IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-July nango-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kuboniswa isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli.
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi bezifunda bazonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Ukubheka Ikusasa Ngokholo Nesibindi.”
◼ Lapho kusetshenzwa insimu engabelwe, abamemezeli bangahambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi ethi Ulwazi. Kungahanjiswa noma iyiphi enye incwadi uma umninikhaya esenazo kakade lezi ezimbili. Wonke umuntu kufanele aphathe amapheshana ahlukahlukene angashiywa emakhaya angenabantu noma kulabo abangazamukeli izincwadi. Kufanele kwenziwe imizamo yokulandelela isithakazelo, ikakhulukazi uma kunamabandla aseduze angase akwazi ukufika kulawo masimu.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2005 e-odeni lawo lezincwadi lango-July. Lokhu okulandelayo akufanele ku-odwe njengoba kufakiwe kakade emafomini ebandla onyaka wonke: Umbiko Webandla (S-1), Izimvilophu Zamakhadi Ombiko (rce), IFomu Lokuthumela Iminikelo (S-20), Umbiko Wokubalwa Kwezimali Zebandla (S-25), Iphepha Lemali (S-26) no-Mbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30). Sicela niwasebenzise ngokuhlakanipha wonke amafomu. Kufanele asetshenziselwe injongo yawo kuphela.
◼ Ngaphambi kokuthumela izicelo zenkonzo yamaphayona avamile ehhovisi legatsha, unobhala webandla kufanele ahlole amafomu ukuze aqiniseke ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abafake izicelo bengasalukhumbuli usuku oluthe ngqó ababhapathizwa ngalo, kufanele baluhlawumbisele bese lugcinwa. Unobhala kufanele abhale lolo suku ekhadini le-Rekhodi Lommemezeli Lebandla.
◼ Noma nini lapho nibhalela ihhovisi legatsha, kubalulekile ukuba nilibhale ngokugqamile igama nenombolo yebandla, ngendlela okubhaliswe ngayo ehhovisi.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku zomhlangano wesigodi olandelayo zishintshile:
DECEMBER 4, 5:
EKatima Mulilo (isiNgisi/iSilozi)
DECEMBER 11, 12:
EWindhoek (isiKwanyama, isiPutukezi)
DECEMBER 25, 26:
E-Oshakati
◼ SIZANI NIPHAWULE: Umhlangano waseWindhoek ongo-December 10-12 uzoba nezimiso ezihlukene zesiNgisi nesiBhunu.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade—ngesiKwanyama
Sondela KuJehova—Uhlelo Olubhalwe Ngokugqamile—ngesiZulu