Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/03 k. 2
  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-November 10
  • Isonto Eliqala Ngo-November 17
  • Isonto Eliqala Ngo-November 24
  • Isonto Eliqala Ngo-December 1
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 11/03 k. 2

ISimiso Semihlangano Yenkonzo

PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izoba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye ngesikhathi semihlangano yesigodi. Amabandla angase enze ushintsho oludingekayo ukuze akwazi ukuya eMhlanganweni Wesigodi ‘Wokukhazimulisa UNkulunkulu.’ Lapho kufaneleka khona, sebenzisani imizuzu engu-15 eMhlanganweni Wenkonzo wokugcina ngaphambi kokuya emhlanganweni wesigodi ukuze nibukeze iseluleko esifanele esisesenezelweni sika-October esisebenza ebandleni lakini. Ngo-February 2004, kuyoba noMhlangano Wenkonzo oyohlelelwa ukubukeza amaphuzu avelele esimiso somhlangano wesigodi. Ukuze sizilungiselele lokhu kubukeza, sonke singazibhalela amaphuzu abalulekile emhlanganweni, kuhlanganise namaphuzu athile esifuna ukuwasebenzisa ekuphileni kwethu nasenkonzweni yasensimini. Khona-ke singabakhuthaza abanye ngokuchaza indlela esikusebenzise ngayo lokho okusikiselwe.

Isonto Eliqala Ngo-November 10

INgoma 212

10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bancome bonke abaye bahlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe. Nikeza umbiko walokho okwafezwa futhi ulandise nganoma yikuphi okuthakazelisayo okwenzekile. Yiba nemiboniso emibili engokoqobo ebonisa indlela okungasetshenziswa ngayo ukusikisela okusekhasini 4 lapho kuhanjiswa INqabayokulinda ka-November 15 ne-Phaphama! ka-December 8 ensimini yenu. Embonisweni ngamunye, kufanele bahanjiswe bobabili omagazini nakuba kukhulunyelwe owodwa. Omunye mawuhlanganise nokuchaza ukuthi umsebenzi wethu womhlaba wonke usekelwa kanjani ngokwezimali.—Bheka INqabayokulinda, k. 2, noma i-Phaphama! k. 5.

15 imiz: “Yibani Abakulungele.”a Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi yini ezisizile ukuba zingavumeli izinkathazo neziphazamiso zalesi simiso sezinto ukuba zidle isikhathi ebezingasisebenzisa ngokunenzuzo ezintweni ezingokomoya.

20 imiz: Ubakhetha Kanjani Abangane Bakho? Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Khulekela UNkulunkulu, amakhasi 47-9. Usebenzisa imibuzo nemiBhalo ekhonjiwe esigabeni 13, cela izilaleli ukuba zisho izimiso zeBhayibheli okufanele zisiqondise lapho sikhetha abangane.

INgoma 127 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-November 17

INgoma 96

12 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Xoxa nabamemezeli ababili noma abathathu abanokuthile okuthakazelisayo okwenzeke enkonzweni yasensimini lapho besebenzisa incwadi ehanjiswa ngale nyanga. Kungenzeka abanye baye bakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli.

15 imiz: Hlakulela Umoya Wokupha. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2003, amakhasi 27-30. Hlanganisa nesaziso esiphathelene nokukhipha Umnikelo Womshuwalense WamaHholo OMbuso minyaka yonke.

18 imiz: “Ukunconywa Kuyaqabula.”b Hlanganisa nalokho okusencwadini ethi Injabulo Yomkhaya, amakhasi 49-50, isigaba 21. Cela labo abathola isikhuthazo ngenxa yokunconywa abanye ukuba basike elijikayo ngakho.

INgoma 58 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-November 24

INgoma 213

12 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Yiba nemiboniso emibili ebonisa indlela okungasetshenziswa ngayo ukusikisela okusekhasini 4 lapho kuhanjiswa INqabayokulinda ka-December 1 ne-Phaphama! ka-December 8. Kungasetshenziswa omunye umBhalo esikhundleni salowo osikiselwe ekhasini 4. Embonisweni ngamunye, kufanele bahanjiswe bobabili omagazini, nakuba kukhulunyelwe owodwa. Komunye wale miboniso, makuboniswe indlela yokuhambisa umagazini ngokwethukela ezintweni zokuhamba zomphakathi noma kwezinye izindawo zangakini ezifanele.

10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala.

23 imiz: “Ukuhlakulela Ubungane Obuseduze NoJehova.”c Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi imiBhalo isebenza kanjani. Lungiselela kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili basho ukuthi yini ebasizile ukuba bathuthukise izinga lesifundo sabo seBhayibheli.

INgoma 202 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-December 1

INgoma 138

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-November. Yisho ukuthi iyiphi incwadi ezohanjiswa ngo-December. Bukeza kafushane intshumayelo eyodwa noma ezimbili kwezisikiselwe. Chaza ukuthi abamemezeli bangayisebenzisa kanjani i-Watch Tower Publications Index ukuze bathole ezinye izintshumayelo.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2001, k. 2.

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: Ukukufanelekela Ngokugcwele Ukufundisa Abanye. Ingxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 2000, amakhasi 16-17, izigaba 9-13. Ukukwazi ukufundisa ngokuphumelelayo kuwumgomo oyinhloko enkonzweni yethu. Ukuphumelela kwethu ekusizeni abanjengezimvu kuxhomeke ekhonweni lethu lokudlulisela isigijimi soMbuso kubantu ngendlela ekhanyayo futhi sibakhuthaze. Xoxani ngale mibuzo elandelayo: (1) Uyini umahluko phakathi kokushumayela nokufundisa? (jv-ZU k. 572 isig. 4) (2) Kungani abanye bekungabaza ukuzama ukuqhuba isifundo seBhayibheli? (3) Singalithuthukisa kanjani ikhono lethu lokufundisa? (4) Singaqiniseka kanjani ukuthi umfundi uyakuqonda lokho akufundayo? (5) Yimuphi umgomo okufanele sizame ukuba umfundi awufinyelele?

INgoma 70 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela