Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/02 kk. 5-6
  • Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 4/02 kk. 5-6

Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kwendaba eyahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-January 7 kuya ku-April 22, 2001. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhala kulo izimpendulo zemibuzo eminingi ngangokunokwenzeka ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:

1. KumShumayeli 2:2, uSolomoni uveza iphuzu lokuthi ukuhleka nokujabula kumelwe kugwenywe. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 9/15 k. 24 isig. 5.]

2. Kunokuba incwadi ebheka izinto ngeso elifiphele, incwadi yomShumayeli ihlobe ngamatshe ayigugu akhazimulayo okuhlakanipha kwaphezulu futhi ibonisa ukuthi imisebenzi eyinhlekelele yileyo emshaya indiva uNkulunkulu. [si-ZU k. 114 isig. 15]

3. Ku-Isaya 1:7, umprofethi ubhekisela ekuchithweni kukaJuda ngesikhathi sokubusa kuka-Ahazi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU k. 17 isig. 16.]

4. Inkulumo ethi “bemi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu,” njengoba kushiwo kusAmbulo 7:9 ibonisa ukuthi basezulwini. [rs-ZU k. 201 isig. 5]

5. ‘Ukudumisa uJehova’ ngesandla esivulekile ngemicebo yethu—isikhathi sethu, amakhono, amandla, izinto ezibonakalayo—kuphumela ezibusisweni ezicebile ngokomoya ezivela kuJehova. (IzAga 3:9, 10) [w00-ZU 1/15 k. 25 isig. 1]

6. Osukwini lwanamuhla ‘isenzo esingandile nomsebenzi ongavamile’ okwabikezelwa ku-Isaya 28:21 kubhekisela ekubhujisweni kwezizwe e-Armagedoni. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU k. 295 isig. 16; k. 301 isig. 28.]

7. Njengoba uMathewu 24:38, 39 ebonisa, ukuzitika ngokudla nokuphuza, kanye neminye imisebenzi yabantu, kwabangela abantu bosuku lukaNowa ukuba bakhukhulwe uZamcolo. [w00-ZU 2/15 k. 6 isig. 6]

8. UJehova ngaso sonke isikhathi uzinika ezikucelayo izinceku zakhe ezithobekile ezimkhonza ngokungenabugovu. [w00-ZU 3/1 k. 4 isig. 3]

9. “Izizwe” okubhekiselwe kuzo ku-Isaya 60:3 ziyizizwe ngazinye zezombangazwe eziye zakhangwa ukukhanya okunikezwa nguNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w00-ZU 1/1 k. 12 isig. 4.]

10. UJehova ‘wangcwelisa’ uJeremiya ngaphambi kokuba azalwe ngokuba ammisele kusengaphambili ikusasa lakhe laphakade. (Jer. 1:5) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 4/1 k. 10 isig. 2.].

Phendula le mibuzo elandelayo:

11. KumShumayeli 11:1, kusho ukuthini ‘ukuthuma isinkwa’? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 9/15 k. 25 isig. 12.]

12. Ku-Isaya 6:8, uJehova uhlanganisa nobani uma ethi “oyakusiyela”? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU kk. 93-4 isig. 13.]

13. Ekugcwalisekeni kuka-Isaya 9:2, “ukukhanya okukhulu” kwakhanya kanjani eGalile? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU k. 126 isig. 17.]

14. Yimuphi umfuziselo wosuku lwanamuhla ongenziwa ngokuqondene nokuwa kweBabiloni ngo-539 B.C.E. nokwenziwa kwalo incithakalo okwalandela? (Isaya 13:19, 20; 14:22, 23) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU k. 188 izig. 30-1.]

15. ‘Isigqila esikholekile nesiqondayo’ siye sasebenza kanjani ‘njengomlindi’ ochazwe ku-Isaya 21:6? (Math. 24:45) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU kk. 221-2 isig. 11.]

16. Yisiphi iseluleko esihlakaniphile ensizweni efuna umngane womshado esitholakala kuzAga 31:10? [w00-ZU 2/1 k. 31 isig. 1]

17. Ku-Isaya 43:9, onkulunkulu bezizwe babekelwa yiphi inselele? [11, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 2/1 k. 16 isig. 3.]

18. Izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuthiwa “zibukeka kahle” ngamuphi umqondo? (Isaya 52:7, NW) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 4/15 k. 27 isig. 6.]

19. Kudingeka senzeni ukuze sivimbele inhliziyo yethu ingasikhohlisi? (Jer. 17:9) [w00-ZU 3/1 k. 30 isig. 4]

20. Labo “abahamba endleleni kaJehova” kumelwe benzeni? (Jer. 7:23) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 8/15 k. 29 isig. 6.]

Nikeza igama noma amagama noma umshwana odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:

21. “Inhliziyo yohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe” ngomqondo wokuthi ‘esokunene’ ngokuvamile sichaza ․․․․․․․․; ngakho, lokhu kubonisa ukuthi ․․․․․․․․ yakhe imshukumisela ukuba aphishekele inkambo enhle, elungile. (UmSh. 10:2; Math. 25:33) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 9/15 k. 25 isig. 8.]

22. ․․․․․․․․ ezimisweni zikaNkulunkulu kuphakathi kwezifundo ezizuzisayo ezifundiswa yisiHlabelelo Sezihlabelelo. [si-ZU k. 117 isig. 16]

23. Umchithi wemizi yakwaJuda, ochazwe ku-Isaya 33:1, ․․․․․․․․, nalo ngokwalo elaliyogcina ngokunqotshwa ngo-632 B.C.E., libashiyele impango enkulu abakhileyo ․․․․․․․․, ‘ababeyoyibutha ngokungathi amaphela.’ (Isaya 33:4) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU k. 343 isig. 4; k. 345 isig. 6.]

24. Ukuqhathanisa u-Isaya 54:1 nabaseGalathiya 4:26, 27 kwembula ukuthi ‘owesifazane oyinyumba’ ufanekisela “․․․․․․․․”; kanti ‘owesifazane onomyeni,’ ufanekisela ․․․․․․․․. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 8/1 k. 11 isig. 8.]

25. Lapho sihlekwa usulu futhi sibandlululwa enkonzweni yethu yasobala, kudingeka sikhumbule ukuthi akuphikiswa ․․․․․․․․, kodwa kuphikiswa ․․․․․․․․, uMthombo wesigijimi sethu. (2 Kor. 4:1, 7) [w00-ZU 1/15 k. 21 isig. 2]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. Lapho ebhala ngombono wakhe wenkazimulo kaJesu yasezulwini, uPawulu ubhekisela kuye ngokwakhe ngokuthi “ozalwe ngaphambi kwesikhathi,” okusho ukuthi (wayesanda kuzalwa ngomoya; wathola isabelo kuqala sokuba umphostoli ezizweni; kwakunjengokungathi wayenikezwe ilungelo lokuzalwa noma lokuvuselwa ekuphileni komoya ngaphambi kwesikhathi). (1 Kor. 9:1; 15:8) [w00-ZU 1/15 k. 29 isig. 6]

27. Isiqu esithi “uYise Ongunaphakade” sibhekisela emandleni nasegunyeni leNkosi enguMesiya okunika abantu (ukuphila okungokomoya; ukuphila kokungafi ezulwini; ithemba lokuphila phakade emhlabeni). (Isaya 9:6; Joh. 11:25, 26) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU k. 131 isig. 26.]

28. Ekugcwalisekeni kosuku lwanamuhla kuka-Isaya 66:7, “umntwana wesilisa” owazalwa umelela (uJesu Kristu; uMbuso KaMesiya; isizwe esisha esingokomoya ngo-1919). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 1/1 k. 11 isig. 3.]

29. Ukufunda uMathewu 10:28 ngokucophelela kusisiza ukuba sibone ukuthi iGehena lomlilo (liyindawo yokuhlushwa uzwa; limelela ukubhujiswa okuphakade; lichaza ukuhlukaniswa noNkulunkulu). [rs-ZU k. 140 isig. 1]

30. Ekugcwalisekeni kosuku lwanamuhla, “isizwe esingalilalelanga izwi likaJehova,” okukhulunywa ngaso kuJeremiya 7:28, sibhekisela (eBabiloni Elikhulu; kweLobukholwa; embusweni wezwe wesikhombisa). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 4/1 k. 18 isig. 10.]

Qondanisa imiBhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

IzAga 24:16; UmSh. 3:11; Isaya 40:8; Roma 10:15; 1 Pet. 4:6

31. Indawo efanele, lapho umsebenzi ngamunye kaNkulunkulu ungena khona enjongweni yakhe, iyokwembulwa ngesikhathi sayo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 9/15 k. 24 isig. 8.]

32. Ukushumayela izindaba ezinhle kwabafileyo ngokomoya kubanikeza ithuba lokuphenduka. [rs-ZU k. 198 isig. 1]

33. Nakuba izimo ezidumazayo ekuphileni zingenakugwenywa, umuntu owesaba uNkulunkulu akayeki ukulwela ukwenza okuhle. [w00-ZU 2/1 k. 5 isig. 1]

34. Izwi likaNkulunkulu noma injongo yakhe eshiwo, alinakwenziwa ize noma lithiywe ukuba lingafezeki. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-ip-1-ZU kk. 401-2 isig. 10.]

35. Abaphostoli bakaJesu basisebenzisa kahle isiprofetho sika-Isaya, besisebenzisa enkonzweni. [si-ZU k. 123 isig. 37]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela