Ilungiselelo Elisha Lemitapo Yezincwadi YasemaHholo OMbuso
Sekuyiminyaka eminingi manje amabandla emhlabeni wonke ezuza ngokusebenzisa imitapo yezincwadi emaHholo OMbuso awo, kuqala ebibizwa ngokuthi umtapo wezincwadi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Esikhathini esidlule, kwakubonakala kudingekile ukuba ibandla ngalinye libe nowalo umtapo wezincwadi. Nokho, njengoba amaHholo OMbuso amaningi manje esesetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, amanye awo asebenzisa ulimi olungelona olwendawo, kubonakala kungcono ukuba eHholo LoMbuso ngalinye kube nomtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso owodwa kuphela ophelele wazo zonke lezo zilimi. EmaHholo OMbuso okunamahholo angaphezu kwelilodwa, ihholo ngalinye kufanele libe nomtapo wezincwadi onazo zonke izilimi ezisetshenziswa kulelo hholo.
Kulindeleke ukuba leli lungiselelo lisize ekongeni indawo nasekunciphiseni izindleko. Ngaphezu kwalokho, ukuhlanganiswa kwemitapo yezincwadi yamabandla amabili noma ngaphezulu cishe kuyokwenza ukuba kube nemitapo yezincwadi engcono. Lapho le mitapo ihlanganiswa, izincwadi ezisalayo zingase zibekwe zisetshenziswe kamuva lapho kwakhiwa amaHholo OMbuso amasha. Uma iHholo LoMbuso line-computer ene-Watchtower Library kuyi-CD-ROM, abanye bangase balithole liwusizo kakhulu leli thuluzi.
Umtapo ngamunye wezincwadi waseHholo LoMbuso, mawube nomzalwane oyedwa ozoba umnakekeli wawo, okungakuhle kube omunye wababonisi beSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kufanele alokhu enezela izincwadi ezifanele, ngayinye ayiphawule ngobunono ngaphakathi koqwembe abonise ukuthi ingeyasemtatsheni waseHholo LoMbuso. Okungenani kanye ngonyaka kufanele ahlole ukuthi uphelele yini umtapo futhi aqiniseke ukuthi izincwadi zisesimweni esihle. Izincwadi ezikule mitapo akumelwe zikhishwe eHholo LoMbuso.
Bonke abahlanganyela ebandleni bayaqhubeka bewazisa kakhulu umtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso. Sengathi singabonisa ukuthi nathi siyalazisa leli lungiselelo ngokulinakekela nangokulisebenzisela ukufuna “ulwazi ngoNkulunkulu.”—IzAga 2:5.