ISimiso Semihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-October 14
INgoma 103
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bakhuthaze bonke ukuba babukele i-video ethi Our Whole Association of Brothers lapho belungiselela ingxoxo yoMhlangano Wenkonzo wesonto lika-October 28. Ezindaweni zasemaphandleni abadala kufanele benze umzamo wokuba le video iboniswe imikhaya engenayo imishini ye-video. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 12, yiba nemiboniso emibili yendlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-October 15 ne-Phaphama! ka-November 8. Embonisweni ngamunye, bonisa indlela ehlukile yokusingatha ovimba ingxoxo ngokuthi “Ngijwayelene kakhulu nomsebenzi wenu.”—Bheka incwadi Ukubonisana, ikhasi 20.
20 imiz: “Uzoba Khona Yini Wena?” Inkulumo nokuhlangenwe nakho, esingathwa ngumdala. Imibuthano emikhulu iye yafeza indima ebalulekile ekuqiniseni abantu bakaNkulunkulu kusukela ezikhathini zeBhayibheli kuze kube sosukwini lwethu. (Bheka incwadi Abamemezeli, ikhasi 254, izigaba 1-3, ne-Insight, uMqulu 1, ikhasi 821, isigaba 5.) Bakhuthaze bonke ukuba baqale manje ukwenza amalungiselelo okuba khona kuzo zontathu izinsuku zomhlangano wesigodi walo nyaka. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi imizamo yazo yokuzimisela yokuba khona nokuzidela kwazo esikhathini esidlule yabusiswa ngokomoya.
15 imiz: “Ukukhuthazana Okukhethekile.” Inkulumo. Yakha ukwazisa ngokuya emhlanganweni wesigodi. Bakhuthaze bonke ukuba babe khona esimisweni ngasinye, kusukela ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube ngeSonto ntambama.
INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 21
INgoma 206
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
20 imiz: “Indlela Ababonisi BeZifundo Zencwadi Zebandla Ababonisa Ngayo Isithakazelo Kumuntu Ngamunye.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo okufanele isingathwe ngumbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla. Esethulweni, chaza kafushane ukuthi ilungiselelo lesifundo sencwadi laqala kanjani. (jv-ZU 237 isig. 4) Hlela kusengaphambili ukuba abamemezeli ababili noma abathathu balandise indlela abaye bazuza ngayo ngesithakazelo ngamunye asiboniswa eSifundweni Sencwadi Sebandla.
15 imiz: “Phishekelani Okuhle Ngaso Sonke Isikhathi.”a Gcizelela isidingo sokubambisana namalungiselelo endawo yokulala ahloselwe ukuzuzisa thina. Gcizelela izikhumbuzo ezintathu ezisesigabeni 2. Chaza ukuthi kungani kubalulekile ukuba umuntu ngamunye aziphathe kahle.
INgoma 194 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 28
INgoma 110
8 imiz: Izaziso zebandla. Bakhuthaze bonke ukuba babukeze amaphuzu abo omhlangano okhethekile wosuku olulodwa odlule lapho belungiselela ingxoxo yoMhlangano Wenkonzo wesonto elizayo. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-October. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 12, cela udade ukuba enze umboniso wokuhambisa INqabayokulinda ka-November 1, nomzalwane ukuba ahambise i-Phaphama! ka-November 8. Ngemva komboniso ngamunye, qokomisa ngamafuphi iphuzu elihle entshumayelweni.
12 imiz: “Yanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya.” Inkulumo kanye nengxoxo nezilaleli. Cabangela izizathu zokuthi kungani sonke kufanele silalelisise isimiso somhlangano wesigodi. Gcizelela isidingo sokukusebenzisa esikufundayo esikhundleni sokukuzwa nje kuphela.
25 imiz: “Okusenza Sithande Yonke Inhlangano Yabafowethu.” Zisuka amadaka, xoxa nezilaleli nge-video ethi Whole Association, usebenzisa imibuzo elungiselelwe.
INgoma 41 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 4
INgoma 66
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngesithi “Ukwazisa Umsebenzi Wokwakha AmaHholo OMbuso.”
13 imiz: “Ukugqoka Nokuzilungisa Ngesizotha.”b Kufanele isingathwe ngumdala, oyofunda izigaba ezikhethiwe ngemva kokuxoxa ngazo. Basize bonke babone ukuthi kungani kubalulekile ukuqaphela indlela esibukeka ngayo lapho sisobala.
22 imiz: Zithobeni KuNkulunkulu—Nimelane NoDeveli. (Jak. 4:7) Esebenzisa imibuzo elungiselelwe lapha, umdala uba nengxoxo enomdlandla nezilaleli ngesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa oqhutshwe onyakeni wenkonzo odlule. Cela ibandla lilandise ukuthi liye lakusebenzisa kanjani elakufunda. (Izingxenye zingase zabelwe kusengaphambili.) Qokomisa izinkulumo zesimiso ezilandelayo: (1) “Ukuzithoba KuNkulunkulu Ezweni Eligqilaziwe.” Kungani kumelwe siphaphamele ukugwema izingibe zezwe? (2) “Ukubonisa Ukuzithoba Kokuhlonipha UNkulunkulu Njengamalungu Omkhaya.” Kungani kunesidingo esiphuthumayo enhlanganweni kaJehova sokuqinisa izibopho zomkhaya? Singakwenza kanjani lokhu? (3) “Siza Abafundi Abasha Ukuba Bame Baqine Ohlangothini LukaJehova.” Singabasiza kanjani abasanda kuhlanganyela ukuba banqobe izithiyo ezivivinya ukholo lwabo? (4) “Lokho Okushiwo Ukumelana NoDeveli.” Siyini isihluthulelo sokumelana noDeveli ngokuphumelelayo? Isambatho esingokomoya esichazwe kweyabase-Efesu 6:11-18 singasivikela kanjani? (w92-ZU 5/15 21-3) (5) “Intsha Ephumelelayo Ukulwa Nomubi” nesithi “Intsha Ezuzayo Ngokuzithoba Kokuhlonipha UNkulunkulu.” Yimaphi amanye amaqhinga kaSathane okumelwe intsha iwaqaphele? Intsha ibusiswa kanjani ngokuzithoba kuJehova? (w90-ZU 8/1 13-14, izig. 15-17) (6) “Ukuzuza Ekuzithobeni Kokuhlonipha UNkulunkulu.” Chaza indlela amaKristu abonisa ngayo ukuzithoba emagunyeni kahulumeni, kubaqashi bezwe, emkhayeni, nasebandleni lobuKristu. Yiziphi izimfanelo ezingasisiza ukuba senze kanjalo?
INgoma 185 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.