Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/03 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 4/03 k. 7

IZaziso

◼ Isipho ngo-April nango-May: Hambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokwahlukana. Lapho uphindela kubantu abanesithakazelo, abahlanganisa nalabo ababa khona eSikhumbuzweni noma kwezinye izenzakalo ezingokwasezulwini kodwa abangahlanganyeli emisebenzini yebandla, gxila ekuhambiseni incwadi entsha ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Kufanele kwenziwe wonke umzamo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasemakhaya, ikakhulukazi uma abanye sebeyifundile kakade incwadi Ulwazi nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ngo-June: Hambisa incwadi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Uma abaninikhaya sebenazo kakade lezo zincwadi, sebenzisa enye incwajana efanelekayo ibandla elinayo esitokweni. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila?—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi.

◼ Kudingekile ukuba ihhovisi legatsha libe namakheli nezinombolo zocingo ezisebenzayo zabo bonke ababonisi abengamele nonobhala. Noma nini uma kuba khona ushintsho, iKomiti Yebandla Yenkonzo kufanele igcwalise, isayine, futhi ithumele ifomu elithi Ushintsho Lwekheli Lombonisi Owengamele (S-29) ehhovisi legatsha ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa nanoma iluphi ushintsho kuma-code endawo ocingo.

◼ Onobhala bamabandla kufanele bahlale benesitokwe esanele samafomu athi Isicelo Senkonzo Yamaphayona Avamile (S-205) nathi Isicelo Senkonzo Yamaphayona Asizayo (S-205b). La mafomu anga-odwa nge-Literature Request Form (S-14). Okungenani yibani nesitokwe sonyaka wonke. Hlolani wonke amafomu ezicelo zamaphayona avamile ukuze niqinisekise ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abafake izicelo bengasalukhumbuli usuku oluthe ngqó ababhapathizwa ngalo, kufanele baluhlawumbisele bese lugcinwa.

◼ Noma nini lapho uhlela ukuvakasha futhi udinga ukwazi izinsuku, izikhathi nezindawo zemihlangano yebandla, umhlangano wesifunda, noma wesigodi kwelinye izwe kufanele ubuze ihhovisi legatsha elengamele umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi egatsha ahlelwe ekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka yangalowo nyaka.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ka-2002. Le miqulu izotholakala ngesiNgisi, isiJalimane nangesiPutukezi. Kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” ezinhlwini zezincwadi zebandla ezithunyelwe, kuze kube yilapho isitholakala futhi ithunyelwa. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokukhethekile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela