IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-July nango-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungahanjiswa incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, nethi Incwadi Yabo Bonke Abantu. Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngo-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kutholakala khona isithakazelo, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, wenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli.
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi bezifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Londoloza Uphawu Lwakho LobuKristu!”
◼ Kubalulekile ukuba umbonisi owengamele aqale azise iBethel Office ngencwadi noma ngocingo uma kuneqembu labangu-20 noma ngaphezulu elihlela ukuvakashela izakhiwo zegatsha ngebhasi noma ngethekisi. Kumelwe anikeze isibalo sabantu abezayo, usuku nesikhathi abazofika ngaso. SIZANI NITHUMELE LOKHU KWAZISWA KUSENESIKHATHI. Alikho ilungiselelo lokubonisa abantu iBethel ngemva kuka-12 emini ngeMigqibelo, kodwa ningayibona iBethel ngamaholide omphakathi aphakathi nesonto. Ngaphambi kokuba nivakashe, sizani nibukeze iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2002 mayelana nendlela efanele yokugqoka nokuzilungisa lapho nivakashela izakhiwo zaseBethel.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2003 e-odeni lawo lezincwadi lika-July. Sizani ningawasaphazi la mafomu. Kufanele asetshenziselwe injongo yawo kuphela.
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
A Satisfying Life—How to Attain It—ngesiNgisi
Warning Examples for Our Day (Idrama, ikhasethi elilodwa)—ngesiPutukezi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
What Does God Require of Us?—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:
The Greatest Man Who Ever Lived, Umqulu 9—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika