Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 28, 2003. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-March 3 kuya ku-April 28, 2003. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Iziphi izici ezingaba nomthelela ekuntulekeni kokuqephuza? [be-ZU k. 93]
2. Iqiniso Noma Amanga: Ukuhlaba ikhefu kufanele kugwenywe, ngoba kungavumela izingqondo zabantu ukuba zizule, kubanike namathuba okukungena emlonyeni. Chaza.
3. Kusiza ngani ukugcizelela umqondo okufanele esikhulumini noma kofundela iningi? (Neh. 8:8) [be-ZU k. 101]
4. Umuntu angakuthuthukisa kanjani ukugcizelela umqondo okufanele? [be-ZU kk. 102-3]
5. Imiphi imiqondo eyinhloko okufanele igcizelelwe lapho kufundwa incwadi ngokuzwakalayo esifundweni seBhayibheli noma emhlanganweni webandla? [be-ZU k. 105]
ISABELO NO. 1
6. Yini abazali abangayenza ukuze baqeqeshe izingane zabo ‘ukuba zilalele futhi zifunde’ emihlanganweni yamaKristu? (Dut. 31:12) [be-ZU k. 16]
7. Liyini ipharadesi elingokomoya? [w01-ZU 3/1 kk. 8-10]
8. IzAga 8:1-3 zibonisa kanjani ukuthi ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kungatholwa yiwo wonke umuntu, futhi ngokweyabaseKolose 2:3, kungatholakalaphi? [w01-ZU 3/15 kk. 25, 28]
9. Singalenza kanjani igama likaNkulunkulu laziwe? (Joh. 17:6) [be-ZU kk. 273-5]
10. Imiphi imininingwane ebalulekile okudingeka abantu bayazi mayelana ‘nezindaba ezinhle zombuso’? (Math. 24:14) [be-ZU kk. 279-80]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. (a) Ekhulwini lokuqala, sasiyini “isinengiso” esishiwo kuMarku 13:14?
12. IVangeli likaLuka likuveza kanjani ukuthi uJesu wayeyindlalifa engokwemvelo yesihlalo sobukhosi sikaDavide? (Luka 3:23-38) [w92-ZU 10/1 k. 9 isig. 3]
13. Wayesho ukuthini uJesu ngamazwi akuLuka 12:2?
14. Emfanekisweni kaJesu wohlamvu lwesiliva olulahlekile, kungani iphawuleka indlela izingelosi ezisabela ngayo? (Luka 15:10) Isibonelo sazo kufanele sisithinte kanjani?
15. Iziphi izivumelwano ezimbili ezishiwo kuLuka 22:29?