Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/03 k. 2
  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-September 8
  • Isonto Eliqala Ngo-September 15
  • Isonto Eliqala Ngo-September 22
  • Isonto Eliqala Ngo-September 29
  • Isonto Eliqala Ngo-October 6
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 9/03 k. 2

ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-September 8

INgoma 10

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza bonke ukuba babukeze amaphuzu abo esimiso somhlangano wesifunda wangonyaka wenkonzo odlule ukuze bazilungiselele uMhlangano Wenkonzo wangesonto elizayo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili ebonisa isimo esingokoqobo yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-September 15 ne-Phaphama! ka-October 8. Komunye wale miboniso, yiba nomfundi noma umzali efakaza kuthisha wesikole.

10 imiz: Incwadi Evela Egatsheni. Ingxoxo phakathi kommemezeli osemusha nommemezeli osenesikhathi eside, okungaba kuhle kube umdala. Ummemezeli osemusha ubuza ummemezeli osengumakad’ ebona ukuthi uyibonile yini incwadi ekuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso evela ehhovisi legatsha. Ummemezeli ongumakad’ ebona uyachaza ukuthi incwadi evela egatsheni yayiba khona kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso phakathi nawo-1960 nawo-1970. Babe sebexoxa ngayo le ncwadi esekhasini elingaphambili, beqokomisa amaphuzu ayinhloko.

25 imiz: “Basha—Bekani Isisekelo Esihle Sesikhathi Esizayo.”a Kumelwe isingathwe umdala, esebenzisa imibuzo elungiselelwe. Lapho nixoxa ngesigaba 5, qokomisa injabulo nezibusiso zenkonzo yesikhathi esigcwele.

INgoma 170 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 15

INgoma 199

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

10 imiz: “Ukufunda Incwadi Ethi Khulekela UNkulunkulu.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesifundo sencwadi. Xoxa ngesimiso sesifundo. Lapho nixoxa ngesigaba sesine, hlanganisa nokushiwo encwadini ethi Isikole Senkonzo, ekhasini 28, isigaba 1 nasekhasini 70.

25 imiz: “Thembela KuJehova Wenze Okuhle.” (IHu. 37:3) Ingxoxo nezilaleli esekelwe emibuzweni elandelayo, eqokomisa amaphuzu ayinhloko esimiso somhlangano wesifunda wangonyaka wenkonzo odlule. Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi ziye zakwazi kanjani ukusebenzisa amaphuzu ayinhloko ekuphileni kwazo siqu noma komkhaya. Qokomisa lezi zingxenye zesimiso: (1) “Ukubonakalisa Ukuthembela KuJehova.” Kungani kubalulekile ukubonisa ukuthembela kuJehova kuzo zonke izici zokuphila? (it-2 k. 521) Ingasisiza kanjani i-Watch Tower Publications Index? (2) “Xwaya Izinto Eziyize Ekuphileni.” (UmSh. 2:4-8, 11) Yimiphi imisebenzi eyize okumelwe siyixwaye, futhi singakwenza kanjani lokho? (3) “Gwemani Okubi—Nibe Abenzi Bokuhle.” Kungani kubalulekile ukunamathela ezindinganisweni zikaJehova? (Isaya 5:20) Yimiphi imisebenzi emihle okufanele sibe matasa kuyo? (4) “Ukulondoloza Ukuthembela Kwethu KuJehova.” Yini eyosisiza ukuba siqine lapho sibhekene novivinyo nezilingo? Kungani kungase kudingeke sishiyele ezinye izinto kuJehova? (5) “Ingabe Uyobalwa Njengowufanelekele UMbuso KaNkulunkulu?” (Kol. 1:10) Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezisishukumisela ukuba siqhubeke sihamba ngokufanele uJehova? (6) “Thembela Ezithembisweni ZikaJehova.” Ukwenza lokhu kungakuthinta kanjani ukuphila kwethu?

INgoma 58 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 22

INgoma 7

10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, yiba nemiboniso emibili yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-October 1 ne-Phaphama! ka-October 8. Yiba nomdala kanye nommemezeli obuthaka emzimbeni befakaza ngocingo. Xoxani ngamalungiselelo okugcina ensimu engabelwe. Njengoba u-October eyinyanga yokugcina yensimu engabelwe, khuthaza bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele. Uma kungenzeka, amabandla asengasebenza ensimini yawo engabelwe ngempelasonto ka-November 1, 2.

15 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Umbonisi wenkonzo ubukeza okuqavile okusembikweni webandla wonyaka wenkonzo ka-2003. Ncoma ibandla ngomsebenzi omuhle eliwenzile. Hlanganisa namaphuzu afanele ombiko wokugcina wombonisi wesifunda. Yisho umgomo owodwa noma emibili efinyelelekayo yangonyaka ozayo.

20 imiz: Ingabe Zonke Izinkolo Zamukelekile KuNkulunkulu? Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini Ukubonisana. Xoxani ngokuthi ungabonisana kanjani nomuntu ngaleli phuzu. (rs-ZU kk. 100-1) Qokomisa izindlela ezimbalwa inkolo yeqiniso engabonakala ngazo. (rs-ZU kk. 106-7) Inkonzo yethu isiza abanye ukuba bakhethe uhlobo lokukhulekela olwamukelwa uNkulunkulu.—Kol. 1:9, 10.

INgoma 39 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 29

INgoma 194

10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-September. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-October. Yiba nomboniso omfushane wokuqala isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: “Gqokani Ukuthobeka.”b Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi imiBhalo isebenza kanjani.

INgoma 224 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 6

INgoma 170

10 imiz: Izaziso zebandla. Kule nyanga senza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Bukeza kafushane INkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2002, ikhasi 1, isigaba 1 sesihloko sesibili.

15 imiz: “Qikelela Ukuthi Uzibeka Kuqala Izinto Eziza Kuqala!” Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kulesi sihloko esikuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 1998, amakhasi 19-21. Yisho izinsuku zezenzakalo ezingokomoya ezihlelelwe izinyanga ezimbalwa ezizayo bese ukhuthaza bonke ukuba baziphawule lezi zinsuku emakhalendeni abo. Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi yini eziyenzayo ukuze zizuze emalungiselelweni angokomoya.

20 imiz: Ukubhekana Ngesibindi Nokucindezela Kontanga. Xoxa nomdala noma inceku ekhonzayo eyakhulela emkhayeni wamaKristu. Khuluma ngamaphuzu owakhethe kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 2003. Yikuphi ukucindezelwa lo mzalwane abhekana nakho esikoleni? (k. 24 isig. 3; k. 25 izig. 4-5) Ingabe abanye bázama ukumthonya ngendlela elimazayo? (k. 26 izig. 4-6) Ingabe usabhekana nokucindezela kontanga njengoba esemdala? Yini emsizile ukuba amelane nokucindezelwa ukuba azivumelanise? Phetha ngokukhulumela kafushane lokho okukuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 1999, emakhasini 24-5, uqokomise izinzuzo zokuhlakulela ubudlelwane obuhle.

INgoma 26 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela