Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/04 k. 3
  • Kumelwe Silihloniphe Igunya LikaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kumelwe Silihloniphe Igunya LikaJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zithobe Ngokwethembeka Egunyeni LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Kungani Kufanele Sihloniphe Igunya?
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • “Ukwethembeka EMbusweni”—Kusho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukubhekana Nenselele Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 9/04 k. 3

Kumelwe Silihloniphe Igunya LikaJehova

Ufikelwa yini engqondweni uma ucabanga ngamagama alaba bantu basendulo: uKhora, uDathani, no-Abhiramu? Ukuvukela! Ukuvukelani? Igunya likaNkulunkulu. Imininingwane yenkambo yabo eyaholela enhlekeleleni ikuNumeri isahluko 16, futhi le ndaba yabukezwa esihlokweni esithi “Zithobe Ngokwethembeka Egunyeni LikaNkulunkulu” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 2002. Kungakuzuzisa ukufunda lesi sihloko bese ubuka idrama yaso esangulukisayo kuyi-video ethi Respect Jehovah’s Authority. Uzobona ukungqubuzana okwaba khona phakathi kwamadodana kaKhora athembekile noyise owayevukela, owamelana noMbusi wendawo yonke. (Num. 26:9-11) Le drama eyenzeka ngempela kufanele sonke isishukumisele ukuba sikukhulise nakakhulu ukwethembeka kwethu kuJehova.

Lapho ubukela le video, funa ukuthola ukuthi uKhora nezihlubuki ezazikanye naye bahluleka kanjani ukwethembeka ezicini eziyisithupha ezibalulekile: (1) Balidelela kanjani igunya elimiswe uNkulunkulu? (2) Bakuvumela kanjani ukuthonywa ukuzazisa, isifiso sokuvelela, nomhawu? (3) Bagxila kanjani ekushiyekeni kwalabo abamiswe uJehova? (4) Isiphi isimo sengqondo sokukhononda ababenaso? (5) Kungani babenganelisekile ngamalungelo abo enkonzo? (6) Babavumela kanjani abangane nemikhaya yabo ukuba beze kuqala kunokuthembeka kuNkulunkulu?

Zibuze ukuthi izifundo ezikule drama yeBhayibheli zisebenza kanjani embonweni wethu ngegunya elimiswe uNkulunkulu namuhla: (1) Kufanele sisabele kanjani ezinqumweni zabadala bebandla, futhi ngani? (2) Singalwa kanjani nezisusa ezingafanele okungenzeka sinazo? (3) Kufanele sisabele kanjani ekungaphelelini kwalabo abamiswe ukuba bahole? (4) Kufanele senze njani uma enhliziyweni yethu kuqala ukwakheka umoya wokukhononda? (5) Kufanele sizizwe kanjani nganoma imaphi amalungelo esiwanikiwe? (6) Obani okungamelwe nanini beze kuqala kunokuthembeka kwethu kuNkulunkulu, futhi kunini lapho lokhu kungaba uvivinyo olunzima khona kithi?

Ngemva kokuba kuxoxwe ngalokhu kwaziswa ebandleni, kungani ungaphindi uyibuke le video? Yivumele izigxilise ngokuphindiwe engqondweni yakho izizathu ezenza kudingeke silihloniphe njalo igunya likaJehova!—IHu. 18:25; 37:28.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela