemizuzu emine ebekelwe ukuba izilaleli zihlanganyele ngokuphendula. Kufanele izilaleli zicelwe ukuba zikhulumele kafushane (ngemizuzwana engu-30 noma ngaphansi) lokho ezikuthandile ekufundweni kweBhayibheli nezinzuzo zako. Umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi abanezabelo kwamanye amakilasi.
ISABELO NO. 2: 4 imizuzu. Lesi yisabelo sokufunda esisingathwa umzalwane. Ngokuvamile indaba ayifundayo iyoba seBhayibhelini. Kanye ngenyanga, lesi sabelo siyoba yindaba ethathwe kuyi-Nqabayokulinda. Umfundi kufanele afunde indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Indaba efundwayo ngeke ilingane masonto onke, kodwa kufanele ifundwe ngemizuzu emine noma ngaphansi. Umbonisi wesikole kufanele ayihlole indaba ngaphambi kokwenza izabelo, ayifanelanise nobudala nekhono labafundi. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo kakhulu ekusizeni abafundi ukuba bafunde ngokuqonda, ngendlela eshelelayo, bagcizelele umqondo ngokufanele, bashintshashintshe izwi, bahlabe ikhefu ngendlela efanele, bafunde nangendlela engokwemvelo.
ISABELO NO. 3: 5 imizuzu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Abafundi ababelwa le nkulumo bangase bazikhethele ukuhlelwa kwenkulumo noma babelwe okusohlwini olusekhasini 82 lencwadi ethi ISikole Senkonzo. Umfundi kufanele asebenzise isihloko asabelwe futhi abonise ukusebenza kwaso esicini esithile esingokoqobo nesiwusizo ensimini yebandla. Uma kungekho zikhombo eziwumthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini ezilungiselelwe yisigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Abafundi abasebasha kufanele babelwe izinkulumo ezinezikhombo. Umbonisi wesikole kufanele abhekisise ikakhulukazi indlela umfundi athuthukisa ngayo indaba yakhe nendlela asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngemiBhalo futhi aqonde amaphuzu ayisihluthulelo enkulumo. Abafundi ababelwa le nkulumo kufanele bakwazi ukuzifundela. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa.
ISABELO NO. 4: 5 imizuzu. Umfundi kufanele athuthukise isihloko esabiwe. Uma kungekho zikhombo eziwumthombo wendaba, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini ezilungiselelwe yisigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Uma yabelwe umzalwane, kufanele inikezwe njengenkulumo, isikhulumi sicabange ngezilaleli eHholo LoMbuso. Lapho yabelwe udade, kufanele ngaso sonke isikhathi inikezwe njengoba kuboniswe eSabelweni No. 3. Umbonisi wesikole angase asinikeze umzalwane iSabelo No. 4 noma nini lapho ebona kufaneleka khona. Sizani niphawule ukuthi izihloko ezinenkanyezi eceleni kufanele zabelwe abazalwane kuphela ukuze bazinikeze njengezinkulumo.
ISIKHATHI: Akukho nkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngokufanayo namazwi omeluleki. ISabelo No. 2 kuya ku-No. 4 kufanele zimiswe ngobuhlakani uma isikhathi sesiphelile. Uma abazalwane abasingatha inkulumo yokuqala ephathelene nemfanelo yokukhuluma, iSabelo No. 1, noma amaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli bedla isikhathi, kufanele balulekwe ngasese. Bonke kufanele basibhekisise isikhathi sabo. Isimiso sesisonke: imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.
ISELULEKO: umzuzu owodwa. Umbonisi wesikole uyosebenzisa isikhathi esingeqile emzuzwini owodwa ngemva kwenkulumo yomfundi ngayinye ukuze aphawule ngobuhle besici esithile esitusekayo enkulumweni. Injongo yakhe akukhona nje ukuthi “wenze kahle” kuphela, kodwa kunalokho, ukuveza izizathu eziqondile zokuthi kungani leso sici senkulumo siye saba yimpumelelo. Ngemva komhlangano, noma ngesinye isikhathi, umfundi ngamunye angase anikezwe iseluleko esengeziwe futhi esakhayo ngasese, kuye ngokwesidingo sakhe.
UMELULEKI ONGUMSIZI: Indikimba yabadala ingase ikhethe umdala ofanelekayo, uma ekhona omunye ngaphandle kombonisi wesikole, ukuba asingathe isabelo sokuba umeluleki ongumsizi. Uma ibandla linabadala abaningi, khona-ke umdala ohlukile ofanelekayo uyonakekela lesi sabelo unyaka ngamunye. Umsebenzi womeluleki ongumsizi kuyoba ukunikeza abazalwane abasingatha iSabelo No. 1 namaphuzu avelele eBhayibhelini iseluleko sangasese, uma kudingeka. Akudingekile ukuba anikeze iseluleko ngemva kwenkulumo ngayinye enjalo enikezwa abadala noma izinceku ezikhonzayo. Le nqubo iyosebenza phakathi no-2005 futhi ingase ishintshwe ngemva kwalokho.
IFOMU LESELULEKO: Lisencwadini.
UKUBUKEZA KOMLOMO: 30 imizuzu. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza komlomo. Kuyoqale kube nenkulumo yemfanelo yokukhuluma namaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli njengoba kuchazwe ngenhla. Ukubukeza komlomo kuyosekelwa ezinkulumweni ezinikezwe esikoleni phakathi nezinyanga ezimbili ezandulele, kuhlanganise nezangesonto lokubukeza. Uma ibandla linomhlangano wesifunda noma lihanjelwe umbonisi ojikelezayo ngesonto lokubukeza, khona-ke landelani iziyalezo zokuhlela ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 2003, ikhasi 1.
ISIMISO
Jan. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 16-20 INgoma 6
Imfanelo Yokukhuluma: Iyaqondakala Kwabanye (be-ZU k. 226 ¶1–k. 227 ¶1)
No. 1: Mesabe UNkulunkulu Weqiniso (be-ZU k. 272 ¶1–k. 273 ¶1)
No. 2: Joshuwa 16:1–17:4
No. 3: Okwenza Kunganeli Ukufunda IBhayibheli Kuphela (rs-ZU k. 105 ¶1-2)
No. 4: Ingabe Ukuceba Noma Ukuba Mpofu Namuhla Kuwuphawu Lokuthi Umuntu Uyamesaba Ngempela UNkulunkulu?
Jan. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 21-24 INgoma 100
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza Amagama Angajwayelekile (be-ZU k. 227 ¶2–k. 228 ¶1)
No. 1: Ukwenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe (be-ZU k. 273 ¶2–k. 274 ¶1)
No. 2: Joshuwa 23:1-13
No. 3: Inkolo Yeqiniso Isekelwe EBhayibhelini Futhi Yazisa Ngegama LikaNkulunkulu (rs-ZU k. 106 ¶1-2)
No. 4: Kufanele Yini Ukukhulekela UJesu?
Jan. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 1-4 INgoma 97
Imfanelo Yokukhuluma: Ukunikeza Incazelo Edingekayo (be-ZU k. 228 ¶2-3)
No. 1: Umuntu Obizwa Ngaleli Gama (be-ZU k. 274 ¶2-5)
No. 2: AbaHluleli 2:1-10
No. 3: Inkolo Yeqiniso Ibonisa Ukholo Lweqiniso KuJesu Kristu (rs-ZU k. 106 ¶3)
No. 4: Ungazivikela Kanjani Kuma-video Omculo Owonakalisayo?
Jan. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 5-7 INgoma 47
Imfanelo Yokukhuluma: Indlela Inhliziyo Ehileleke Ngayo (be-ZU k. 228 ¶4–k. 229 ¶1)
No. 1: Igama LikaNkulunkulu—‘Umbhoshongo Onamandla’ (be-ZU k. 274 ¶6–k. 275 esihlokwaneni)
No. 2: AbaHluleli 6:25-35
No. 3: IBhayibheli Kufanele Liyithinte Kanjani Inkululeko Yethu Yokuzikhethela?
No. 4: Inkolo Yeqiniso Ayiyona Imicikilisho Yenkonzo Kodwa Yindlela Yokuphila (rs-ZU k. 106 ¶4)
Jan. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 8-10 INgoma 174
Imfanelo Yokukhuluma: Iyazifundisa Izilaleli Zakho (be-ZU k. 230 ¶1-6)
No. 1: Ukufakaza NgoJesu (be-ZU k. 275 esihlokwaneni–k. 276 ¶1)
No. 2: w03-ZU 1/15 kk. 19-20 ¶16-18
No. 3: Amalungu Enkolo Yeqiniso Ayathandana Futhi Ahlala Ehlukile Ezweni (rs-ZU k. 107 ¶1-2)
No. 4: Ukuthanda Izinto Ezibonakalayo Akusho Nje Ukuba Nazo
Feb. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 11-14 INgoma 209
Imfanelo Yokukhuluma: Ukucwaninga Ukuze Wenze Inkulumo Ifundise (be-ZU k. 231 ¶1-3)
No. 1: Ukugcizelela Indima KaJesu Yokuba UMhlengi (be-ZU k. 276 ¶2-3)
No. 2: AbaHluleli 12:1-15
No. 3: Okwenza OFakazi BakaJehova Babe Nobunye
No. 4: Amalungu Enkolo Yeqiniso Angofakazi Abakhuthele Ngokuqondene NoMbuso KaNkulunkulu (rs-ZU k. 107 ¶3)
Feb. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 15-18 INgoma 105
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza ImiBhalo (be-ZU k. 231 ¶4-5)
No. 1: Ukugcizelela Indima KaJesu Yokuba UmPristi Ophakeme Nenhloko Yebandla (be-ZU k. 277 ¶1-2)
No. 2: AbaHluleli 15:9-20
No. 3: aUma Umuntu Ethi, ‘Uma Nje Ukholelwa KuJesu, Akunandaba Ngempela Ukuthi Ukuliphi Isonto’ (rs-ZU k. 109 ¶4)
No. 4: Okwenza AmaKristu Angakusebenzisi Ukwelashwa Ngokuluthwa Ingqondo
Feb. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 19-21 INgoma 53
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuchaza Izincazelo Zamagama (be-ZU k. 232 ¶1)
No. 1: Ukugcizelela Indima KaJesu Yokuba INkosi Ebusayo (be-ZU k. 277 ¶3-4)
No. 2: w03-ZU 2/1 kk. 17-18 ¶18-21
No. 3: bUma Umuntu Ethi, ‘Yini Ekwenza Ucabange Ukuthi Kunenkolo Eyodwa Kuphela Eqinisileyo?’ (rs-ZU k. 110 ¶1)
No. 4: Yiziphi Ezinye ‘Zezinto Ezijulile ZikaNkulunkulu’? (1 Kor. 2:10)
Feb. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Ruthe 1-4 INgoma 120
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisana Ngemibhalo (be-ZU k. 232 ¶2-4)
Ukubukeza Komlomo
Mar. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 1-4 INgoma 221
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhetha Ukwaziswa Okuyozizuzisa Izilaleli Zakho (be-ZU k. 232 ¶5–k. 233 ¶4)
No. 1: Ukubeka Isisekelo EsinguKristu (be-ZU k. 278 ¶1-4)
No. 2: 1 Samuweli 2:1-11
No. 3: UJesu Akayanga Ezulwini Nomzimba Wenyama (rs-ZU k. 409 ¶2-4)
No. 4: Isizathu Sokuba AmaKristu Eqiniso Angabhuli Ngezinkanyezi
Mar. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 5-9 INgoma 151
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusetshenziswa Kwendaba Eyabiwe (be-ZU k. 234 ¶1–k. 235 ¶3)
No. 1: Lezi Zindaba Ezinhle ZoMbuso (be-ZU k. 279 ¶1-4)
No. 2: 1 Samuweli 5:1-12
No. 3: Isizathu Sokuba UJesu Abonakale Ngemizimba Yenyama (rs-ZU k. 410 ¶1-4)
No. 4: Indlela Esingabuqinisa Ngayo Ubungane Bethu NoJehova
Mar. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 10-13 INgoma 166
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Imibuzo Ngempumelelo (be-ZU k. 236 ¶1-5)
No. 1: Ukuchaza Ukuthi Uyini UMbuso (be-ZU k. 280 ¶1-5)
No. 2: 1 Samuweli 10:1-12
No. 3: AmaKristu Kufanele Aziphathe Kanjani Izihlobo Ezingakholwa?
No. 4: Labo Abavuselwa Ukuyobusa NoKristu Bayoba Njengaye (rs-ZU k. 411 ¶1-4)
Mar. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 14-15 INgoma 172
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Ukuze Uveze Amaphuzu Abalulekile (be-ZU k. 237 ¶1-2)
No. 1: Ukuchaza Indlela UMbuso Osithinta Ngayo (be-ZU k. 281 ¶1-4)
No. 2: w03-ZU 3/15 kk. 19-20 ¶17-21
No. 3: Isizathu Sokuba AmaKristu Ayikhokhe Intela
No. 4: Lokho Okuyoshiwo Uvuko Esintwini Sisonke (rs-ZU k. 412 ¶1-4)
Apr. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 16-18 INgoma 27
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Ukuze Ubonisane Nabanye Ngendaba (be-ZU k. 237 ¶3–k. 238 ¶3)
No. 1: Okwenza Imfundo Ibaluleke KumaKristu (w03-ZU 3/15 k. 10 ¶1–k. 11 ¶5)
No. 2: 1 Samuweli 17:41-51
No. 3: Isizathu Sokuba Abavusiwe Bangalahlwa Ngenxa Yezenzo Zabo Ezidlule (rs-ZU k. 413 ¶1)
No. 4: Ukuzindla Ngemiphumela Kungasisiza Sithande Okuhle Sizonde Okubi
Apr. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 19-22 INgoma 73
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Ukuze Wenze Umuntu Aveze Imizwa (be-ZU k. 238 ¶4-6)
No. 1: Indlela Intsha Engathuthuka Ngayo Ngokomoya (w03-ZU 4/1 kk. 8-10)
No. 2: 1 Samuweli 20:24-34
No. 3: Okwenza Ukuthobeka Kwangempela Kube Imfanelo Ethandekayo
No. 4: Indlela “Abafileyo Ababesele” Abayovuselwa Ngayo Emhlabeni (rs-ZU k. 413 ¶2–k. 414 ¶2)
Apr. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 23-25 INgoma 61
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Ukuze Ugcizelele (be-ZU k. 239 ¶1-2)
No. 1: Thembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho (w03-ZU 11/1 kk. 4-7)
No. 2: w03-ZU 5/1 k. 17 ¶11-14
No. 3: Labo Abayovuswa Ovukweni Lwasemhlabeni (rs-ZU k. 414 ¶3–k. 415 ¶4)
No. 4: Isizathu Sokuba Kwenziwe Isivumelwano No-Abrahama
Apr. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 26-31 INgoma 217
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Ukuze Uveze Ukucabanga Okuyiphutha (be-ZU k. 239 ¶3-5)
Ukubukeza Komlomo
May 2 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 1-3 INgoma 91
Imfanelo Yokukhuluma: Iziqhathaniso Nezingathekiso Ezifundisayo (be-ZU k. 240 ¶1–k. 241 ¶1)
No. 1: Imfundo Akuyona Eyokuthola Umsebenzi Nje Kuphela (w03-ZU 3/15 k. 11 ¶6–k. 14 ¶5)
No. 2: 2 Samuweli 2:1-11
No. 3: Izenzakalo Ezihambisana Nokuba Khona KukaKristu Zenzeka Enkathini Eyiminyaka Eminingi (rs-ZU k. 263 ¶1-2)
No. 4: Izinzuzo Eziningi Zokuthembeka
May 9 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 4-8 INgoma 183
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Izibonelo (be-ZU k. 241 ¶2–242¶1)
No. 1: UJehova Ubakhathalela Ngempela Abantu Abasha (w03-ZU 4/15 k. 29 ¶3–k. 31 ¶4)
No. 2: 2 Samuweli 5:1-12
No. 3: Safezani Isivumelwano SoMthetho?
No. 4: Ukubuya kukaKristu Akubonakali (rs-ZU k. 264 ¶1-3)
May 16 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 9-12 INgoma 66
Imfanelo Yokukhuluma: Izibonelo EzisemiBhalweni (be-ZU k. 242 ¶2-3)
No. 1: Ingabe UJehova Uyakuqaphela Okwenzayo? (w03-ZU 5/1 kk. 28-31)
No. 2: 2 Samuweli 9:1-13
No. 3: Indlela UJesu Abuya Ngayo Nendlela Amehlo Onke Ayombona Ngayo (rs-ZU k. 264 ¶5–k. 265 ¶6)
No. 4: IZwi LikaNkulunkulu Liphila Ngaziphi Izindlela? (Heb. 4:12)
May 23 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 13-15 INgoma 103
Imfanelo Yokukhuluma: Ingabe Uyoqondakala? (be-ZU k. 242 ¶4–k. 243 ¶1)
No. 1: Umbhalo Wohambo LukaNowa—Ingabe Ubalulekile Kithi? (w03-ZU 5/15 kk. 4-7)
No. 2: 2 Samuweli 13:10-22
No. 3: Kufanele Simqonde Kanjani UJohane 11:25, 26?
No. 4: Izenzakalo Ezihlangene Nokuba Khona KukaKristu (rs-ZU k. 266 ¶1-5)
May 30 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 16-18 INgoma 132
Imfanelo Yokukhuluma: Imifanekiso Esekelwe Ezimweni Ezijwayelekile (be-ZU k. 244 ¶1-2)
No. 1: Cabanga Ngokuqondile Wenze Ngokuhlakanipha (w03-ZU 7/15 kk. 21-3)
No. 2: w03-ZU 5/15 kk. 16-17 ¶8-11
No. 3: Akudingekile Ukuba AmaKristu Agcine Isabatha (rs-ZU k. 120 ¶1–k. 121 ¶1)
No. 4: Okwenza Ukuba Ukuthobeka Kungabi Ubuthakathaka
June 6 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 19-21 INgoma 224
Imfanelo Yokukhuluma: Imifanekiso Efanelana Nezilaleli Zakho (be-ZU k. 244 ¶3–k. 245 ¶4)
No. 1: Ukuqonda Injongo Yesiyalo (w03-ZU 10/1 k. 20 ¶1–k. 22 ¶1)
No. 2: 2 Samuweli 19:1-10
No. 3: UmKristu Angangena Kanjani Ekuphumuleni KukaNkulunkulu?
No. 4: Awukho Umlando EBhayibhelini Wokuthi U-Adamu Wagcina Isabatha (rs-ZU k. 121 ¶2-4)
June 13 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 22-24 INgoma 74
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Izinsiza-kufundisa Ngempumelelo (be-ZU k. 247 ¶1-2)
No. 1: Yiba Ofundisekayo Uqaphe Ulimi Lwakho (w03-ZU 9/15 k. 21 ¶1–k. 22 ¶3)
No. 2: 2 Samuweli 24:10-17
No. 3: UJesu Akazange Awuhlukanise UMthetho KaMose Ube Ingxenye ‘Yemikhosi’ ‘Neyokuziphatha’ (rs-ZU k. 122 ¶1-2)
No. 4: Yiziphi Izindlela UmKristu Okumelwe Ahluke Ngazo Ezweni?
June 20 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 1-2 INgoma 2
Imfanelo Yokukhuluma: Izindlela UJesu Azisebenzisa Ngazo Izinsiza-kufundisa (be-ZU k. 247 ¶3)
No. 1: Ukufunda Imfihlo Yokwaneliseka (w03-ZU 6/1 kk. 8-11)
No. 2: w03-ZU 6/1 kk. 12-13 ¶1-4
No. 3: Yini Eyayibalulekile Ngomyalo Weshumi?
No. 4: IMiyalo Eyishumi Yaphela Kanye NoMthetho KaMose (rs-ZU k. 122 ¶3–123 ¶1)
June 27 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 3-6 INgoma 167
Imfanelo Yokukhuluma: Izindlela Zokusebenzisa Izinsiza-kufundisa (be-ZU k. 248 ¶1-3)
Ukubukeza Komlomo
July 4 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 7-8 INgoma 194
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusebenzisa Amabalazwe, Izimiso Zomhlangano Ezinyathelisiwe Nama-video (be-ZU k. 248 ¶4–k. 249 ¶2)
No. 1: Yazisa Asebekhulile Okholwa Nabo (w03-ZU 9/1 kk. 30-1)
No. 2: 1 AmaKhosi 8:1-13
No. 3: UJesu Walinqoba Kanjani Izwe?
No. 4: Okwenza Ukuba Ukuqedwa KweMiyalo Eyishumi Kungasiqedi Isidingo Sokuzibamba Kokuziphatha (rs-ZU k. 123 ¶2-3)
July 11 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 9-11 INgoma 191
Imfanelo Yokukhuluma: Ukufundisa Iqembu Elikhulu Ngezinsiza-kufundisa (be-ZU k. 249 ¶3–k. 250 ¶1)
No. 1: Ubufakazi Bokuthi UJesu Kristu Wake Waphila Emhlabeni (w03-ZU 6/15 kk. 4-7)
No. 2: 1 AmaKhosi 9:1-9
No. 3: Okushiwo YiSabatha KumaKristu (rs-ZU k. 124 ¶1–k. 125 ¶4)
No. 4: Ukuluthwa Izidakamizwa Kunganqotshwa Ngokulandela Izimiso ZeBhayibheli
July 18 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 12-14 INgoma 162
Imfanelo Yokukhuluma: Okwenza Ibaluleke Indlela Yokubonisana Nabanye (be-ZU k. 251 ¶1-3)
No. 1: Kuqala Imicabango Kulandele Izenzo Kulandele Imiphumela (w03-ZU 1/15 k. 30 ¶1-3)
No. 2: 1 AmaKhosi 12:1-11
No. 3: Indlela Ukholo Olungasisiza Ngayo Sibhekane Novivinyo
No. 4: Labo IBhayibheli Elibabiza Ngokuthi Osanta (rs-ZU k. 216 ¶1-3)
July 25 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 15-17 INgoma 158
Imfanelo Yokukhuluma: Lapho Kumelwe Uqale Khona (be-ZU k. 251 ¶4–k. 252 ¶3)
No. 1: Indlela ‘Yokuqonda Ukuthi Iyini Intando KaJehova’ (w03-ZU 12/1 k. 21 ¶3–k. 23 ¶3)
No. 2: w03-ZU 7/15 k. 19 ¶15-17
No. 3: Isizathu Sokuba Singathandazi ‘Kosanta’ (rs-ZU k. 217 ¶1-3)
No. 4: Umoya Ongcwele Uwaduduza Kanjani AmaKristu?
Aug. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 18-20 INgoma 207
Imfanelo Yokukhuluma: Lapho Kumelwe Wamukele Khona Imibono Yabanye (be-ZU k. 252 ¶4–k. 253 ¶2)
No. 1: Basha, Hambani Ngokufanele UJehova (w03-ZU 10/15 k. 23 ¶1–k. 24 ¶1)
No. 2: 1 AmaKhosi 18:1-15
No. 3: Wonke AmaKristu Angathela Izithelo Eziningi
No. 4: Iqiniso Mayelana Nokudumisa Izinto Ezingcwele Nezithombe ‘Zosanta’ (rs-ZU k. 218 ¶1–k. 219 ¶1)
Aug. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 21-22 INgoma 92
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubuza Imibuzo Nokunikeza Izizathu (be-ZU k. 253 ¶3–k. 254 ¶2)
No. 1: Ikhambi Laphakade Lobumpofu (w03-ZU 8/1 kk. 4-7)
No. 2: 1 AmaKhosi 21:15-26
No. 3: Osanta Bangempela AbangamaKristu Ababona Abangenasono (rs-ZU k. 219 ¶2)
No. 4: Kungani Kufanele Sibe Nesibindi, Futhi Singasihlakulela Kanjani?
Aug. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 1-4 INgoma 16
Imfanelo Yokukhuluma: Izizathu Ezinengqondo Ezisekelwe Ngokuqinile EZwini LikaNkulunkulu (be-ZU k. 255 ¶1–k. 256 ¶2)
No. 1: Namukelé Ngesihle, Yiphani Ngesihle (w03-ZU 8/1 kk. 20-2)
No. 2: 2 AmaKhosi 3:1-12
No. 3: Kungani Abantu Bangaphambi KukaZamcolo Babephila Isikhathi Eside Kangaka?
No. 4: ImiBhalo Ayifundisi Ukuthi Kuyoba Nensindiso Yomhlaba Wonke (rs-ZU k. 111 ¶1)
Aug. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 5-8 INgoma 193
Imfanelo Yokukhuluma: Sekela Izizathu Ngobufakazi Obuseceleni (be-ZU k. 256 ¶3-5)
No. 1: Ukufunda Ukuba Nekhono Lokungacasuli (w03-ZU 8/1 kk. 29-31)
No. 2: w03-ZU 8/1 k. 19 ¶18-22
No. 3: Ingabe Ekugcineni Bayosindiswa Bonke Abantu? (rs-ZU k. 111 ¶2)
No. 4: Iziphi Izimfanelo Ezinhle ZikaJona Okufanele Sizilingise?
Aug. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 9-11 INgoma 129
Imfanelo Yokukhuluma: Ukunikeza Ubufakazi Obanele (be-ZU k. 257 ¶1-4)
Ukubukeza Komlomo
Sept. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 12-15 INgoma 175
Imfanelo Yokukhuluma: Umzamo Wokufinyelela Inhliziyo (be-ZU k. 258 ¶1–259 ¶1)
No. 1: Ingabe Umfuna Ngobuqotho UJehova? (w03-ZU 8/15 kk. 25-8)
No. 2: 2 AmaKhosi 12:1-12
No. 3: Kungani Kufanele Sibe Mnene?
No. 4: “Zonke Izinhlobo Zabantu” Ziyosindiswa (rs-ZU k. 112 ¶1)
Sept. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 16-18 INgoma 203
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhipha Okusezinhliziyweni Zabantu (be-ZU k. 259 ¶2-4)
No. 1: Yini Abantu Abayikhumbula NgoJesu? (w03-ZU 8/15 k. 6 ¶6–k. 8 ¶6)
No. 2: 2 AmaKhosi 16:10-20
No. 3: IBhayibheli Lithi Abanye Abasoze Basindiswa (rs-ZU k. 112 ¶2-4)
No. 4: Singaqiniseka Kanjani Ukuthi Kuyini Okwamukelekayo ENkosini?
Sept. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 19-22 INgoma 89
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuvusa Imizwa Ewusizo (be-ZU k. 259 ¶5–k. 260 ¶1)
No. 1: “Qhubeka Ubambelele Esibonelweni Samazwi Anempilo” (w03-ZU 1/1 k. 29 ¶2–k. 30 ¶4)
No. 2: 2 AmaKhosi 19:20-28
No. 3: Ukuthi Umuntu Usindisiwe Akusho Ukuthi Usesinde Phakade (rs-ZU k. 112 ¶5–k. 113 ¶3)
No. 4: Yini Esingayifunda Kubazalwane Bethu AbangamaKristu BaseSmirna Yasendulo?
Sept. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 23-25 INgoma 84
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusiza Abanye Bahlakulele Ukwesaba UNkulunkulu (be-ZU k. 260 ¶2-3)
No. 1: IBhayibheli Nohlu Lwalo Lwezincwadi—Ingxenye 1 (si-ZU k. 299 ¶1-6)
No. 2: w03-ZU 8/15 k. 20 ¶6-10
No. 3: Sinethemba Ngekusasa
No. 4: Okwenza Ukuba Ukholo Kudingeke Lube Nemisebenzi (rs-ZU k. 113 ¶4–114 ¶1)
Oct. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 1-4 INgoma 51
Imfanelo Yokukhuluma: Ukuziphatha Kwethu Kubalulekile KuNkulunkulu (be-ZU k. 260 ¶4–k. 261 ¶1)
No. 1: IBhayibheli Nohlu Lwalo Lwezincwadi—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 300-2 ¶7-16)
No. 2: 1 IziKronike 4:24-43
No. 3: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi UDeveli Ukhona Ngempela (rs-ZU k. 401 ¶1-4)
No. 4: UJehova Uthanda Umuntu Ngamunye Kithi
Oct. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 5-7 INgoma 195
Imfanelo Yokukhuluma: Ukusiza Abanye Bazihlole (be-ZU k. 261 ¶2-4)
No. 1: IBhayibheli Nohlu Lwalo Lwezincwadi—Ingxenye 3 (si-ZU kk. 302-5 ¶17-26)
No. 2: 1 IziKronike 5:18-26
No. 3: Esikwaziyo ‘Ngosuku LukaJehova’
No. 4: USathane Akabona Nje Ububi Obukubantu (rs-ZU k. 402 ¶1-3)
Oct. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 8-11 INgoma 201
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuthaza Ukulalela Ngenhliziyo Yonke (be-ZU k. 261 ¶5–k. 262 ¶3)
No. 1: Umbhalo WesiHeberu WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 1 (si-ZU kk. 305-6 ¶1-5)
No. 2: 1 IziKronike 10:1-14
No. 3: UNkulunkulu Akamdalanga UDeveli (rs-ZU k. 402 ¶4)
No. 4: Obani Okufanele Sibe Nekhono Lokungabacasuli?
Oct. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 12-15 INgoma 80
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubambisana NoJehova Ekufinyeleleni Izinhliziyo Zabantu (be-ZU k. 262 ¶4)
No. 1: Umbhalo WesiHeberu WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 306-7 ¶6-9)
No. 2: w03-ZU 11/1 kk. 10-11 ¶10-13
No. 3: Lokho Okukushoyo Ngempela Ukuhamba Egameni LikaJehova
No. 4: Isizathu Sokuba UNkulunkulu Angambhubhisi USathane Ngokushesha Ngemva Kokuhlubuka Kwakhe (rs-ZU k. 403 ¶1-2)
Oct. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 16-20 INgoma 129
Imfanelo Yokukhuluma: Ukugcina Isikhathi (be-ZU k. 263 ¶1–k. 264 ¶4)
Ukubukeza Komlomo
Nov. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 21-25 INgoma 215
Imfanelo Yokukhuluma: Isikhuthazo Esiphumelelayo (be-ZU k. 265 ¶1–k. 266 ¶1)
No. 1: Umbhalo WesiHeberu WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 3 (si-ZU kk. 307-10 ¶10-16)
No. 2: 1 IziKronike 22:1-10
No. 3: Ungawathathi Kancane Amandla KaDeveli (rs-ZU k. 404 ¶1-3)
No. 4: cIndlela Umshado Ongaqiniswa Ngayo
Nov. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 IziKronike 26-29 INgoma 35
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhuthaza Ngesisekelo Sothando (be-ZU k. 266 ¶2-5)
No. 1: Umbhalo WesiHeberu WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 4 (si-ZU kk. 310-12 ¶17-25)
No. 2: 1 IziKronike 29:1-9
No. 3: Isizathu Sokuba Izinceku ZikaJehova Zishushiswe
No. 4: Kuseduze Ukuba Isintu Sikhululeke Ethonyeni Elibi LikaSathane (rs-ZU k. 405 ¶2–k. 406 ¶1)
Nov. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 1-5 INgoma 46
Imfanelo Yokukhuluma: Isikhuthazo Esigxile EmiBhalweni (be-ZU k. 267 ¶1-2)
No. 1: Umbhalo WesiHeberu WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 5 (si-ZU kk. 312-13 ¶26-31)
No. 2: 2 IziKronike 2:1-10
No. 3: Yiqonde Injongo Yesiyalo
No. 4: dIngabe Bonke Ubuhlobo Bobulili Buyisono? (rs-ZU k. 232 ¶1–k. 233 ¶1)
Nov. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 6-9 INgoma 106
Imfanelo Yokukhuluma: ‘Ngenkululeko Yokukhuluma’ (be-ZU k. 267 ¶3-4)
No. 1: Umbhalo WamaKristu WesiGreki WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 1 (si-ZU kk. 315-16 ¶1-7)
No. 2: w03-ZU 12/1 kk. 14-16 ¶3-6
No. 3: Indlela Esibonisa Ngayo Ukuthi Sijabula Kakhulu NgoJehova
No. 4: eLokho IBhayibheli Elikushoyo Ngobungqingili (rs-ZU k. 233 ¶3-5)
Dec. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 10-14 INgoma 116
Imfanelo Yokukhuluma: Okwenza Kubaluleke Ukuba Ngokhuthazayo (be-ZU k. 268 ¶1-3)
No. 1: Umbhalo WamaKristu WesiGreki WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 2 (si-ZU kk. 316-17 ¶8-16)
No. 2: 2 IziKronike 12:1-12
No. 3: Okwenza Sidinge Umusa KaNkulunkulu Ongafanelwe
No. 4: Izinguquko Umuntu Okumelwe Azenze Ukuze Ajabulise UNkulunkulu (rs-ZU k. 234 ¶1-3)
Dec. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 15-19 INgoma 182
Imfanelo Yokukhuluma: Ukukhumbuza Izilaleli Ngalokho UJehova Akwenzile (be-ZU k. 268 ¶4–k. 269 ¶2)
No. 1: Umbhalo WamaKristu WesiGreki WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 3 (si-ZU kk. 317-19 ¶17-25)
No. 2: 2 IziKronike 19:1-11
No. 3: Indlela Okwakungenzeka Ngayo Ukuba Umuntu Ophelele One (rs-ZU k. 156 ¶2–k. 157 ¶3)
No. 4: Lokho Esingakufunda Emkhayeni Wakubo KaJesu
Dec. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 20-24 INgoma 186
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisa Indlela UJehova Abasize Ngayo Abantu Bakhe (be-ZU k. 269 ¶3-5)
No. 1: Umbhalo WamaKristu WesiGreki WemiBhalo Engcwele—Ingxenye 4 (si-ZU kk. 319-20 ¶26-32)
No. 2: w03-ZU 12/15 kk. 16-17 ¶13-15
No. 3: Izinzuzo Zokufunda Imfihlo Yokwaneliseka
No. 4: Okwenza Sivume Ukuthi Isono Sikhona (rs-ZU k. 158 ¶2–k. 159 ¶2)
Dec. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 25-28 INgoma 137
Imfanelo Yokukhuluma: Ukubonisa Ukukujabulela Lokho UNkulunkulu Akwenzayo Manje (be-ZU k. 270 ¶1–k. 271 ¶1)
Ukubukeza Komlomo
[Imibhalo yaphansi]
a Uma isikhathi sivuma, cabangelani izindlela zokuphendula abantu abagomelayo, abaphikisayo, njalonjalo, eziyosebenza kangcono ensimini yebandla.
b Uma isikhathi sivuma, cabangelani izindlela zokuphendula abantu abagomelayo, abaphikisayo, njalonjalo, eziyosebenza kangcono ensimini yebandla.
c Yabela Abazalwane Kuphela.
d Yabela Abazalwane Kuphela.
e Yabela Abazalwane Kuphela.