Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/02 k. 3
  • Uthini Lapho Ucingo Luphendulwa Ngumshini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uthini Lapho Ucingo Luphendulwa Ngumshini?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 5/02 k. 3

Uthini Lapho Ucingo Luphendulwa Ngumshini?

Ucingo luyindlela ephumelelayo yokufakaza kubantu abangatholakali emakhaya noma abahlala ezindaweni okungangeneki kuzo. Nokho abantu abaningi ngokwandayo abaluphenduli ucingo—luphendulwa ngumshini. Uma lokhu kwenzeka, yini ongayenza? Ungaluvali. Esikhundleni salokho, hlale unempendulo oyibhalile oyilungiselele kahle ongayifunda ocingweni. Prakthiza ukuyifunda ngezwi elinomusa, nangendlela esangxoxo. Yini ongase ukusho?

Ungase ummeme ngomusa umninikhaya ukuba abe khona eMhlanganweni Weningi olandelayo eHholo LoMbuso. Ungase uthi: “Ngiyadabuka ukuthi angizange ngikuthole. Uma ungathanda ukuzwa ingxoxo esekelwe eBhayibhelini enesihloko esithi [yisho isihloko senkulumo yeningi], ngicela uze eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Kumenywa bonke abantu. Akukho nkongozelo ethathwayo.” Yibe ususho ngokucacile usuku nesikhathi salo mhlangano, umnike nekheli lomgwaqo iHholo LoMbuso elikuwo noma uchaze lapho likhona.

Qaphela abantu abasha ababa khona emihlanganweni, zethule kubo, futhi ubenze bazizwe bamukelekile. Ungakhohlwa ukusikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela