ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 12
INgoma 108
12 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Umbonisi wenkonzo uxoxa ngamalungiselelo ensimu engabelwe. Bukeza incwadi ephathelene nensimu engabelwe yango-May 31, 2004, izincwadi ezizohanjiswa, izinsuku, indawo ezosetshenzwa, indawo yokulala, namalungiselelo ezinto zokuhamba. Bakhona yini abangaba amaphayona asizayo? Amabandla angayi ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okusebenza insimu engasetshenzwa njalo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-July 15 kanye ne-Phaphama! ka-August 8. Komunye umboniso, makuboniswe indlela yokuhambisa umagazini emgwaqweni, kuhanjiselwa umuntu ongalukhulumi kahle ulimi lwakho.
18 imiz: “Lingisa Ubulungisa BukaJehova.”a Cela izilaleli zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe, kuye ngesikhathi esikhona.
15 imiz: IBhayibheli, Incwadi Yezibikezelo Ezinokwethenjelwa. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwajaneni ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, amakhasi 27-9. Enkonzweni yethu, sivame ukuhlangana nabantu abanesithakazelo ezindabeni zekusasa. IBhayibheli linikeza ukwaziswa okunokwethenjelwa okukhuluma ngekusasa eliqhakazile elingatholwa isintu elilalelayo. Khuluma ngezinye zeziprofetho zeBhayibheli eziqinisa ukholo ezibikezelweni zeBhayibheli ezisazogcwaliseka. Makube nomboniso omfushane lapho ummemezeli ebonisa khona indlela izenzakalo zeBhayibheli ezingasetshenziswa ngayo ekusizeni umuntu othakazelayo ukuba alethembe iBhayibheli.
INgoma 16 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 19
INgoma 83
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngokubaluleka kokunamathela esimisweni sokufunda iBhayibheli nsuku zonke, ngisho noma eminye imisebenzi iphazamisa isimiso sethu esivamile. Hlanganisa nalokho okushiwo kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2000, ikhasi 32.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo—INgxenye 1.” Le nkulumo kufanele inikezwe umbonisi wenkonzo. Izilaleli mazikhulumele ukwaziswa okusencwadini ethi Abamemezeli, amakhasi 572-4, okuchaza umlando wokuqhutshwa kwezifundo zeBhayibheli kulezi zikhathi zanamuhla. Yakha umdlandla ngochungechunge lwezihloko ezilandelayo. Ezinye zezinto ezizocatshangelwa kuzoba yindlela yokulungiselela ukuqhuba isifundo, indlela yokusiza omfundelayo alungiselele, ukuthi kufanele kufundwe ingxenye engakanani, indlela yokusebenzisa imiBhalo ngokuphumelelayo, indlela yokusingatha imibuzo ebuzwa umuntu omfundelayo, indlela yokwethula indaba yomthandazo, nendlela yokuqondisa umfundi enhlanganweni. Bakhuthaze bonke ukuba bakusebenzise ukusikisela okuzonikezwa futhi bazigcine lezi zihloko ukuze bazihlole nangesikhathi esizayo.
INgoma 10 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 26
INgoma 216
12 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-July. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, makube nomboniso wokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-August 1, ne-Phaphama! ka-August 8. Embonisweni ngamunye, bonisa indlela ehlukile yokusabela emazwini okuvimba ingxoxo athi “Kungani nifika kaningi kangaka?”—Bheka incwadi Ukubonisana, ikhasi 20.
8 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Le ngxenye kufanele isingathwe umdala. Funda futhi uxoxe ngaso sonke isihloko.
25 imiz: “Indlela Yokushumayela Ensimini Yamabhizinisi”b Yisho ukuthi imaphi amalungiselelo ebandla akhona okusebenza ensimini yamabhizinisi. Makube nemiboniso emibili emifushane esekelwe ezigabeni 4-5 noma kube nomboniso wentshumayelo ephumelelayo ensimini yenu. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okwakhayo ezibe nakho lapho zisebenza insimu yamabhizinisi, kuye ngesikhathi esikhona.
INgoma 173 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 2
INgoma 60
8 imiz: Izaziso zebandla.
22 imiz: Uyazinikeza Yini Izizathu? Inkulumo nengxoxo esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, ikhasi 254, izigaba 1-2. Lapho sichaza futhi sibonisa ukuthi imiBhalo isebenza kanjani enkonzweni yasensimini nasendaweni yesikhulumi, ukufundisa kwethu kuyophumelela kakhudlwana uma sinikeza izizathu zalokho esikushoyo kunokuba sigcizelele nje ukuthi lokho esikushoyo kunjalo ngempela. Usebenzisa izibonelo ezisencwadini Ukubonisana noma kwezinye izincwadi ezifanelekela insimu yenu, bonisa (1) indlela yokukhetha nokuchaza izinkulumo eziyinhloko emBhalweni othile, (2) indlela yokuveza ubufakazi emongweni wawo lowo mBhalo noma komunye umBhalo okhuluma ngephuzu elifanayo, (3) indlela yokusebenzisa umfanekiso ukuze ubonise ukuba nengqondo kwalokho osanda kukusho, (4) nendlela yokusebenzisa imibuzo ukuze usize izilaleli ukuba zicabange ngaleyo ndaba. Gcizelela izinzuzo zokubonisana nabantu.
15 imiz: Okuhlangenwe nakho kwebandla. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okwakhayo ezibe nakho ngokuqondene nenkonzo yobuphayona obusizayo, noma ngokuhlanganyela kweminye imisebenzi engokomoya muva nje.
INgoma 32 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.