Ukushumayela NgoMbuso Kusiza Ekusindiseni Ukuphila!
1 Ngumsebenzi obaluleke kunayo yonke owenziwa emhlabeni kulesi sikhathi. UJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, nezinkulungwane zezinkulungwane zezingelosi bagxilise ukunaka kwabo kuwo. Uyini, futhi ubaluleke ngani? Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso, futhi usiza ekusindiseni ukuphila!—Roma 1:16; 10:13, 14.
2 Abanye abantu bangase babe nomuzwa wokuthi besingabakhonza kangcono abanye abantu ngokuba sihileleke ekuzameni ukuthuthukisa izwe esiphila kulo. Abaningi bangene shí emizamweni yokuletha ukuthula, yokwelapha izifo, noma yokuthuthukisa umnotho. Kodwa yini eyosiza abantu kakhulu?
3 Umsebenzi Omuhle Kakhulu: Isigijimi soMbuso kuphela esichaza injongo yokuphila, imbangela yokuhlupheka kwabantu nokuwukuphela kwethemba eliqinile ngekusasa. Izindaba ezinhle zenza abantu babe ngabangane bakaJehova kanjalo bathole “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” (Fil. 4:7) Yisigijimi soMbuso kuphela esinikeza isiqondiso esisebenzayo sokusiza abantu babhekane nezinkinga zokuphila manje futhi sichaze indlela yokusinda lapho leli zwe elibi libhujiswa esikhathini esizayo. (1 Joh. 2:17) Ingabe lokho akwenzi kufaneleke ukuba senze wonke umzamo ekushumayeleni ngoMbuso?
4 Cabanga ngalo mfanekiso: Yikuphi obekungaba yindlela engcono yokusiza izakhamuzi ezilele emzini osengozini yokuqhunyelwa yidamu noma nini? Ingabe ukukhipha amanzi ungemuva kwaleli damu elibuthaka? Ukuwulungisa ube muhle lo muzi osengozini yokubhubha? Cha! Izakhamuzi zalo muzi kumelwe zivuswe, zixwayiswe ngale ngozi ezisongelayo, futhi zisizwe ukuba zibaleke! Labo abalele ngokomoya namuhla basengozini enkulu. (Luka 21:34-36) Njengoba lesi simiso sezinto sizodlula maduze nje, masilwele ukushumayela kubo bonke esingabafinyelela ngokuphuthuma okukhulu!—2 Thim. 4:2; 2 Pet. 3:11, 12.
5 Phikelela Kuwo: Masifune izindlela zokufinyelela abantu abaqotho abaningi nangokwengeziwe ngezindaba ezinhle—emakhaya abo, emgwaqweni, ngocingo, nangokwethukela. Umsebenzi uJehova asinike ukuba siwenze ubaluleke kunayo yonke esingayenza. Uma siwenza ngentshiseko, ‘siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo.’—1 Thim. 4:16.