Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/02 k. 3
  • Ukukhuthazana Okukhethekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuthazana Okukhethekile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Qhubekani Nikhuthazana Usuku Ngalunye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • “Buthela Abantu Ndawonye”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Hlela Kusemanje Ukuba Khona Emhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” Ka-1991
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 10/02 k. 3

Ukukhuthazana Okukhethekile

1 Alupheli usuku lungavivinywanga ukholo lwabantu bakaJehova. Njengoba uDeveli azi ukuthi unesikhathi esifushane, usekhipha amangwevu ukuze aphule ubuqotho bethu kuJehova. (IsAm. 12:12) Kubalulekile ukuba ‘siqhubeke sizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bezikhwepha zayo’ ukuze ‘sikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nokuba, ngemva kokuba sesenze zonke izinto ngokuphelele, sime siqinile.’—Efe. 6:10, 13.

2 Ukuhlangana namakholwa esikanye nawo kuyilungiselelo likaJehova lokusisiza ukuze sithole amandla. Umphostoli uPawulu wayekuqonda lokhu. Wayelangazelela ukuba phakathi kwabafowabo abangamaKristu ukuze ‘bakhuthazwe ndawonye’ futhi ‘baqiniswe.’ (Roma 1:11, 12, umbhalo waphansi we-NW) Ukuze isiqinisele ukwenza intando kaNkulunkulu, iNdikimba Ebusayo ngothando iye yahlela ukusinika ithuba lokuzuza ngokukhuthazana eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’ esibheke kuwo.

3 Yiba Khona Ukuze Uzuze: Zibekele umgomo wokuba khona zontathu izinsuku. ‘Siyazizuzisa’ ngokufika ngaphambi kwengoma yokuqala futhi sihlale size sisho u-“Amen” osuka enhliziyweni emthandazweni wokuphetha. (Isaya 48:17, 18) Abaningi kuyodingeka bahlele isimiso sabo somsebenzi kusengaphambili ukuze bathole isikhathi sokuba khona zontathu izinsuku. Kuyavunywa ukuthi kungase kungabi lula ukuba umqashi wakho akunike isikhathi sokungabikho emsebenzini, kodwa sinesiqinisekiso sikaJehova sokuthi uyosisiza ukuba senze intando yakhe. (1 Joh. 5:14, 15) Uma singakakwenzi lokho, manje yisikhathi sokuba senze amalungiselelo aqondile ezinto zokuhamba nendawo yokulala, singathathi izinto kalula. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu yokuba khona zontathu izinsuku.—IzAga 10:22.

4 Silangazelele Isikhuthazo: Ngemva komhlangano wesigodi, wake wazithola yini uthi: “Ubuvuth’ uphondo!” Kungani wazizwa ngaleyo ndlela? Kungenxa yokuthi njengabantu abangaphelele singazizwa sikhathala kancane kancane, sizithole sidinga isikhuthazo esingokomoya. (Isaya 40:30) Udade othile wathi: “Isimiso saleli zwe siyangikhandla, kodwa imihlangano yesigodi ivuselela umbono wami ongokomoya, inginika umfutho ongokomoya engiwudingayo. Kubonakala sengathi isikhuthazo sifika lapho nje ngisidinga kakhulu khona.” Cishe nawe uye wazizwa ngendlela efanayo.

5 Isikhuthazo esisidingayo asisitholi nje ngezinkulumo nezingxoxo kuphela kodwa nangezinye izici ezakhayo zemihlangano yethu yesigodi. Umzalwane othile wathi: “Engikujabulela kakhulu ukusetshenziswa kwezimiso zeBhayibheli ngendlela ecacile newusizo. Amadrama wona-ke awusizo olungenakuqhathaniswa ekusiboniseni indlela esingazuza ngayo ezibonelweni ezidlule, ezimbi nezinhle. Ngihlala ngibheke phambili ekutholeni izincwadi ezintsha ezizokhululwa, futhi ngijabulela ukuzifunda isikhathi eside ngemva kokubuyela ekhaya.”

6 Imihlangano yesigodi iyilungiselelo elibalulekile elivela kuJehova kulezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Isisiza ukuba silalele iseluleko esiphefumulelwe, esithi: “Hlalani niphapheme, nime niqinile okholweni, niqhubeke njengamadoda, nibe namandla.” (1 Kor. 16:13) Ngakho-ke, masizimisele ukuba khona kuso sonke isimiso futhi sijabulele ukukhuthazana okwakhayo eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’!

[Ibhokisi ekhasini 3]

Hlela Ukuba Khona Zontathu Izinsuku

■ Cela isikhathi emsebenzini.

■ Yenza isicelo sendawo yokulala edolobheni lomhlangano.

■ Hlela into yokuhamba yokuya emhlanganweni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela