Izibusiso Ezilethwa Ukubonisa Ukwazisa Ngothando LukaJehova—Ingxenye 2
1 Engxenyeni yangenyanga edlule yalesi sihloko, saqokomisa izindlela ezine ukwazisa kwethu uthando lukaJehova okungaboniswa ngazo enkonzweni. (1 Joh. 4:9-11) Lapha sizonezela ezinye izindlela ezinhlanu zokwenza lokhu. Lapho sihlanganyela ngokugcwele ekusizeni abanye ngokomoya, siyabusiswa.
2 Ukufakaza Ngokwethukela: Lena yindlela ephumelelayo yokuthola abantu abalambele futhi bomela ukulunga neyokubahambisela izincwadi eziwusizo. Kuhle ‘ukuthengisisa isikhathi’ sifakaze ngawo wonke amathuba kunoma ubani esihlangana naye. (Efe. 5:16) Kungase kudingeke siqunge isibindi ukuze sifakaze ngale ndlela kodwa uma silwazisa uthando lukaNkulunkulu futhi siziqaphela izidingo zabantu, siyofakaza ngawo wonke amathuba.—2 Thim. 1:7, 8.
3 Esinye isithunywa sevangeli sabusiswa ngokucebile ngokuqala ingxoxo nomuntu esasigibele naye ithekisi. Lo muntu wabonisa isithakazelo. Kwaphindelwa kaningana kuye, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Lowo muntu walamukela iqiniso wathuthuka waze waba ngumdala webandla!
4 Ukubhala Izincwadi: Mhlawumbe asikwazi ukuya endlini ngendlu ngenxa yobuthakathaka obuthile bomzimba noma ngenxa yesimo sezulu esingesihle. Singabhala izincwadi sifakaze kafushane ngeposi kubantu esibaziyo, kulabo abashonelwe ngabathandekayo babo noma kulabo ababengekho ekhaya lapho sisensimini. Singafaka elinye lamapheshana ethu elifanelekayo elinesigijimi esikhangayo esisekelwe eBhayibhelini futhi sikhuthaze lowo esimbhalelayo ukuba asibhalele uma enemibuzo. Sebenzisa ikheli lakho noma eleHholo LoMbuso, ukuze akuphendule ngalo; siza ungasebenzisi ikheli lehhovisi legatsha.
5 Ukufakaza Ngocingo: Lena yindlela enhle kakhulu yokufinyelela abantu esingakwazi ukubathola lapho sisemsebenzini wendlu ngendlu. Uma sikwenza ngokuhlakanipha, ngomusa, ngobuciko, nangekhono, singase sithole ukusabela okuhle. INkonzo Yethu YoMbuso ka-February 2001, amakhasi 5-6, inikeza ukusikisela okuwusizo ngendlela yokuthola imiphumela engcono kakhulu.
6 Lapho omunye udade efakaza ngocingo, wabuza owesifazane othile ukuthi wayeke wacabanga yini ngalokho ikusasa elimphathele kona yena nomkhaya wakhe. Owesifazane wathi wayeke wacabanga ngakho. Waveza ukuthi ngenxa yokuphelelwa yithemba, wayesephenduke unkom’ idla yodwa ekhaya. Eshukunyiswe ukumkhathalela ngobuqotho kwalo dade, lona wesifazane wavuma ukubonana naye emakethe eseduze. Ngenxa yalokho, lona wesifazane wasivuma ngaphandle kokunanaza isifundo seBhayibheli!
7 Ukwamukela Izihambi: Uma sibathanda omakhelwane bethu, siyohlale siphaphamele ukubona noma ubani esingamazi oza emihlanganweni yethu futhi simenze azizwe esekhaya. (Roma 15:7) Menze abone ukuthi uphakathi kwabantu abanesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yakhe engokomoya. Ukumkhathalela kwethu okuqotho nokusikisela kwethu isifundo seBhayibheli kuye kungamenza alwamukele usizo lwethu.
8 Ukuziphatha Kwethu Okuhle: Ngokuziphatha kwethu okuhle, sihlobisa iqiniso. (Thithu 2:10) Lapho abasezweni bekhuluma kahle ngathi njengoFakazi BakaJehova, badumisa uNkulunkulu wethu. (1 Pet. 2:12) Lokhu nakho kungasiza abanye ukuba bangene endleleni yokuphila.
9 Kungani ungazibukezi lezi zindlela ezinhlanu zokubonisa ukwazisa kwethu ngothando olukhulu uJehova asithanda ngalo futhi uzisebenzise? (1 Joh. 4:16) Njengoba wenza kanjalo, uyovuna izibusiso eziningi.