Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/04 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 8/04 k. 7

IZaziso

◼ Isipho ngo-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi yalezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswe isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu noma ethi Yini uNkulunkulu Ayifunayo Kithi?

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma lokhu sekwenziwe, yazisa ibandla ngemva kokuba umbiko wezimali olandelayo usufundiwe.

◼ Ukubalwa kwaminyaka yonke kwazo zonke izincwadi nomagazini okhona esitokweni kufanele kwenziwe ngo-August 31, 2004, noma ngokushesha ngemva kwalokho. Lokhu kubalwa kwezincwadi kuyefana nalokho okwenziwa umxhumanisi wezincwadi nyanga zonke, futhi izingqikithi kufanele zibhalwe efomini elithi Ukubalwa Kwezincwadi (S-18). Ingqikithi yomagazini abasesitokweni kufanele itholakale kulabo abaphatha omagazini. Unobhala webandla elingumxhumanisi kufanele aqondise ukubalwa kwezincwadi. Yena nombonisi owengamele webandla elingumxhumanisi bayosayina ifomu. Ibandla ngalinye elingumxhumanisi liyothola amafomu amathathu athi Ukubalwa Kwezincwadi (S-18). Sizani nithumele elokuqala ehhovisi legatsha engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi efayilini lenu. Ikhophi yesithathu ningasebenzela kuyo.

◼ Kusukela ngo-August 30 kuya ku-September 3, 2004, kuzobe kubalwa zonke izincwadi ezisesitokweni eBethel. Ngenxa yalokhu, ngeke asingathwe ama-oda ezincwadi amabandla ukuze athunyelwe ngalezo zinsuku.

◼ Amabandla kufanele aqale ngokushesha uku-oda amabheji omhlangano wesigodi ka-2004 e-odeni lawo lezincwadi lika-September. Kufanele a-odwe ngamaqoqo ahamba ngama-20. Ama-oda aphuthumayo ngeke amukelwe, ngakho awokugcina kufanele afakwe ne-oda lezincwadi lika-October. Amabheji ayotholakala ngesiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nangesiZulu kuphela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela