Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 30, 2004. Umqhubi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-July 5 kuya ku-August 30, 2004. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Singasichaza kanjani isizathu sethemba lethu “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile”? (1 Pet. 3:15) [be-ZU k. 192 izig. 2-4]
2. Kubaluleke ngani ukukhuluma ngokuqiniseka? (Roma 8:38, 39; 1 Thes. 1:5; 1 Pet. 5:12) [be-ZU k. 194]
3. Kuboniswa kanjani ukuqiniseka? [be-ZU k. 195 isig. 3–k. 196 isig. 4]
4. Kuyini ukungacunuli, kubaluleke ngani futhi singenza kanjani ukuba singabacunuli abantu kodwa ngesikhathi esifanayo siqine? (Roma 12:18) [be-ZU k. 197]
5. Ngaphambi kokuba akhulume, yini umuntu ongacunuli ayicabangelayo? (IzAga 25:11; Joh. 16:12) [be-ZU k. 199]
ISABELO NO. 1
6. Izingxoxo zethu nemikhuba yethu yokutadisha iBhayibheli kungalibonisa kanjani izinga esesithuthuke ngalo eqinisweni? [be-ZU k. 74 isig. 3–k. 75 isig. 2]
7. Kusho ukuthini ‘ukuzithengisisela ithuba,’ futhi singakwenza kanjani lokho? (Efe. 5:16) [w02-ZU 11/15 k. 23]
8. ImiBhalo ikwenza kanjani kucace ukuthi bonke abantu bayalingana kuNkulunkulu, futhi lokhu kufanele kuyithinte kanjani inkonzo yethu? [w02-ZU 1/1 kk. 5, 7]
9. Lisho ukuthini igama loMdali eliyingqayizivele elithi, Jehova? [w02-ZU 1/15 k. 5]
10. Yini eyenza umhlatshelo ka-Abela waba “obaluleke kakhulu” kunokaKhayini, futhi isiphi isifundo esingasifunda kulokhu ngokuphathelene ‘nomhlatshelo wethu wokudumisa’? (Heb. 11:4; 13:15) [w02-ZU 1/15 k. 21 izig. 6-8]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. ULevitikusi 18:3 ungasisiza kanjani ukuba sigweme ukuba nombono ohlanakezelwe ngokuhle nokubi? (Efe. 4:17-19) [w02-ZU 2/1 k. 29]
12. Yini eyayifanekiselwa ngokwesiprofetho “izinkwa ezimbili” ezazilethwa umpristi omkhulu “njengomnikelo wokuzuliswa” ngoMkhosi Wamasonto (iPhentekoste)? (Lev. 23:15-17) [w98-ZU 3/1 k. 13 isig. 21]
13. Endabeni yokuphinga njengaleyo ekuNumeri isahluko 5, ‘lalingawa’ kanjani ‘ithanga’ lowesifazane owonile? (Num. 5:27) [w84-ZU 6/1 k. 29 (w84 4/15 k. 29)]
14. Kungani uMiriyamu no-Aroni bakhuluma kabi ngoMose ngenxa yomfazi wakhe ongumKushe? (Num. 12:1)
15. Yayiyini ‘incwadi yeziMpi ZikaJehova’? (Num. 21:14)