Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 30, 2003. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-May 5 kuya ku-June 30, 2003. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kungani ukushintshashintsha kwezwi kubalulekile lapho unikeza inkulumo, futhi kungenziwa kanjani? [be-ZU k. 111 ibhokisi; k. 112 ibhokisi]
2. Nakuba isikhulumi sikukholelwa esikushoyo futhi simthanda uJehova, kungani singase sintule intshiseko? [be-ZU k. 115 izig. 3-4; k. 116 isig. 1]
3. Yini eyosiza isikhulumi ukuba sibonakalise imfudumalo nomuzwa enkulumweni, futhi kungani lokhu kubalulekile? [be-ZU k. 119 izig. 1-4]
4. Yini enqumayo ukuthi ingakanani intshiseko, imfudumalo, neminye imizwelo, okufanele idluliselwe enkulumweni? [be-ZU k. 120 izig. 2-5]
5. Iqiniso Noma Amanga: Ukushukuma komzimba nesimo sobuso kubaluleke kuphela uma izilaleli zakho zikubhekile. Chaza. [be-ZU k. 121 isig. 3]
ISABELO NO. 1
6. Yini eyasiza uJosiya ukuba akhethe inkambo efanele naphezu kokukhula kanzima? (2 IziKr. 34:1, 2) [w01-ZU 4/15 k. 27 izig. 1-6; k. 28 isig. 4]
7. Zisho ukuthini izAga 9:7, 8a, futhi lokhu kungasetshenziswa kanjani enkonzweni yasensimini? [w01-ZU 5/15 k. 29 izig. 4-5]
8. Wayesho ukuthini uJehova lapho ethi kuma-Israyeli, ‘Ungakhohlwa,’ futhi singakugwema kanjani ukukhohlwa? (Dut. 4:9; 8:11) [be-ZU k. 20 izig. 1-3]
9. Amazwi kaDavide aqotho kumaHubo 32:1, 5 no- 51:10, 15 abonisa kanjani ukuthi umuntu akudingeki azizwe engento yalutho ngemva kokwenza isono esingathí sina kodwa ebonisa ukuphenduka okuqotho? [w01-ZU 6/1 k. 30 izig. 1-3]
10. Yini esingayifunda mayelana nokunakekela abaswele eziyalezweni zikaPawulu kweyoku-1 Thimothewu 5:3-16? [w01-ZU 6/15 k. 11 isig. 1]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Wayekhuluma ngani uJesu lapho esebenzisa inkulumo ethi ‘ukuphinde uzalwe’ kuJohane 3:3? [w95-ZU 7/1 kk. 9-10 izig. 4-5]
12. UJesu wayisebenzisa kanjani imfundo yakhe, futhi isiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kulokhu? (Joh. 7:15-18) [w96-ZU 2/1 kk. 9-10 izig. 4-7]
13. Kungani uJohane 7:53–8:11 engekho embhalweni oyinhloko we-Nguqulo Yezwe Elisha?
14. UJesu ‘weza’ kanjani “ngendlela efanayo” naleyo ayenyukele ngayo ezulwini? (IzE. 1:11) [w90-ZU 6/1 k. 11 isig. 5]
15. Kungani kungabanga “noyedwa phakathi kwalaba abanye owaba nesibindi sokuzihlanganisa [nabafundi],” njengoba kushiwo kuzEnzo 5:13?