IZaziso
◼ Isipho ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma ungahambisi yona, ungasebenzisa ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, noma INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ingahanjiswa uma ibandla linayo esitokweni. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1988 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi, sicela nibheke emabandleni aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu noma ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Uma abantu sebenayo le ncwadi, kungahanjiswa ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda izimemo zeSikhumbuzo sika-2004 e-odeni lawo lezincwadi lika-December. Lezi zimemo zitholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, isiPedi, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, nangesiZulu. Kufanele zi-odwe ngamaqoqo ekhulu ulimi ngalunye. Sicela ni-ode ngobuhlakani ngoba izimemo zenzelwe abantu abathakazelayo kuphela, hhayi ukusakazwa emphakathini.
◼ Kusukela ngo-March 15, 2004, kuya ku-May 16, 2005, kuzofundwa incwadi ethi Sondela KuJehova eziFundweni Zencwadi Zebandla. Amabandla adinga ezibhalwe ngokugqamile, ezitholakala ngesiNgisi, isiPutukezi nangesiZulu, kufanele azi-ode ngokushesha ngangokunokwenzeka.