Izibusiso Ezilethwa Ukubonisa Ukwazisa Ngothando LukaJehova—Ingxenye 1
1 Umphostoli uJohane wabhala: “Kepha thina, sinothando ngoba [uJehova] wasithanda kuqala.” (1 Joh. 4:19) Lapho sicabanga ngakho konke uJehova asinike kona, sishukumiseleka ukuba nathi sibonise ukwazisa kwethu okujulile. UJesu wasibekela isibonelo sokwenza lokhu ngokufakaza ngegama likaNkulunkulu nangoMbuso. (Joh. 14:31) Senza kahle ngokucabanga ngezinye zezindlela esingabonisa ngazo ukwazisa kwethu uthando lukaJehova nezibusiso eziwumphumela walokho.
2 Ukuya Endlini Ngendlu: UJesu wafundisa abafundi bakhe indlela yokwenza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Iziyalezo zakhe zibonisa ngokucacile ukuthi babehamba indlu ngendlu, besakaza izindaba ezinhle. (Luka 9:1-6; 10:1-7) Kudinga uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane ukuqhubeka siya endlini ngendlu lapho sibhekana nabantu abazithela ngabandayo nabaphikisayo. Kodwa ngokwenza kanjalo, siyazuza ngoba ukholo lwethu luqina ngokwengeziwe, siqine ngokwengeziwe ezinkolelweni zethu nethemba lethu likhanye ngokwengeziwe.
3 Njengoba sisebenza ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi, siye sathola abantu abaningi abalambele futhi bomele iqiniso. (IsAm. 14:6) Abaninikhaya baye bathi bebekade bethandazela usizo lapho uFakazi efika kubo. OFakazi ababili kanye nomntwana babehamba indlu ngendlu kwesinye seziqhingi zaseCaribbean. Lapho abantu abadala benquma ukushayisa, lo mntwana waziqhubekela yedwa waya endlini elandelayo wangqongqoza. Intokazi ethile yavula umnyango. Lapho abantu abadala bebona lokhu, baya khona bafike bakhuluma nayo. Yabangenisa futhi yabachazela ukuthi ibisanda kuthandazela ukuba uNkulunkulu athumele oFakazi ukuze bazoyifundisa iBhayibheli!
4 Ukufakaza Emigwaqweni: Njengoba kwezinye izindawo kungelula neze ukuthola abantu ekhaya, ukufakaza emigwaqweni kuyindlela ephumelelayo yokufakaza kubantu. Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi bahlala ezindaweni ezinamasango angangeneki noma ezakhiweni ezinesimiso sokulondeka esiqinile esingeke sakwazi ukungena indlu ngendlu kuzo. Noma kunjalo, ukwazisa kwethu ngothando lukaJehova kusishukumisela ukuba sisebenzise zonke izindlela zokuthintana nabantu ngesigijimi soMbuso, kuhlanganise nokufakaza emigwaqweni.—IzAga 1:20, 21.
5 Ukwenza Izimpindelo: Njengoba sifuna labo ‘abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya,’ sifuna ukwenza okusemandleni ethu ukuze sanelise leso sidingo. (Math. 5:3) Lokhu kudinga ukuba siphindele siyonisela imbewu yeqiniso esiyitshalile. (1 Kor. 3:6-8) Omunye udade e-Australia washiya ipheshana kowesifazane ongabonisanga isithakazelo esitheni. Noma kunjalo, udade waphikelela ekuzameni ukumthola futhi ekhaya. Lapho ekugcineni emthola, udade wathola ukuthi ngemva kokuhambela kokuqala lona wesifazane wasale wathenga iBhayibheli elibizayo. Udade waqala ukufunda naye!
6 Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli: Lokhu kungaba yisici senkonzo yethu esijabulisa nesivuza kakhulu kunazo zonke. Yeka isibusiso okuyiso ukusiza abantu bafunde ngoJehova, ukubabona benza izinguquko ekuphileni kwabo ukuze bamjabulise, nokubabona bebhapathizwa njengamaKristu njengesibonakaliso sokuzinikezela kwabo kuNkulunkulu!—1 Thes. 2:20; 3 Joh. 4.
7 Kwelandelayo INkonzo Yethu YoMbuso, sizocabangela ezinye futhi izindlela esibusiswa ngazo ngokubonisa ukwazisa ngothando lukaJehova.