ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-March 10
INgoma 5
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-March 15 ne-Phaphama! ka-April 8. Embonisweni ngamunye, kufanele bahanjiswe bobabili labo magazini, nakuba kukhulunyelwa owodwa kuphela.
15 imiz: Indlela Yokubonisana NgemiBhalo. Ingxoxo nezilaleli. Singalakha kanjani ikhono lokubonisana nabantu ngokuphumelelayo enkonzweni? (1) Ngenisa ulwazi oluhle lwemiBhalo ngesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke nangokuba khona njalo emihlanganweni. (2) Zindla ngalokho okufundayo, uhlole amaqiniso nxazonke. (3) Ungafuni nje kuphela izincazelo zemibhalo kodwa futhi funa nezizathu zazo ezisemiBhalweni. (4) Cabanga ukuthi ubungayichaza kanjani imibhalo ezinhlotsheni ezahlukene zabantu. (5) Cabanga ngokuthi ubungawafanekisa kanjani amaphuzu athile.
20 imiz: “Shisekela Okuhle!”a (Izigaba 1-12) Ngemva kokuxoxa ngesigaba 6, yiba nomboniso omfushane wommemezeli ememela eSikhumbuzweni isihlobo, umakhelwane, afunda naye, noma asebenza naye, esebenzisa ipheshana lesimemo. Uma abamemezeli bengakawatholi amapheshana ezimemo zeSikhumbuzo, mabawanikwe ngemva komhlangano.
INgoma 19 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 17
INgoma 34
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: Khetha Abangane Bakho Ngokuhlakanipha. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Phaphama! ka-February 22, 1997, ikhasi 13, nasekwazisweni okusesihlokweni esithi “Abangane Ababi” ekhasini 338 lencwadi Ukubonisana. Bonisa indlela izimiso ezisebenza ngayo kwabasha nabadala. Qokomisa izinzuzo zokukhetha abangane abathanda uJehova futhi ababonisa ukuthi balwela ukunamathela ezindinganisweni zakhe.
20 imiz: “Shisekela Okuhle!”b (Izigaba 13-26) Kumelwe sisingathwe umbonisi owengamele. Lapho nixoxa ngesigaba 14, yiba nomboniso omfushane womdala evakashele umzalwane obuthaka emzimbeni ngenjongo yokumkhuthaza, echaza ngomusa indlela lo mzalwane angahlanganyela ngayo emsebenzini webandla othé xaxa ngenkathi yeSikhumbuzo.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 24
INgoma 72
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 8, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-April 1 ne-Phaphama! ka-April 8.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: OFakazi BakaJehova—Ithonya Elihle Emphakathini. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Ngezinye izikhathi sithola ithuba lokuchaza indlela inkonzo yethu nesibonelo sethu esiwuzuzisa ngayo umphakathi. Cela izilaleli zikhulumele la maphuzu alandelayo: (1) Sifundisa abantu ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha. (2) Sifundisa ukuthembeka nokuhlonipha igunya. (3) Sifundisa ukuzwana phakathi kwezinhlanga, izizwe namaqembu omphakathi. (4) Sisiza abanye bathuthukise ukuphila kwemikhaya yabo ngokubakhuthaza ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli. (5) Sifundisé izinkulungwane ukufunda nokubhala. (6) Siyazikhandla sisiza abanye ngezikhathi zezinhlekelele. (7) Siye sasiza kakhulu ekuvikeleni inkululeko engokwenkolo bonke abantu abanayo.—Bheka incwadi ethi Abamemezeli, ikhasi 699.
INgoma 121 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 31
INgoma 130
12 imiz: Izaziso zebandla. Memezela amalungiselelo oSuku Lukamagazini olukhethekile oluyoba ngoMgqibelo ka-April 5. Bakhumbuze bonke ukuba banike ababonisi babo bezifundo zencwadi imibiko yenkonzo yasensimini ka-March. Yisho isipho sencwadi sango-April, uqokomise ikakhulukazi ukuthi kufanele kwenziwe umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli ngencwadi ethi Khulekela UNkulunkulu kulabo asebeyifundile kakade incwadi ethi Ulwazi nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Xoxani ngamaphuzu ayinhloko esihloko esithi “Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo.”
13 imiz: Okuhlangenwe nakho kwebandla. Cela ibandla lilandise okwenzeke ensimini ngesikhathi somsebenzi othé xaxa owenziwe ngo-March. Lituse ngemizamo yalo, futhi ukhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka ngo-April kuye ngezimo zabo.
20 imiz: “UJehova Kumelwe Adunyiswe Kakhulu.”c Gcizelela ukubaluleka kweSikhumbuzo. Bonisa indlela bonke abangasiza ngayo abanye ukuba babe khona. Chaza ukuthi yini engenziwa ukuze kuthintwe asebepholile ngenjongo yokubavuselela isithakazelo. Cela izilaleli zilandise noma ikuphi okukhuthazayo okwenzeka ngomkhosi wangonyaka odlule.
INgoma 173 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 7
INgoma 191
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Ukuzuza ENcwadini Yonyaka Ka-2003. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Xoxani ngamaphuzu avelele engxenye ethi “Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo,” emakhasini 3-5. Hlela kusengaphambili ukuba abambalwa balandise imibiko kanye nokwenzekile abakuthole kukhuthaza ngokukhethekile futhi kuqinisa ukholo. Yisho okuqavile okusembikweni womhlaba wonke. Khuthaza imikhaya ukuba iyifunde ngokuqhubekayo yonke incwadi phakathi nonyaka. Yisho izindlela esingasebenzisa ngazo le ncwadi ukuze siqondise abasha enhlanganweni kaJehova futhi sibakhuthaze ukuba babe khona emihlanganweni. (Amabandla angakayitholi INcwadi Yonyaka Ka-2003 angaxoxa ngezidingo zebandla.)
20 imiz: “Indlela Iqiniso Elisikhulula Ngayo.”d Khulumela nebhokisi elisekhasini 6 le-Nqabayokulinda ka-October 1, 1998. Cela izilaleli ukuba zisho ukuthi amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu azikhulule kanjani.
INgoma 217 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, kulandele ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, kulandele ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, kulandele ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, kulandele ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.