IZaziso
◼ Isipho sango-April nango-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Abamemezeli kufanele bazise abaninikhaya ukuthi banganikelela umsebenzi womhlaba wonke uma bethanda ukwenza kanjalo. Uma uthola isithakazelo lapho wenza izimpindelo, faka lowo muntu emzileni kamagazini. Hambisa incwajana Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, unombono wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-June: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma abaninikhaya sebenazo lezi zincwadi, hambisa incwajana efanelekayo ibandla elinayo esitokweni. Ngo-July: Kungasetshenziswa noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona kungahanjiswa incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, nethi Incwadi Yabo Bonke Abantu.
◼ Kubalulekile ukuba ihhovisi legatsha libe nombhalo wamuva wamakheli nezinombolo zocingo zabo bonke ababonisi abengamele nonobhala. Noma nini lapho kuba noshintsho, iKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele igcwalise futhi isayine ifomu elithi Ushintsho Lwekheli Lombonisi Owengamele/Unobhala (S-29) ilithumele ehhovisi legatsha ngaphandle kokulibala. Lokhu kuhlanganisa nanoma yiluphi ushintsho lwenombolo yeposi yendawo.
◼ Onobhala bamabandla kufanele bahlale benesitokwe esanele samafomu eSicelo Senkonzo Yamaphayona Avamile (S-205) naweSicelo Senkonzo Yamaphayona Asizayo (S-205b). La mafomu anga-odwa nge-Literature Request Form (S-14). Okungenani yibani nesitokwe sonyaka wonke. Hlolani wonke amafomu ezicelo zamaphayona avamile ukuze niqinisekise ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abenza isicelo bengasalukhumbuli usuku oluthé ngqo ababhapathizwa ngalo, kufanele bacabangele usuku bese lugcinwa.
◼ Noma nini lapho izinhlelo zomuntu zokuvakasha zihlanganisa ukuya emihlanganweni yebandla, umhlangano wesifunda noma wesigodi kwelinye izwe, isicelo sokuthola ukwaziswa mayelana nezinsuku, izikhathi, nezindawo kumelwe siqondiswe ehhovisi legatsha elengamele umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi egatsha asohlwini olusekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka ophezulu.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ka-2001. Le miqulu izotholakala ngesiJalimane, isiNgisi, nesiPutukezi. Kuze kube yilapho isitholakala futhi ithunyelwa, kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” ezinhlwini zezincwadi zebandla ezithunyelwe. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokukhethekile.
◼ Kusukela ngesonto lika-September 16, 2002, siyofunda incwadi ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II eSifundweni Sencwadi Sebandla. Amabandla ayakhuthazwa ukuba a-ode lezi zincwadi kusenesikhathi.