ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 9
INgoma 81
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yiba nemiboniso emibili yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-June 15 ne-Phaphama! ka-July 8. Embonisweni ngamunye mabahanjiswe kanyekanye labo magazini ngisho noma kukhulunyelwa owodwa kuphela. Faka nombhalo entshumayelweni ngayinye.
15 imiz: “Inkonzo YobuKristu—Ngumsebenzi Wethu Oyinhloko.”a Khuthaza intsha ukuba icabange ngezibusiso engazithola ngokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Hlanganisa namaphuzu angaphansi kwesihlokwana esithi “Lapho Isiko Lingqubuzana Nonembeza,” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2000, amakhasi 19-20.
20 imiz: “Umhlalaphansi—Ingabe Ungumnyango Oholela Emsebenzini Owengeziwe?”b Uma kungenzeka yiba nengxoxo emfushane nommemezeli osebenzise isikhathi somhlalaphansi ukuba enze okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Mbuze ukuthi yikuphi ukulungisa akwenzile nokuthi iziphi izibusiso azitholile ngenxa yalokho.
INgoma 190 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 16
INgoma 55
8 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
12 imiz: Izidingo zebandla.
25 imiz: “‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele’ Ngenkuthalo.”c Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Ngemva kokuxoxa ngezigaba 5 no-6, yiba nomboniso omfushane wokufakaza ngokwethukela nokuhambisa ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli? esisebenzini sasesitolo. Izigaba 7 no-8 mazifundwe ngokuzwakalayo ngaphambi kokuba kuxoxwe ngazo. Ekuphetheni, fundani ibhokisi elithi “Ungabakhohlwa!” bese nixoxa ngalo.
INgoma 131 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 23
INgoma 95
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, yiba nemiboniso emibili yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July 8. Embonisweni ngamunye mabahanjiswe kanyekanye labo magazini ngisho noma kukhulunyelwa owodwa kuphela. Omunye wale miboniso makube ngowommemezeli efakaza emgwaqweni.
20 imiz: Yini Engenziwa Ngokudumazeka? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1999, amakhasi 28-9, kuze kufike ekwazisweni okungaphansi kwesihlokwana esithi “Ukulondoloza Isimo Sengqondo Esihle.” Bukeza ukusikisela okuwusizo kanye neseluleko somBhalo. Hlela ukuba nommemezeli oyedwa noma ababili abaphumelelayo abachaza ukuthi yini ebasizayo ukuba bahlale bejabule enkonzweni yabo.
15 imiz: “Ukushumayela Ezweni Elishintsha Njalo.”d Lapho nixoxa ngezigaba 2-3, buza izilaleli ukuthi iziphi izehlakalo zangaleso sikhathi ezingasetshenziswa ekuqaleni izingxoxo ensimini yebandla. Lapho nixoxa ngesigaba 4, yiba nomboniso omfushane, usebenzisa enye yezintshumayelo eziphawuliwe.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 30
INgoma 3
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko ka-June yenkonzo yasensimini. Bukeza isipho sencwadi sango-July nango-August. Qokomisa izincwajana ezimbili ezisesitokweni sebandla. Yiba nemiboniso emibili elungiselelwe kahle yendlela ezingahanjiswa ngayo enkonzweni. Ukuze uthole izintshumayelo ezisikiselwe, bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1998, ikhasi 8. Ezinye izintshumayelo zingatholakala kuyi-Watch Tower Publications Index ngaphansi kwesihloko esithi “Presentations [Izintshumayelo]” nesihlokwana esithi “List by Publication [Uhlu Ngokwezincwadi].”
15 imiz: “Bakhubazekile—Nokho Bayathela.”e Hlanganisa namaphuzu aveza ukuthi abanye bangasiza kanjani, asekelwe kuyi-Phaphama! ka-August 22, 1990, amakhasi 22-3 ngaphansi kwesihlokwana esithi “Yini Engenziwa?”
20 imiz: Lisebenzise Ngokuphumelelayo IZwi LikaNkulunkulu Ekushumayeleni NgoMbuso. Ingxoxo nezilaleli esingethwe umbonisi wenkonzo. Umuntu ngamunye esihlangana naye enkonzweni yethu silwela ukumtshela iphuzu elilodwa elakhayo elivela emBhalweni eliphathelene noMbuso. Nokho, kudingeka senze okungaphezu kokumane sifunde amavesi eBhayibheli. Kudingeka siwachaze, siwafanekise, futhi sibonise ukuthi asebenza kanjani. Bonisa ukuthi lokhu kungenziwa kanjani, wenze izibonelo ngeminye yemibhalo ekhonjwe encwadini ethi Ukubonisana, ikhasi 238-9, ngaphansi kwesihlokwana esibhalwe ngomalukeke esithi “Ababusi abangabantu ababanikezi abantu lokho abakudinga ngokuphuthumayo.” Ngemva kwengxoxo, makube nommemezeli olungiselele kahle obonisa indlela yokusebenzisa umbhalo owodwa ngokuphumelelayo empindelweni, anikeze incazelo emfushane nenembile, umfanekiso olula, abese echaza kafushane ukusebenza kombhalo ukuze abonise umninikhaya ukuthi ukubusa koMbuso kuyomzuzisa kanjani yena siqu. Lo mboniso mawuqale ngokuba ummemezeli afunde umbhalo. Ngemva komboniso, bukeza indlela umbhalo ochazwe, wafanekiswa futhi wasetshenziswa ngayo. Bakhuthaze bonke ukuba bahlakulele ikhono lokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngokuphumelelayo.
INgoma 171 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 7
INgoma 165
5 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: Okwenzeke ensimini yebandla. Landisa noma ube nomboniso walokho abamemezeli abahlangane nakho lapho (1) beshumayela kubantu bezinye izinhlanga noma kubantu abakhuluma ezinye izilimi noma (2) lapho beshumayela kwezinye izimo ngaphandle kwasendlini ngendlu nasemgwaqweni. Bakhuthaze bonke ukuba basebenzise incwajana ethi Good News for All Nations nefomu elithi Siza Ulandelele (S-43) lapho behlangana nabantu abayizithulu noma abakhuluma olunye ulimi.—Bheka incwadi ka-June 1, 2000 eyayiya kuwo wonke amabandla.
25 imiz: “Ukwenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe.”f Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Lapho nixoxa ngesigaba 4, hlanganisa namaphuzu asebhokisini elithi “Ukwenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe,” elisekhasini 124 lencwadi ethi Abamemezeli. Ummemezeli onekhono makenze umboniso wokwenza impindelo. Usebenzisa imibhalo emibili noma emithathu esencwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 245-6, bonisa ukuthi kungani kubalulekile ukwazi nokusebenzisa igama likaNkulunkulu.
INgoma 197 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
f Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.