Kuphaphamele Ukuthola Abantu Abayizithulu Ensimini Yenu
1 UJehova ukhipha isimemo: “‘Woza!’ . . . Nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAm. 22:17) Inani elandayo labantu abayizithulu liphakathi kwalabo abasabelayo kulolu bizo. Ngenxa yalokho, phakathi neminyaka embalwa edlule, kuye kwamiswa okungenani amaqembu ayisithupha abantu abakhuluma ngezandla ensimini engaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika.
2 Nakuba amaqembu abakhuluma ngezandla egxilisa yonke imizamo yawo yokushumayela ekutholeni abantu abayizithulu nabangezwa kahle emasimini awo, kunabaningi abanjalo okusafanele batholakale futhi kufakazwe kubo kuleli zwe.
3 Ungasiza Kanjani? Lapho usezindaweni zomphakathi, ingabe uke wababona abantu bekhuluma ngezandla? Ingabe ukhona omaziyo lapho usebenza khona noma lapho ufunda khona onelungu lomkhaya eliyisithulu? Kuphaphamele ukuthola labo abayizithulu njengoba wenza imisebenzi yakho yansuku zonke. Kodwa ungaqinisekisa kanjani ukuthi bayobuthola ubufakazi ngoMbuso?
4 Ukwethula Ubufakazi: Yazisa iqembu eliseduze labakhuluma ngezandla ukuthi ukuphi lowo muntu oyisithulu. Okwamanje kunamaqembu abakhuluma ngezandla kula mabandla alandelayo: E-Assagay, eBrixton, eConstantia, e-Eersterus, eKatutura South (eWindhoek) naseNorkem Park. Abaningi abayizithulu bayashesha ukuthuthuka ekufundeni iqiniso uma bekwazi ukuhlangana noFakazi abayizithulu emihlanganweni yebandla eqhutshwa ngolimi lwezandla. Ngakho-ke, uma kuneqembu labakhuluma ngezandla endaweni yangakini, unobhala webandla lakini kufanele athumele ukwaziswa ngabo bonke abantu abayizithulu ensimini yenu. Abadala bangase bacabangele izindlela abangabasiza ngazo abakhuluma ngezandla ukuba babe khona emihlanganweni eqenjini eliseduze labakhuluma ngezandla.
5 Kuthiwani uma kungenamuntu oseduze ongabanika usizo olungokomoya abantu abayizithulu emphakathini wakini? Ungasiza kanjani? Kungani ungenzi impindelo, ukhulume nanoma yimaphi amalungu omkhaya ezwayo? Cela ukubabonisa i-video yabakhuluma ngezandla ukuze uvuse isithakazelo kumuntu oyisithulu. Abanye abamemezeli baye bafunda ulimi lwezandla ukuze bakwazi ukufinyelela abayizithulu ngokuphumelelayo. (IzE. 16:9, 10) Incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi ziyatholakala nge-video ye-American Sign Language, futhi incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo iyatholakala nge-British Sign Language. Ukuqhuba izifundo zeBhayibheli kusetshenziswa la mathuluzi kakade sekuveza imiphumela eminingi emihle.
6 Ngokuhlala ukuphaphamele ukuthola abantu abayizithulu endaweni yangakini, ungase ubanikeze ithuba lokuthatha amanzi okuphila mahhala.—Math. 10:11.