Lisebenzise Ngokuphumelelayo IBhayibheli
1. Yini ongase uyenze lapho ulungiselela inkonzo yasensimini?
1 Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izincwadi esifuna ukuzihambisa enkonzweni, kuyazuzisa ukukhetha umBhalo ocabangisayo esizowufundela labo abalalelayo. (Heb. 4:12) Ukukhetha umBhalo osetshenzisiwe encwadini oyihambisayo kuyosiza ekuyethuleni leyo ncwadi. Kwezinye izindawo, abamemezeli baye bakuthola kusiza ukuphatha iBhayibheli ngesandla lapho bezokhuluma nomuntu noma lapho besebenza endlini ngendlu.
2. (a) Singayiqala kanjani intshumayelo yethu ngomBhalo? (b) Iziphi izinto ezisemiBhalweni abantu abanesithakazelo kuzo ensimini?
2 Qala NgomBhalo: Abanye abamemezeli baqala intshumayelo yabo ngokubuza umninikhaya umbuzo olula wokuthola umbono wakhe mayelana nomBhalo weBhayibheli ababe sebewufunda kamuva. Lokhu kugxilisa ukunaka eZwini likaNkulunkulu zisuka. Zingaphumelela yini ensimini yakini ezinye zalezi zethulo?
2◼ “Ukube ubunawo amandla, ubungazenza yini lezi zinguquko?” Funda isAmbulo 21:4.
2◼ “Kungani ukuphila kunzima kangaka namuhla?” Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.
2◼ “Ucabanga ukuthi umphakathi wethu ngabe ungcono ukube wonke umuntu uphila ngala mazwi?” Funda uMathewu 7:12.
2◼ “Ucabanga ukuthi izingane zakho ziyoke zikwazi ukuphila endaweni enjengalena echazwe lapha?” Funda iHubo 37:10, 11.
2◼ “Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuthi la mazwi agcwaliseke?” Funda u-Isaya 33:24.
2◼ “Bewazi yini ngoshintsho lukahulumeni olushiwo lapha?” Funda uDaniyeli 2:44.
2◼ “Wake wafisa yini ukubuza uNkulunkulu lo mbuzo?” Funda uJobe 21:7.
2◼ “Kungenzeka yini ukuthi siphinde sibabone abantu bakithi esibathandayo asebashona?” Funda uJohane 5:28, 29.
2◼ “Abantu asebafa bayazi yini ukuthi abaphilayo benzani?” Funda umShumayeli 9:5.
3. Singabasiza kanjani abantu ukuba baqonde imiBhalo yeBhayibheli esiyifundayo?
3 Chaza, Ufanekise, Futhi Ubonise Indlela UmBhalo Osebenza Ngayo: Lapho umuntu ezimisele ukuxoxa, ungajahi ukuqeda. Zinike isikhathi sokuchaza, ufanekise, futhi ubonise indlela osebenza ngayo umBhalo owufundayo ukuze umuntu awuqonde. (Neh. 8:8) Lapho abantu bekuqonda futhi bekwamukela lokho iZwi likaNkulunkulu elikufundisayo, kungabangela izinguquko ezimangalisayo ekuphileni kwabo.—1 Thes. 2:13.
4. Singalisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo iBhayibheli ezimpindelweni?
4 Qhubeka ulisebenzisa ngokuphumelelayo iBhayibheli njengoba uhlakulela isithakazelo. Ungasebenzisa le ndlela efanayo lapho wenza izimpindelo: (1) Khetha umBhalo ofanelekayo. (2) Buza umbuzo olula wokuthola umbono womninikhaya ngomBhalo. Yibe usuwufunda. (3) Chaza, ufanekise, futhi ubonise indlela lowo mBhalo osebenza ngayo. Zama ukunezela olwazini lomuntu lweZwi likaNkulunkulu isikhathi ngasinye lapho umhambele. Ngokushesha ungase uzithole usuqhuba isifundo seBhayibheli!