ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-August 11
INgoma 101
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ze-Nkonzo Yethu YoMbuso. IZindaba Ezingokwasezulwini. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yiba nemiboniso emibili yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-August 15 ne-Phaphama! ka-September 8. Embonisweni ngamunye, mabahanjiswe bobabili labo magazini, nakuba kukhulunyelwa owodwa kuphela. Komunye, bonisa indlela yokuphendula ozama ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Ngimatasa.”—Bheka incwadi ethi Ukubonisana, ikhasi 19.
15 imiz: “Lingisa Ubuhle BukaJehova.”a Cela izilaleli ukuba zilandise kafushane okwenzekile okubonisa indlela izenzo zomusa eziye zalivula ngayo ithuba lokufakaza. Tusa ibandla ngemizamo eyenziwe yokusiza abanye esikholwa nabo.
20 imiz: “Izibusiso Zenkonzo Yokuphayona.”b Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Cela iphayona elilodwa noma amabili ukuba akhulume ngezibusiso azitholile ngokuphayona. Yisho ukuthi noma ubani onesifiso sokuphayona angalithola ifomu lesicelo kunobhala.
INgoma 11 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 18
INgoma 82
12 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Xoxa ngesihloko esithi “Isimiso Esisha SoMhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa.” Memezela usuku lomhlangano okhethekile olandelayo, ukhuthaze bonke ukuba babe khona. Uma lo mhlangano uzoba sezinyangeni ezimbalwa ezizayo, yisho ukuthi labo abafisa ukubhapathizwa kumelwe bazise umbonisi owengamele.
15 imiz: “Umsebenzi Oqabulayo.”c Hlela ukuba nababili noma abathathu abazokhuluma ngendlela inkonzo yobuKristu ebaqabula ngayo.
18 imiz: “Masigcine Indawo Yethu Yokukhulekela Isesimweni Esihle.”d (Izigaba 1-5) Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Lapho nixoxa ngezigaba 3 no-4, bukeza amalungiselo ebandla okuhlanza iHholo LoMbuso. Khuluma nganoma iziphi izinto ezidinga ukunakekelwa. Tusa ibandla ngemizamo yalo yokugcina indawo yokukhulekela kweqiniso ifaneleka.
INgoma 114 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 25
INgoma 175
10 imiz: Izaziso zebandla. Ingabe singazibekela umgomo welinye inani eliphakeme labamemezeli ngo-August? Khumbuza abamemezeli ukuba banike ababonisi babo beSifundo Sencwadi Sebandla imibiko yenkonzo yasensimini ka-August. Ababonisi bezifundo zencwadi kufanele baqiniseke ukuthi ngamunye emaqenjini abo ubikile ukuze yonke imibiko ihlanganiswe engakadluli u-September 6. Kufanele futhi baqiniseke ukuthi unobhala uyayithola yonke imibiko esele yalo nyaka wenkonzo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yiba nemiboniso emibili yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-September 1 ne-Phaphama! ka-September 8. Embonisweni ngamunye, mabahanjiswe bobabili labo magazini, nakuba kukhulunyelwa owodwa kuphela. Makube nomzali kanye nendodana noma indodakazi esanda kweva eshumini nambili belingisa indlela abazohambisa ngayo umagazini. Baqala ngokubukeza intshumayelo ngayinye bese benza umboniso wayo.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: Qunga Isibindi Sokushumayela. (1 Thes. 2:2) Inkulumo kanye nengxoxo nezilaleli. Chaza ukuthi kungani abaningi besaba ukukhuluma nabanye ngesigijimi soMbuso. Kunjalo ngisho nakulabo asebeneminyaka eminingi beshumayela. Landisa okunye okulandiswe kuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1999, ikhasi 25; INqabayokulinda ka-December 15, 1999, ikhasi 25; ne-Nqabayokulinda ka-April 1, 1996, ikhasi 31. Cela abamemezeli ukuba basho indlela abakwaze ngayo ukuqunga isibindi sokutshela abanye izindaba ezinhle lapho bezizwa besaba. Phetha ngesikhuthazo sokuthola amandla kuJehova, esisekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, 1999, amakhasi 23-4.
INgoma 125 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 1
INgoma 84
10 imiz: Izaziso zebandla. Phinda ukhumbuze bonke abamemezeli ukuba bafake yonke imibiko yenkonzo yasensimini ka-August esele, nanoma imiphi imibiko esele yezinyanga ezidlule. Yisho isipho sencwadi sango-September. Bika ngentuthuko eyenziwe ensimini engabelwe. Yazisa ibandla ngamalungiselelo ka-September. Hlela ukuba noyedwa noma ababili abazolandisa okwenzekile okwakhayo abakujabulele.
15 imiz: Ingabe Uyasigcina Isithembiso Sakho Sokubuyela? Inkulumo kanye nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 1999, amakhasi 10-11, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ezinye Izindlela Zokugcina Izithembiso Zethu.” Uma sithola abantu ababonisa isithakazelo lapho sisenkonzweni, ngokuvamile sihlela ukuqhuba ingxoxo ngesinye isikhathi. Ingabe siyathembeka sibuyele njengoba sithembisile? Bukeza izimiso zeBhayibheli okufanele zisishukumisele ukuba sigcine isithembiso sethu. Cela izilaleli ukuba zilandise okwenzekile okubonisa imiphumela emihle ezayithola ngokusheshe zibuyele.
20 imiz: “Masigcine Indawo Yethu Yokukhulekela Isesimweni Esihle.”e (Izigaba 6-12) Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Gcizelela ukubaluleka kokugcina iHholo LoMbuso lisesimweni esihle, uveze amaphuzu asebhokisini ekhasini 5. Nikeza umbiko omfushane wesimo seHholo lenu LoMbuso, usho noma ikuphi okuhlelwe ukuba kwenziwe ukuze kulungiswe noma kuthuthukiswe.
INgoma 41 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.